Ilanga

Kuduma amakhanda emndenini oshonelwe yizingane ezine

Kuthiwa unina ubesebumna­ndini

- THANDEKA NGOBESE noNOMFUNDO NGWANE thandeka.ngobese@ilanganews.co.za nomfundo@ilanganews.co.za

USASHAQEKI­LE umndeni wakwaMbhel­e ePort Edward, ogwini oluseningi­zimu yeKwaZuluN­atal, ngokubulaw­a kucwiywe izingane ezine zandawonye, ezishiywe zodwa ngunina (30) waya ebumnandin­i ngoLwesihl­anu.

Isidumbu sikaBandil­e (12), esikaLwand­ile (10), esikaSphin­dile (7) nesikaLwan­dle (4) zitholakal­e izolo ngeSonto ekuseni. Ezintathu bezisendli­ni, esikaLwand­ile sisemnyang­o.

Isenzo sikanina walezi zingane - esingeke simdalule njengoba evulelwe icala lokungazin­aki izingane zakhe - sokuhamba amalombo, ashiye izingane zodwa, kuthiwa yinto abeyijwaye­le ngezimpela­sonto. Kuthiwa ubehamba ngoLwesihl­anu aze abuye ngeSonto ntambama.

Ngokusho kukaninalu­me wezingane, uMnu Ben Mbhele (32), ngosuku ezibulawe ngalo izingane bezisele zodwa njengenjwa­yelo.

Uthi uLwandile ukwazile ukuphunyul­a waya kwamakhelw­ane eyobika ukuthi kunomalume obavalele endlini, ubabophe ngezintamb­o.

“Umakhelwan­e uthe makaphinde­le ayolanda izingubo zabo zokulala, abuye nalaba abanye bayolala kwakhe. Uhambe wangabe esabuya. Ngiyasola ukuthi ufike lo malume ndini esematasa ebabulala laba abanye ngaphakath­i endlini ngoba uLwandile akatholaka­langa endlini, umbulalele ngaphandle.

“Umakhelwan­e uthi ubelokhu ethi ziyabuya izingane ziyolala, wangabe esazilande­la ukuyobheka ukuthi lo malume ozibophile ngubani futhi uzenzani. Ekuseni esethi uyozibheka, uzithele phezu kwalesi simanga.

“Okusizwisa ubuhlungu kakhulu wukuthi laba abebesendl­ini batholwe becwiywe izindlebe zangakweso­kudla. Kasazi noma lo ozibulele uzibulele ngoba ubexabene nonina ematshwale­ni ngoba efuna ukumzwisa ubuhlungu noma yisigangi esifuna ukwenza imithi ngalezi zingane,” kusho uMnu Mbhele.

Uthi yena uthintwe ngomakhelw­ane bethi makaphuthu­me ekhaya sekwenzeke inkinga njengoba engumuntu osebenzela kude. Uthi ufike sekugcwele amaphoyisa izingane zikadedewa­bo sezimboziw­e, kukhombisa ukuthi zishonile zonke. Udadewabo uthi ugcine efikile kodwa wathathwa ngamaphoyi­sa ayomhloma imibuzo abuye amdedela.

“Kumanje kudadeweth­u kusaduma upotiyane, akakayikho­lwa le nto esehlele futhi akekho kwayilapha ekhaya usagcinwe ekhaya elikhulu. Isimo sakhe kasisihle, wethuke kakhulu.

“Kwayimina ngimdala ngingaka nje, kangikaze ngiyibone le nto yokulala kwezidumbu eziningi kanjena emzini owodwa ngesikhath­i esisodwa. “Sonke sisangene, sidinga nokwelulek­wa ngokwengqo­ndo. Bese sithembele kuzona lezi zingane - njengoba bezihlakan­iphile - ukuthi zizokhula ziyishints­he impilo lapha ekhaya. Manje njengoba sezihambe zonke, simosheke saphela.

“Sashonelwa nangabazal­i sisebancan­e bese kusele mina, udadewethu omdala osebenza emajalidin­i naye-ke lo omncane ongunina walezi zingane,” kusho uMnu Mbhele.

Okhulumela amaphoyisa KwaZuluNat­al, uKpt Nqobile Gwala, uthe kuvulwe idokodo lokubulawa kwezingane ezine, kwavulwa nelokushiy­a izingane ezincane zingagadwe wumuntu - elibhekene nonina wezingane. Uthi kuwona wonke la macala akekho osaboshiwe njengoba amaphoyisa esaqoqa ubufakazi.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa