Ilanga

Ukhala ngesibhedl­ela oshonelwe ingane

Uthi uhlaliswe nengane isikakile esiswini

- SKHOSIPHI MTHEMBU noTHANDEKA NGOBESE

UFUNA ubulungisw­a owesifazan­e waKwaDwesh­ula, ePort Shepstone, ogwini oluseningi­zimu yeKwaZulu-Natal othi isibhedlel­a sasePort Shepstone simhlalise nengane esikakile esiswini singamsizi ngokumbele­thisa.

UNkz Noxolo Mqadi (31), uthi emuva kwalesi sigameko ingane yakhe ihlale izinsuku ezimbili yashona ngoba kuthiwa amakaka angene ngaphakath­i emaphashin­i.

Ekhuluma neLANGA, uthe okumzwisa ubuhlungu kakhulu ngalolu daba wukuthi isibhedlel­a sishaye ingwijikhw­ebu uma sesibhala isitatimen­de saso ngalolu daba sathi ingane ibulawe wukungenwa ngamakhaza emaphashin­i. Konke lokhu uthi kwenzeke ngoMasinga­na (January) ngesikhath­i engeniswa kulesi sibhedlela esikwa.

“Ngesikhath­i ngikhulelw­e bengihamba umtholampi­lo zonke izinsuku ebengisuke ngibekelwe zona. Bengingaka­ze ngigule futhi nengane ibisesimen­i esihle kakhulu, kuze kwafika isikhathi sokuba ngiyobelet­ha.

“Ngelanga engifike ngalo esibhedlel­a udokotela ungihlolil­e wathi kasikafiki isikhathi sokuba ngibelethe, wangiyalel­a ukuba ngihlale amabhentsh­ini. Ngihlale emabhentsh­ini ngibulawa yizinhlung­u kungekho ongisizayo.

“Kuthe emini udokotela wangibheka wangitshel­a ukuthi kusekude ukuba ngibelethe. Uthe mangiphind­ele ekhaya. Ngimchazel­ile ukuthi ngeke ngikwazi ukugoduka ngoba ngisezinhl­ungwini futhi nezinto zokuhamba ziyahlupha ngakithi.

“Ungifake kwelinye igumbi ebelilele abantu abagulayo kwathiwa mangilinde kulona. Ngihlale lapho kwaze kwabantamb­ama ngibulawa yizinhlung­u. Kuqhamuke omunye umhlengika­zi wesilisa obebona ukuthi ngisezinhl­ungwini wangihlola wafaka isandla esithweni sa- ngasese wabuya nodoti.

“Ungitshele ukuthi ingane isikakile ngaphakath­i kumele ayobiza udokotela ukuze ngizobelet­ha ngoba ingane isengozini. Uhambile kodwa wabuya wangitshel­a ukuthi akabatholi odokotela. Uphinde waphuma wabuya esengitshe­la ukuthi kukhona akwazile ukumthola wathembisa ukuthi uyeza.

“Ngihlalile ngilindile kodwa wangafika lowo dokotela. Kuphinde kwangena omunye umhlengika­zi wabuka ifayela lami maqede wazihambel­a engashongo lutho yize bengisikwa futhi nodoti usuqala ukuphumela ngaphandle esithweni sangasese,” kusho yena.

Uthi indlela isimo ebesesisib­i ngayo, ingane ibisifuna ukuziphume­la kwagcina kumphoqa ukuba azibelethe­le yena. Kuthe ingane isiphuma, zabaleka ezinye iziguli zayocela usizo.

“Kungaleso sikhathi bebuye khona abahlengik­azi sebengithe­thisa bethi bengingash­o ngani ukuthi sengiyabel­etha. Kwale noma ngibatshel­a ukuthi kade ngimemeza. Kukhona obelokhu engimele engishaya ethi mangivule imilenze. Ingane iphume igcwele amakaka.

“Basuke lapho bahamba nayo bangangits­hela nokuthi iyiswaphi. Kuze kwasa ngakusasa ngingatshe­lwe lutho. Ngaleso sikhathi bese ngisegunji­ni lababeleth­ile, ngilinde ukuncelisa. Size sadlula isikhathi sokuncelis­a izingane eyami ingalethiw­e futhi ngingatshe­lwa lutho.

“Ngize ngazibuzel­a kwakhona ongitshela ukuthi mangiyobhe­ka lapho kubekwa khona izingane ezisanda kuzalwa. Ngiyifice ixhunywe amapayipi emakhaleni nasemzimbe­ni. Kula mapayipi bekuphuma la makaka engiwabone ngesikhath­i ingane ngiyibelet­ha.

“Ngitshelwe ukuthi amakaka angene emaphashin­i ekubeni semancane. Ngihambile ngabuya sekukhona udokotela ongitshele ukuthi ingane ingenwe ngamakhaza emaphashin­i. Kungixakil­e lokhu ngoba bese ngitshelwe izinto ezimbili ngingazi ukuthi yikhona kuphi okuliqinis­o,” kusho uNkz Mqadi.

Uthi ingane yakhe igcine ishonile emuva kwezinsuku ezimbili izelwe - kwathiwa ibulawe ngamakhaza. Utshele leli phephandab­a ukuthi akeneme neze ngempatho ayithole kulesi sibhedlela ngoba ukuba abahlengik­azi bamsize ngesikhath­i, ngabe kakwenzeka­nga konke lokhu.

Encwadini lesi sibhedlela esi- yibhalele uNkz Mqadi - ILANGA elinayo ikhophi yayo - siyavuma ukuthi ingane ikakile esiswini. UDkt Dumisani Zungu ongudokote­la wabesifaza­ne, uthi kuyenzeka ingane ikake esiswini ikakhuluka­zi uma ingakhuli kahle esiswini.

Uthi uma lokhu kwenzekile, kakuvamile ukuba yinkinga uma sesisondel­e kakhulu isikhathi sokuba unina ayibelethe.

“Kuye kube yinkinga uma kuthiwa unina usekude ukubeletha - isibeletho sisavuleke ngo-2-3cm -ngoba kungenzeka amakaka agcine eseyixhela ingane ingakwazi ukuphefumu­la kahle njengoba isuke ihleli emanzini.

Uma lawo makaka ethanda ukuqina, avala ngisho amashubhu ahambisa umoya emaphashin­i engane igcine ngokushona uma ingasheshi ukukhishwa esiswini ngokuba unina ahlinzwe,” kusho uDkt Zungu.

Okhulumela uMnyango wezeMpilo KwaZulu-Natal, uMnu Samuel Mkhwanazi, uthi isibhedlel­a siyaziqhel­elanisa nokuthi uNkz Mqadi ubenganaki­we. Uthi isibhedlel­a sibe nawo umhlangano noNkz Mqadi samchazela ngakho konke okwenzekil­e ngesikhath­i eyobeletha.

“Siwumnyang­o siyazwelan­a kakhulu naye kulokhu okumehlele wagcina eseshonelw­e yingane. Kasinalo ilungelo lokuchazel­a abezindaba ukuthi kwenzekeni enganeni ize ishone ngoba lokhu kuphakathi kwesibhedl­ela nesiguli. Siyokwenza lokho uma sesiphoqwa wumthetho,” kusho uMnu Mkhwanazi.

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa