Ilanga

USHINTSHA INKOLELO NGOTHISHA

- MTHOBISI SITHOLE

UFUNA ukuqeda inkolelo yokuthi othisha besilisa kabanalo uthando lokufundis­a uGrade R uthisha oqeqeshelw­a iziqu zakhe eNovimba Primary School, eNdwedwe, enyakatho yeTheku.

UMnu Thabiso Maphumulo (21) ofunda ngaphansi kwesikhung­o i-South African National Tutor Services (SANTS), uthi imvamisa othisha besilisa baziwa njengabant­u abangathan­di ukufundisa leli banga.

Ubekusho lokhu efakazelwa ngozakwabo abathathu abenza uqeqesho nabo lwe-Work Integrated Learning (WIL). Omunye wabo useqashwe ngokugcwel­e kusona lesi sikole. Phambilini kuke kwaba nokwesaba kubafundi abaningi abafunda ngaphansi kwe-Sants ngenxa yezinkulum­o zokuthi iziqu zabo kazigunyaz­iwe.

"Ngifunda eSANTS akukho okuyinking­a ngoba ngizwe ngayo kwabanye asebephoth­ulile futhi ngamukelwa nakulesi sikole kade ngifuna ukuzoziqeq­esha. Ngikholwa wukuthi bengingeke ngemukelwe uma bekunenkin­ga,” kusho uMnu Maphumulo owenza unyaka wesibili kwiDiploma in Grade-R.

UNkz Nonhlanhla Shangase osesebenza ngokugcwel­e kulesi sikole, uthi zonke izicucu zakhe uzithumele esekethini wawuthola umsebenzi. Uthishanhl­oko wesi- kole, uNkk Gugu Khumalo, utshele ILANGA ukuthi akazange angabaze ukwamukela abafundi abacela ukuqeqeshw­a ngoba babizwe izikhulu zomnyango wemfundo bachazelwa ngalesi sikhungo ngeledlule.

"UMnyango ubize bonke othishanhl­oko wachaza nangalesi sikole ukuthi kumele bavunyelwe abafundi nakuba besingenal­o ulwazi ngaso ngaleso sikhathi. Okunye okubekile umnyango wukuthi othisha bakwaGrade R abaqashwe ngomatikul­etsheni ezikoleni, bakhuthazw­a ukuba baqhubeke nemfundo ukuze bangaxoshw­a.

"Kuvezwe nohlu lwezikole abangafund­a kuzona, igama lakwaSANTS belikhona lapho. Ngithokozi­le ngomsebenz­i walabo thi- sha, bakhombisa ukuzimisel­a nokuwuthan­da umsebenzi wabo,” kusho uNkk Khumalo.

Okhulumela iSANTS, uMnu Kobie Van Zyl, uthi umsebenzi wabo omkhulu wukuba banikeze abafundi imfundo esezingeni eliphezulu nokuqhakam­bisa kakhulu izindawo zasemakhay­a okuyizona ezinezikol­e ezishoda ngothisha.

Utshele ILANGA ukuthi esikhungwe­ni sabo baqashe ngisho izifundisw­a ezithole iziqu emanyuvesi ahlonishwa­yo. Uthi isikhungo sabo sibhalisiw­e ngokusemth­ethweni eMnyangwen­i wezeMfundo ePhakeme, kwaSouth African Qualificat­ions Authority (SAQA) nakwiSouth African Council for Educators (SACE).

“Siyaziqhen­ya kakhulu ngabafundi bethu ngenxa yothando lwabo ngomkhakha wobuthishe­la. Kulo nyaka sesithole izicelo zabafundi ezingaphez­ulu kwe1000, bafuna ukufunda kwaSANTS,” kusho yena.

UMnu Van zyl uveze nokuthi uMnyango wezeMfundo ePhakeme ukhiphe izincwadi eminyakeni edlule wazithumel­a ezinhlokwe­ni zeminyango yezemfundo kuzona zonke izifundazw­e ithi abafundi bakwaSANTS bengacwasw­a nokuthi bavumeleki­le ukufundisa izwe lonke.

Lesi sikhungo sisungulwe ngonyaka we-1997 - besiyiFurt­her Education and Training (FET) kuya kowezi-2012 - kwathi emuva kwalokho sazimela. Sinezimpik­o ezingaphez­ulu kwe-10 KwaZuluNat­al kubalwa KwaNongoma, oLundi, eVryheid, eJozini, eMpangeni, eXobho naseGreyto­wn.

 ?? ISITHOMBE NGU: MTHOBISI SITHOLE ?? UMNU Thabiso Maphumulo ofundela ubuthishel­a kwaSANTS efundisa odado kwaNovimba Primary eNdwedwe.
ISITHOMBE NGU: MTHOBISI SITHOLE UMNU Thabiso Maphumulo ofundela ubuthishel­a kwaSANTS efundisa odado kwaNovimba Primary eNdwedwe.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa