Utholwe enqunywe uqhoqhoqho
Kusolwa umbango wamasimu noninalume
USABAMBE ongezansi umndeni wakwaHlophe eBrema, eMzinto, eningizimu yeKwaZulu-Natal ngelunga lawo elitholwe linqunywe uqhoqhoqho emuva kokuba libenengxabano noninalume bebanga amasimu.
UMalaleveva Hlophe (45), obeziphilisa ngokulima, utholwe ngoLwesihlanu ngamaphoyisa ahamba nezinja emuva kokuba engabuyanga emasimini ngoLwesine kwaze kwasa umndeni wakhe umfuna ungamtholi.
Kusolwa uninalume - esiligodlile igama lakhe aze avele enkantolo - kwazise babenokungaboni ngasolinye ngosuku ashone ngalo. Ngokusho kukaNkk Nobuhle Hlophe (38) oyilunga lomndeni, ngosuku alahleke ngalo uMnu Hlophe, uhambe ekuseni njengenjwayelo waya emasimini.
Kuthe ngezithuba zamadina wabuyela kubo eyodla wabuye waphindela emasimini.
Esephinda ubephethe izithombo nobhushu asebenza ngawo njengoba kule ndawo atshala kuyona kunamahlathi obekudinga awagence.
“Kuze kwahlwa ubhuti engabuyi. Kukhishwe izingane ukuba ziyomfuna kodwa zangamthola kanti zizothi sezibuya zibuze komunye umuntu ukuthi akambonanga yini.
"Zithi lowo muntu uthe ubemi emgwaqweni ophuma emasimini nomalume osolwayo, bekhuluma kucaca ukuthi banokuhilizisana. Uma ebuzwa umalume, uthe naye akakaze ambone ngalolu suku alahleke ngalo.
"Kuthe uma esefonelwa sekukhona namaphoyisa, waphika kodwa wabuye wavuma ngoba lo muntu ombonile emi nomufi ubesefakaza.
"Uphika nje, ngesikhathi ubhuti ezodla emini kuthiwa kukhona abaxoxelile ukuthi yena lo malume ungene emasimini akhe ngogandaganda wabulala izitshalo zakhe,” kusho uNkk Hlophe. Uthi ngaphandle lwalokhu, kunecala elisanda kumlahla umsolwa ebelifakwe nguMnu Hlophe konkosi, emsola ngokusiphula izitshalo zakhe.
“Uma ebuzwa ezinduneni ukuthi ubekwenzelani lokho, umsolwa uveze ukuthi ubhuti utshale phezu kwamathuna akubo. Uma ebuzwa ukuthi ubengakhulumi ngani amazise kunokuba asiphule izitshalo, inkukhu wanqunywa umlomo.
"Icala limlahlile wakhokhiswa u-R1000 kuleyo mali ubesekhokhe u-R400 kuphela. Ubhuti akayithathanga naleyo mali yakhe njengoba wathi uzoyithatha esibondeni isiphelele,” kusho uNkk Hlophe.
Uthi bewumndeni bafe olwembiza ngokubulawa kukaMnu Hlophe njengoba ubewusizo emndenini futhi ubethanda nabantu. Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uCapt Nqobile Gwala, uthe likhona icala lokubulala elivuliwe ngalolu daba kanti amaphoyisa asathungatha umso- lwa.
Uthi umufi utholwe ngamaphoyisa ophiko lwe-K9 ngoLwesihlanu ehlathini enqunywe uqhoqhoqho. Imbangela uthi kayikaziwa njengoba amaphoyisa asenza uphenyo.