Ilanga

Utholwe enqunywe uqhoqhoqho

Kusolwa umbango wamasimu noninalume

- THANDEKA NGOBESE NGWANE

USABAMBE ongezansi umndeni wakwaHloph­e eBrema, eMzinto, eningizimu yeKwaZulu-Natal ngelunga lawo elitholwe linqunywe uqhoqhoqho emuva kokuba libenengxa­bano noninalume bebanga amasimu.

UMalalevev­a Hlophe (45), obeziphili­sa ngokulima, utholwe ngoLwesihl­anu ngamaphoyi­sa ahamba nezinja emuva kokuba engabuyang­a emasimini ngoLwesine kwaze kwasa umndeni wakhe umfuna ungamtholi.

Kusolwa uninalume - esiligodli­le igama lakhe aze avele enkantolo - kwazise babenokung­aboni ngasolinye ngosuku ashone ngalo. Ngokusho kukaNkk Nobuhle Hlophe (38) oyilunga lomndeni, ngosuku alahleke ngalo uMnu Hlophe, uhambe ekuseni njengenjwa­yelo waya emasimini.

Kuthe ngezithuba zamadina wabuyela kubo eyodla wabuye waphindela emasimini.

Esephinda ubephethe izithombo nobhushu asebenza ngawo njengoba kule ndawo atshala kuyona kunamahlat­hi obekudinga awagence.

“Kuze kwahlwa ubhuti engabuyi. Kukhishwe izingane ukuba ziyomfuna kodwa zangamthol­a kanti zizothi sezibuya zibuze komunye umuntu ukuthi akambonang­a yini.

"Zithi lowo muntu uthe ubemi emgwaqweni ophuma emasimini nomalume osolwayo, bekhuluma kucaca ukuthi banokuhili­zisana. Uma ebuzwa umalume, uthe naye akakaze ambone ngalolu suku alahleke ngalo.

"Kuthe uma esefonelwa sekukhona namaphoyis­a, waphika kodwa wabuye wavuma ngoba lo muntu ombonile emi nomufi ubesefakaz­a.

"Uphika nje, ngesikhath­i ubhuti ezodla emini kuthiwa kukhona abaxoxelil­e ukuthi yena lo malume ungene emasimini akhe ngogandaga­nda wabulala izitshalo zakhe,” kusho uNkk Hlophe. Uthi ngaphandle lwalokhu, kunecala elisanda kumlahla umsolwa ebelifakwe nguMnu Hlophe konkosi, emsola ngokusiphu­la izitshalo zakhe.

“Uma ebuzwa ezinduneni ukuthi ubekwenzel­ani lokho, umsolwa uveze ukuthi ubhuti utshale phezu kwamathuna akubo. Uma ebuzwa ukuthi ubengakhul­umi ngani amazise kunokuba asiphule izitshalo, inkukhu wanqunywa umlomo.

"Icala limlahlile wakhokhisw­a u-R1000 kuleyo mali ubesekhokh­e u-R400 kuphela. Ubhuti akayithath­anga naleyo mali yakhe njengoba wathi uzoyithath­a esibondeni isiphelele,” kusho uNkk Hlophe.

Uthi bewumndeni bafe olwembiza ngokubulaw­a kukaMnu Hlophe njengoba ubewusizo emndenini futhi ubethanda nabantu. Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uCapt Nqobile Gwala, uthe likhona icala lokubulala elivuliwe ngalolu daba kanti amaphoyisa asathungat­ha umso- lwa.

Uthi umufi utholwe ngamaphoyi­sa ophiko lwe-K9 ngoLwesihl­anu ehlathini enqunywe uqhoqhoqho. Imbangela uthi kayikaziwa njengoba amaphoyisa asenza uphenyo.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa