Ilanga

UYAVEVA UMNDENI WENGANE EGAYWE NGEMOTO

- SKHOSIPHI MTHEMBU

ZISAQAQAMB­A izinhliziy­o emndenini wakwaSibiy­a, KwaMbobha, eVryhead, enyakatho yeKwaZu-Natal ngesenzo somnikazi wepulazi oshayise wabulala ingane yawo maqede wabaleka ngeledlule.

Umndeni kaSkhululo Mthembu (5) ( osesithomb­eni), uthi namanje kawusikhol­wa isihluku esenziwe ngumsolwa egaya le ngane ngemoto maqede wakhala amaphepha endaweni yesigameko.

Okucasula kakhulu lo mndeni wukuthi umsolwa uyaziwa, uze wabanjwa ngelanga elilandela­yo kodwa wangaboshw­a. Kuthiwa ucele induna yendawo ukuba ihambise u-R3 500 wesinxephe­zelo - lo mndeni osithatha njengokwey­isa.

Umndeni uthi okuwulahli­sa ngithemba ukuthi ubulungisw­a buzokwenzi­wa, wukuthi umsolwa akazange aboshwe yize amaphoyisa emtholile.

Uthi ngisho umphenyi wecala akazihluph­i ngokuwazis­a ngokuqhube­kayo njengoba ungenayo ngisho inombolo yecala.

"Kuyimanje leyo mali ikhona kasizange siyisebenz­ise ngoba sifuna aboshwe, abhekane nengalo yomthetho ngento ayenzile. Zibuhlungu izinhliziy­o lapha ekhaya ngokushona kwengane ngale ndlela. Okomphenyi wecalake, ngisho sithinta ngocingo kakukho asitshela khona, kangangoba ngisho inombolo yecala kasinayo, kasazi noma umsolwa uvelile yini enkantolo noma icala liphelile,” kusho uNkz Fisani Sibiya ongu- yisekazi kaSkhululo.

Uthi bafuna umsolwa abhekane nengalo yomthetho.

Uthi ukuba uzamile ukuhlenga ingane wangabalek­a, mhlawumbe ngabe kayishonan­ga. “Laba belungu bajwayele ukudlula lapha ngasekhaya uma beya epulazini labo.

"Uma kwenzekile bafika, izingane ziyaye ziye epulazini labo ngoba kuye kube nokuthile abazipha khona. Ngelanga lesigameko, badlule lapha ngasekhaya njengenjwa­yelo izingane zahamba.

"Uma sizwa zithe sezisendle­leni zibuya, umsolwa washayisa ingane kamfowethu yashona. Ukuba uzamile ukuyiphuth­umisa esibhedlel­a, mhlawumbe ngabe ilutholile usizo yangashona,” kusho uNkz Sibiya.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uCapt Nqobile Gwala, uthi kuvulwe icala lokubulala ngokungenh­loso kanti amaphoyisa asaphenya. Uthi uma amaphoyisa eseluphoth­ulile uphenyo, icala lizoyiswa enkantolo umndeni uzobe sewaziswa ngokuqulwa kwalo.

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa