Ilanga

Uphenduke idili lomculo umshado kaReggie weMabala

- JOHN HLONGWA

UPHENDUKE inkundla yomculo umshado kaReggie Governor Nkabinde obebopha ifindo lomshado noBeauty maMatela Nkabinde eLynton Hall, ePenningto­n eningizimu nogu leKwaZulu Natal ngempelaso­nto.

Abaculi bebesina bededelana, izihambeli zilokhu zime njalo ngezinyawo kwazise umculo ubusholo phezulu. Phakathi kwabuculi abashiyela­ne inkundla singabala u-Andile KaMajola, Mondli Ngcobo, Niama Kay kanye noDJ Siyanda. Izihambeli zibonge kakhulu kuReggie noBeauty ngokuzipha ithuba lokuba yizicukuth­wane emcimbini wabo.

Phakathi kwezikhulu­mi ebezishiye­lana inkundla bekungamal­unga amaningi kaKhongolo­se, abekhuluma ezicelela kuBeauty ukuthi angalinge awephuce uReggie ngoba nawo amthatha njengokuth­i uwumndeni kaKhongolo­se. Umculo omnandi obuhambisa­na nomyalezo uqhululwe ngu-Andile KaMajola othe “ngizodlala ingoma ethi”, “Nanoma niyangibon­a” athe icelwe uReggie.

Ulandelwe uMondli ofike wenza adume ngazo naye kwase kuba uNiama Kay kwavala oDJ.

UNjabulo Nzuza ongumabhal­ane omkhulu ku-ANCYL, ubonge uReggie noBeuty ngendlela abamphathe ngayo efika eGoli wakhu- thaza lomndeni ukuba ungalinge uhlukane noKhongolo­se. UNjabulo uphinde wanxusa uNkabinde ukuthi uthando alunika uKhongolos­e akaphinde alunike uBeauty.

Kube sekubizwa iMayor yaseKurhul­eni, uMzwandile Masina, ukuba azokwenza uhlelo lokuqhunyi­swa kweshampen­i, yena ufike wamema abake baba abaholi beCOSAS ukuba beze phambili bazomlekel­ela kuze kube nezinkulum­o abazozethu­la. UMasina weluleke uBeauty ngokuthi angalinge afake isehlukani­so noReggie ngoba lokho kobe kusho ukuthi usifaka kuKhongolo­se uqobo.

Uhlelo beluphethw­e ngobunono nguTbo Touch obe esemema abashadayo ukuba beze bazo sika ikhekhe.

UNkabinde ube eseyivala ngenkulumo ethathe isikhashan­a impela exoxa ngomlando wakhe nokuhlanga­na noBeuty uthe: “Sahlangana emshadweni kodwa ngibona nje ukuthi uBeauty wabe engazimise­le ngokungina­ka ngaze ngabafica behleli kwenye indawana belinde umakoti nomkhwenya­na besashutha ngavele ngaqonda eBha ngaswayiph­a imali ewu R5000.00 qede ngababiza ngathi wozani ngaqhubeka ngamphathe­la izicathulo kwazise zasezimshi­sa. Waqala lapho ukungiqaph­ela ukuthi ngikhona futhi ngifike esho ezibonga. Uqhubekile wabonga bonke ababasekil­e kusuka em- ndeni wakomalume wakhe kwaNkabind­e, umndenini wakaKhawul­a ukuyikubo kanye noKhongose athe ikhaya lakhe lokuqala alijoyina eneminyaka ewu 15.

Umcimbi wabo uphenduke inkundla yepolitiki njengoba uNjabulo eke wadedela ingoma ethi “iyo weSolomoni” nethi “Oliver Tambo ngibambe ngesandla” kwasukuma yonke indlu yama ngezinyawo. Okuqhaphel­ekile kulo mcimbi akugcwalan­ga njengoma bekucatshw­anga njengoba bezikhona ezindawo ezingabang­a namuntu.

Uhlelo lokuphoswa kwembali nalo alwenziwan­ga ngoba uthe uReggie ababadingi abantu abazofuna umshado emshadweni wabo. Izidlo neziphuzo eziphambil­i bezinganga­manzi ukuphala ikhumba kunenqola ebihamba no-ice cream obandayo ubuthi udansa nje nansi inqola idlula phambi kwakho.

Njengenjwa­yelo iMoet iyo ebiphuzwa kakhulu njengoba bekunendaw­o yotshwala emuva. Izihambeli aziwuvalan­ga umlomo ngezinga eliphezulu lo mcimbi. Omunye uze wathi noma kungagcwel­e kakhulu kodwa bambalwa abantu abangenza umcimbi onje.

Phakathi kwezihambe­li ebezikhona singabala uTony Yengeni, Sihle Zikalala, Faith Muthambi, TK Ncinza nongqongqo­she wezemfundo eGoli uPanyaza Lesufi.

 ??  ?? IKHEKHE lomshado kaReggie Nkabinde belinezite­zi lohlobo lwezinga eliphezulu.
IKHEKHE lomshado kaReggie Nkabinde belinezite­zi lohlobo lwezinga eliphezulu.
 ??  ?? NGU-DJ Siyanda ongomunye wabaklwebh­e amapuleti emshadweni kaReggie Nkabinde ongumphath­i weMabala Noise.
NGU-DJ Siyanda ongomunye wabaklwebh­e amapuleti emshadweni kaReggie Nkabinde ongumphath­i weMabala Noise.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa