Ilanga

Utuse ukubekezel­a komkakhe umphathi weNsimbini Lifestyle

- KNOWLEDGE SIMELANE

UTUSE ukubekezel­a nokuzinike­la komkakhe usomabhizi­nisi onendawo yobumnandi ewubukhazi­khazi iNsimbini Lifestyle eseFolweni eningizimu yeTheku esiphihlin­i sedili lomgubho wosuku lokuzalwa kwakhe abemenzele sona kulendawo ngoMgqibel­o kusihlwa.

UMnu Mlungisi Makhanya ukhulume kanje emcimbini abewenzele umkakhe uNkk Pinkie Makhanya obegubha iminyaka engama-30 azalwa futhi ebonga ukuqeda iminyaka eyi-14 babopha elikasofas­ilahlane.

Umcimbi uqale ngokuba kudliwe kwaphuzwa iziphuzo ezibandayo, izihlobo nabangani bakaNkk Makhanya iningi lazo ebeliyizid­udula lidlubhe ezimhlophe okungaba ngamabhulu­kwe noma izingubo.

Kuthe kushaya ihora lesi-9 kusihlwa waqala umcimbi uhlelo luphethwe nguSindy Makhanya ziduma ngengoma.

UNkk Makhanya abambiza ngoSiSi Pinkie bonke ungene edlubhe ezibubende edansa ekhasa phansi, kucaca ukuthi uyiNu ezalwayo futhi inhliziyo imhlophe okwezihlab­athi zolwandle.Ube esehlala phansi emamatheka ubala izikhulumi zonke zituse ukubeke-zela kwakhe kepha umyeni wakhe nguye ovale ngehlahla ebabaza isibindi sakhe ekubeni afika ese- mncane.

“Sithandane naye esemncane eneminyaka eyi-17 nje vo ngikhumbul­a kahle ngimbona egqoke ibhulukwe kwaba nzima engangitha­ndi kepha ngasizwa yisihlobo sakhe.

“Ngiyambong­ela ngosuku lwakhe lokuzalwa wayibamba ishisa lensimbi, abanakwabo abagane kithi bayazi ukuthi kuphilwa kanjani la kwaMakhany­a. Ubekezelel­e izinto eziningi esesidlule kuzo ngiyamtusa kakhulu,” kuphetha uMakhanya obe esemhlaba ngesinqand­i esivuthayo kwabaleka izingane zabo ebezilapho.

Ezibongela uPinkie usukume ngengoma yesonto ethi “Nkulunkulu uthando lwakho “wathi njengoba eseshilo umyeni wakhe ukuthi badlule ebunzimeni ukhulume iqiniso, kepha wathi ukuba uNkulunkul­u wayengekho ngakuye ngabe akekho lapha ekhona. Ube esebonga umyeni wakhe nezihlobo nabangani kwasikwa inguzanguz­a yekhekhe.

Ngaphandle oDJ bebenza abadume ngazo kuze kwashaya ihora le-11 kusihlwa izimoto zilokhu zingenile kugcwele.

Kubonakele ukuthi abantu abazungeze iFolweni sebethole ikhaya labo kwazise izinga leNsimbini Lifestyle liphakeme lithi malicele kwelaseYad­ini nakoMax's Lifestyle.

 ?? IZITHOMBE NGU: KNOWLEDGE SIMELANE ?? UNkk Pinkie Makhanya weNsimbini Lifestyle eFolweni egubha usuku lwakhe lokuzalwa ehlanganis­a iminyaka engama-30. Ubeselungi­selela ukusika ikhekhe.
IZITHOMBE NGU: KNOWLEDGE SIMELANE UNkk Pinkie Makhanya weNsimbini Lifestyle eFolweni egubha usuku lwakhe lokuzalwa ehlanganis­a iminyaka engama-30. Ubeselungi­selela ukusika ikhekhe.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa