Ilanga

IKHUTHAZE INTSHA KWEZEMIDLA­LO INKOSI YAKWABUTHE­LEZI

- PHUMLANI GAMA

IGQUGQUZEL­E intsha engaphansi kukamasipa­la wayo ukuba ezemidlalo izishebe nemfundo iMeya yaseZulula­nd, enyakatho yeKwaZulu-Natal, iNkosi Mzamo Buthelezi ngesikhath­i ikhuluma nabezindab­a enkundleni yezemidlal­o yasoNdini ngoMgqibel­o njengoba bekunemidl­alo ebizwa ngeMayoral Cup - ngaphansi kweZululan­d.

Kulesi sigcawu sabezindab­a, iNkosi Buthelezi ichaze umasipala wayo njengobhek­ene nenkulu ingwadla yokuswelek­a kwamanzi ngenxa yesomiso esihlasele ezindaweni eziningi. Ikhulume kabanzi nentsha iyinxusa ukuba ikhuthalel­e imfundo ngoba iwukhiye wokuvula iminyango eminingi emhlabeni.

“Namuhla sizodlala kodwa singakulib­ali ukuthi sinezinkin­ga eziningi lapha eZululand njengoba isomiso sihlasele ngalolu hlobo. Kukho konke lokhu, sicela intsha yethu ukuba ingagxili kwezemidla­lo kuphela kodwa ifunde ngoba kayikho into ebaluleke ukwedlula imfundo. Siyacela nakubazali emakhaya ukuba beseke izingane ngokwemfun­do.

"Zingane zethu, sikhona ukuneseka ukuze nifeze amaphupho enu. Noma ngabe ulidlala kanjani ibhola okanye akekho omelana nawe eringini yesibhakel­a, uma ungafundil­e kawuphelel­e. Siyacela ukuba nilisebenz­ise ithuba lokufunda,” kunxusa inkosi eyiseke- la-mengameli kwiNkatha Freedom Party (IFP). Ithi kuyisifiso sikaMasipa­la iZululand ukuba kwakhiwe isikhungo sokuqeqesh­a abatshuzi njengoba kungekho ngisho nesisodwa kulesi sifunda kanti naseMkhany­akude kasikho. “Siyafisa ukuba sibe nabatshuzi endaweni ngoba kuyaye kwenzeke uzwe kuthiwa sekuminze ingane emfuleni. Igcina isiphangal­ele ngenxa yokuthi sisuke silindele abantu abasuka kude kanti ukuba sinabantu bethu bekungaba ngozi makhaza. Okunye okusemiqon­dweni yethu wukuba sithathe intsha yalapha emakhaya iyoqeqeshw­a ezindaweni ezinazo lezi zikhungo,” kusho iNkosi Buthelezi.

Ithi nakuba ekhona amanzi asemifulen­i kodwa kawakulung­ele ukuba angaphuzwa ngabantu. Inkosi kayigcinan­ga lapho, isongele ezinye izifunda zomasipala yathi zizoluthez­a olunenkume emidlalwen­i South African Local Government Associatio­n (SALGA) ezokuba seRichards Bay ngoZibandl­ela (December) nonyaka. Ithe isho lokhu nje ngoba abadlali bayo kabayona imifece nje kodwa bamelana nabo bonke ubunzima.

 ?? ISITHOMBE NGU: PHUMLANI GAMA ?? INKOSI Mzamo Buthelezi edlubhe ezomkhalam­bazo, ithathwe nengxenye yentsha ebibambe iqhaza emidlalwen­i yeMayoral Cup yaseZulula­nd ngoMgqibel­o.
ISITHOMBE NGU: PHUMLANI GAMA INKOSI Mzamo Buthelezi edlubhe ezomkhalam­bazo, ithathwe nengxenye yentsha ebibambe iqhaza emidlalwen­i yeMayoral Cup yaseZulula­nd ngoMgqibel­o.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa