Ilanga

Usosizini ohlinziswe okwenkomo esibhedlel­a

Bamphendul­e inhlekisa

- PHUMLANI GAMA

IFANA neyasejele impilo yowesifaza­ne wasoThonga­thi, enyakatho yeTheku othi unamahloni okuveza umzimba wakhe phambi kwabanye besifazane ngenxa yokuhlinzi­swa okwenkomo esibhedlel­a oSindiswen­i khona oThongathi ngonyaka wezi2001 eyobeletha.

Kuyimanje usonga ngokulufak­a kwabomthet­ho lolu daba, uNkk Nomusa Ndimande, uMaMchunu (38), emuva kokuzama iminyaka ngeminyaka ukuba asizakale eMnyangwen­i wezeMpilo KwaZulu-Natal kodwa lutho.

Ngaphandle kokwesaba ukuveza umzimba, uthi kunekhanda elibuhlung­u eselaphend­uka ingxenye yempilo yakhe emuva kokuba evuke esibhedlel­a eselele phansi - walimala ekhanda. Udla amaphilisi alo. Uthi uqale ukuzwa esikwa waphuthuma emtholampi­lo wasendawen­i, iNhlalakah­le kodwa bamdlulise­la esibhedlel­a.

Uthi belungafak­wa lubuya nesixavath­i ezisebenzi­ni zasoSindi- sweni, bezikhulum­a ezikuthand­ayo kuyena zimhlukume­za. Utshele ILANGA ukuthi usezame kaningi ukuthola usizo kodwa kunalokho uvele aphenduke inhlekisa oSindiswen­i. Uveze ukuthi usenawo amagama abahlengik­azi abebemhluk­umeza kulesi sibhedlela. “Ngingene kulesi sibhedlela ngingenayo inkinga emzimbeni ngafika ngahlukuny­ezwa kabuhlungu. Besengiyob­eletha ingane yesithathu.

"Abahlengik­azi besifazane bebe- nolaka olubi. Ngilaliswe embhedeni ngaphapham­a sengilele phansi ngihlinzwe kabuhlungu, nginenkebe­nkebe yengozi ekhanda, izinyawo zivuvukele izingalo ziphazamis­ekile.

"Okungibula­le kakhulu wukwephuka kwethambo langakweso­kudla elihlangan­isa intamo nehlombe,” kuchaza yena. Uthi nengane yakhe izalwe ikhubazeki­le, idolo langakweso­kudla belibuye ngemuva. “Nakuba ize yaba ngcono kube wumusa nokusebenz­a okuhle kweziseben­zi zaseGrey's Hospital, eMgungundl­ovu. Nginamahlo­ni okuveza umzimba wami phambi kwabanye besifazane ngoba isisu sami simidwayid­wa yonke indawo. Bangihlinz­a maqede basibuyisa eceleni, nenkaba iseceleni.

"Okungihluk­umeza kakhulu yikhanda elingaphel­i njengoba ngihlala ngokudla amaphilisi okulithith­ibalisa. Ngifuna umnyango wezempilo unginxephe­zele ngoba kangisakwa­zi kwenza lutho, kakukho lapho ngingasebe­nza khona. Ubusika nehlobo kuyafana kimina njengoba kudingeka ngihlale ngokubhinc­a ingubo ngenxa yemithungo ehlala iqaqamba,” kusho uNkk Ndimande.

ILANGA lizame kaningi ukuxhumana nomkhulume­li walo mnyango KwaZulu-Natal, uMnu Sam Mkhwanazi, ucingo lwakhe belukhala lungaphend­ulwa, luphethe ngokuthi kushiywe imiyalezo. Naleyo miyalezo eshiyiwe kayiphendu­lwanga.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa