LIHLEHLILE ELOSOLWA NGOKUBULALA OKHUBAZEKILE

Ilanga - - Izindaba - PHUMLANI GAMA editor@ilanganews.co.za

LIZONGENA mhla zingama-22 kwephezulu icala elibhekene nosomabhizinisi waseNdabeni, eNgwavuma, enyakathompumalanga yeKwaZuluNatal, uMnu Vusi Kappa Dlamini, elihlehliswe isigubhukane ngeledlule eNkantolo eNkulu yaseNgwavuma.

UMnu Dlamini usolwa ngokuba ngungqondongqondo ekwakhiweni kwetulo lokuthunjwa kubulawe uMnu Mathendele Nsimbi ongumakhelwane wakhe, isidumbu sakhe esitholwe yiphisi lasendaweni phakathi kwamawa asentabeni ehlukanisa iNingizimuAfrika neSwaziland.

Leli cala bekufanele lingene izinsuku ezimbili, okuwuLwesibili noLwesithathu, ngeledlule kodwa lahlehliselwa umhla zingama-22 kuMandulo (September).

Phambilini uMnu Dlamini ugonyuluke lonke iqiniso phambi kwezinkumbi zamalunga omphakathi ukuthi umbulale kanjani umufi - obengaboni emehlweni - ebambisene nomngani wakhe, uMnu Nhloko Mathenjwa, okumanje udonsa iminyaka eli-10 ejele laseNgwavuma.

Amalunga omphakathi abephume ngobuningi bawo ukuyothamela leli cala - bekukhona nezinhlangano zabakhubazekile.

Phakathi kwalezi zinhlangano kubalwa iMagugwana Disabled Organisation yaseNkungwini neZizamele Society For Disabled People yaseManyiseni.

Amalunga omndeni kaMnu Nsimbi abekhona eholwa nguMnu Nkosini Nsimbi ongumfowabo. Kuqhume imikikizo ngesikhathi umsolwa ephuma esitokisini eyongena ebhokisini. Amalunga omphakathi abengaphandle kwenkantolo abelokhu ecula izingoma zomzabalo ezisheba nezaga neziqubulo ezigadla kumsolwa.

Kusolwe umuthi ngokuhlehla kwaleli cala njengoba kuthiwa kunensizwa obungafunga ukuthi idliwa ngamazeze - ingenasinqe - ebilokhu iququda impande phakathi enkantolo.

IJaji DG Ngcobo lihlehlise leli cala ngesizathu sokuthi umphenyi walo ufake isicelo sokuba ayothola ingxenye ethile yobufakazi enkampanini yezokuxhumana eNingizimu Afrika, uVodacom.

Amalunga omndeni kamufi atshele leli phephandaba ukuthi akhathazekile ngezigameko ezenzeka emizini yawo.

UMnu Nkosini Nsimbi uthi bayaye bathole izicucu zemithi eminyango yezindlu uma kuzoyiwa enkantolo.

“Iyasikhathaza eyokuchelwa kwemizi yethu silele ebusuku, kusa kuphalazelwe emnyango wezindlu zethu. Noma ungadlala lo muthi wabo kodwa kalukho usuku olungeke lufike. Nangawo umhla zingama-22 kuMandulo (September) kophezulu, sizobe sikhona, sifuna agwetshwe naye njengoba umngani wakhe edonsa,” kusho uMnu Nsimbi.

ISITHOMBE NGU: PHUMLANI GAMA

BEZIPHUME ngobuningi izintombi emcimbini woMhlanga obuseMachobeni ngoMgqibelo.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.