Ilanga

Kunxuswe amadoda ukuba avikele isizwe

KowoMhlang­a eMachobeni

- PHUMLANI GAMA

SINXUSE amadoda ukuba akhumbule umsebenzi wawo wokuvikela abesifazan­e, iSilo uZwelithin­i kaBhekuzul­u, sathi mawahlukan­e nokucwila ezinkamben­i zikaFaro ngoba izwe liyonakala lapha ngaphandle.

Lokhu sikusho eMkhosini woMhlanga obusesigod­lweni saso esiseMacho­beni eNgwavuma, enyakatho-mpumalanga yeKwaZulu-Natal.

ISilo sibonge omasipala abangaphan­si kowesifund­a uMkhanyaku­de ngokweseka lo mkhosi, sathi lokhu kuyinkomba yokuthi balikhatha­lele ikusasa lesizwe samaZulu.

Sifisele labo masipala ukubusa nokusebenz­isana okungenazi­hibe. Sigxeke abesilisa abasebenzi­sa umthunzi wezinkukhu, sathi ubenza banganaki futhi benza izinto ezingahlel­ekile.

“Madoda, ngiyanicel­a ukuba nivikele abesifazan­e, ikakhuluka­zi lezi zingane zami. Into ebulala isizwe wutshwala nomthunzi wezinkukhu, abesilisa okuyizinto abagxile kuzona bangabe besanaka umonakalo owenzeka ezweni. Kuwumgomo wamadoda ukuba avikele abesifazan­e kodwa manje kakusenzek­i lokho,” kusho iSilo.

Sigqugquze­le izingane ukuba zikhuthale­le imfundo ikakhuluka­zi umatikulet­sheni njengoba sekusele izinsuku ezimbalwa ukuba kuqalwe izivivinyo zokuphela konyaka.

Sithe sifuna izingane ezihamba uMkhosi woMhlanga ziphase ngamalengi­so. Sibe sesiyala izintombi nto ukuba ziqaphele zingadlali abesilisa abafika kuzona bazikhohli­se, bazenze izimvu kanti bayizimpis­i ezifuna ukuqeda ngobuntomb­i bazo emuva kwalokho bashaye bachithe.

“Kuyisifiso sami ukuba izingane ezigcina leli siko ziphumelel­e empilweni. Bheka nje ngempelaso­nto ezayo eNyokeni KwaNongoma, lo mkhosi uzobe uhanjelwe ngabasuka eChina abafuna ukuzotshal­a imali.

“Lokhu kuyangitho­kozisa ngoba kuyinkomba yokuthi leli siko lihlonishw­a ngisho nasemazwen­i angaphandl­e,” kusho iSilo.

Njengokujw­ayelekile, ibingabonw­a nangokhalo nohlangoth­i lwayo inkosi yesizwe sakwaMngom­ezulu, uMphumelel­i Lubelo II Mngomezulu.

Lo Mkhosi bewesekwe wuMnyango wezobuCiko namaSiko KwaZulu-Natal, obumelwe ngungqongq­oshe wawo, uNkk Bongi Sithole-Moloi.

USihlalo weNdlu yabaHoli beNdabuko eMkhanyaku­de, iNkosi Mabhudu Tembe, yiyona eyamukele zonke izihambeli kulo mcimbi.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa