BAKHALA NGOKUBANDLULULWA ABEBEKWI-NFP
AKHALA ngokubandlululwa amanye amalunga eNkatha Freedom Party (IFP) ahlubuke kwiNational Freedom Party (NFP) emukelwa nguMengameli we-IFP, iNkosi uMangosuthu Buthelezi, ngaphansi kwesifunda uMzinyathi, maphakathi neKwaZulu-Natal.
Kunamalunga aleli qembu - elihola uMasipala waseMzinyathi - asezwakalise ukungenami ngokubikwa ukuthi kwenziwa nguNobhala we-IFP eMzinyathi, uNkk Bongiwe Mbatha, obuye abe ngusomlomo kuMasipala waseNdumeni.
Athi ngaso sonke isikhathi uma uNkk Mbatha ekhuluma emhlanganweni, kakuvamisile ukuba angasho ukuthi yena akakhulumike ngabantu abangamahlubuka noma othathekile ngoba akaze ayigcogcomele iNkatha.
Kuthiwa ngisho kunemihlangano emahhovisi eqembu, uyazikhuluma lezi zinkulumo.
UMnu Xolani Nsele, oyisekelanobhala le-IFP eNdumeni, uthi sebekhathele wukufundekelwa ngokuthi bona bangamalabatheka ayekade ehlubukile.
“Ngingomunye obephambili emkhankasweni wokuba kubuyelwe eNkatheni. UMntwana waKwaPhindangene (iNkosi Buthelezi) wayeshilo ukuthi masingabu- zwa ukuthi sibuyaphi, sibuyeleni nokuthi sasihambeleni kodwa kusenamalunga alokhu esibheka kabi.
“Igama lokuthi besihlubukile lihamba phambili eMzinyathi. Kukaningi siyibika ngoba sekufike lapho sikhathala khona,” kusho uMnu Nsele.
Utshele ILANGA ukuthi sebekhathele wukuchukuluzwa nguNkk Mbatha.
Ethintwa uNkk Mbatha ngalolu daba, uthe izindaba zeqembu uzixoxa nalo hhayi kwabezindaba.
Uthe kunezinhloso ezithile zokungcoliswa kwegama lakhe.
“Izikhalazo zibikwa eqenjini, bengingubani mina ongahlukume- za abantu abemukelwe nguMntwana waKwaPhindangene,” kusho uNkk Mbatha.
USihlalo weNkatha eMzinyathi, uMnu Xoximpi Xaba, uthe lolu daba lubikiwe kuyena kodwa bebengakabhungi ngalo ngenxa yokuba matasa nomkhankaso wokhetho lokuchibiyela kuwadi 3 eNdumeni.
USihlalo we-IFP, uMnu Blessed Gwala, uthe uyabuhlonipha futhi uyabethemba kakhulu ubuholi baseMzinyathi ukuthi buzongenelela kulolu daba kodwa uma kuwuthi udaba lungaphezulu kwabo, kuzongenelela ubuholi obuphezulu.