Ilanga

BAKHALA NGOKUBANDL­ULULWA ABEBEKWI-NFP

- MTHOBISI SITHOLE mthobisis@ilanganews.co.za

AKHALA ngokubandl­ululwa amanye amalunga eNkatha Freedom Party (IFP) ahlubuke kwiNationa­l Freedom Party (NFP) emukelwa nguMengame­li we-IFP, iNkosi uMangosuth­u Buthelezi, ngaphansi kwesifunda uMzinyathi, maphakathi neKwaZulu-Natal.

Kunamalung­a aleli qembu - elihola uMasipala waseMzinya­thi - asezwakali­se ukungenami ngokubikwa ukuthi kwenziwa nguNobhala we-IFP eMzinyathi, uNkk Bongiwe Mbatha, obuye abe ngusomlomo kuMasipala waseNdumen­i.

Athi ngaso sonke isikhathi uma uNkk Mbatha ekhuluma emhlanganw­eni, kakuvamisi­le ukuba angasho ukuthi yena akakhulumi­ke ngabantu abangamahl­ubuka noma othathekil­e ngoba akaze ayigcogcom­ele iNkatha.

Kuthiwa ngisho kunemihlan­gano emahhovisi eqembu, uyazikhulu­ma lezi zinkulumo.

UMnu Xolani Nsele, oyisekelan­obhala le-IFP eNdumeni, uthi sebekhathe­le wukufundek­elwa ngokuthi bona bangamalab­atheka ayekade ehlubukile.

“Ngingomuny­e obephambil­i emkhankasw­eni wokuba kubuyelwe eNkatheni. UMntwana waKwaPhind­angene (iNkosi Buthelezi) wayeshilo ukuthi masingabu- zwa ukuthi sibuyaphi, sibuyeleni nokuthi sasihambel­eni kodwa kusenamalu­nga alokhu esibheka kabi.

“Igama lokuthi besihlubuk­ile lihamba phambili eMzinyathi. Kukaningi siyibika ngoba sekufike lapho sikhathala khona,” kusho uMnu Nsele.

Utshele ILANGA ukuthi sebekhathe­le wukuchukul­uzwa nguNkk Mbatha.

Ethintwa uNkk Mbatha ngalolu daba, uthe izindaba zeqembu uzixoxa nalo hhayi kwabezinda­ba.

Uthe kunezinhlo­so ezithile zokungcoli­swa kwegama lakhe.

“Izikhalazo zibikwa eqenjini, benginguba­ni mina ongahlukum­e- za abantu abemukelwe nguMntwana waKwaPhind­angene,” kusho uNkk Mbatha.

USihlalo weNkatha eMzinyathi, uMnu Xoximpi Xaba, uthe lolu daba lubikiwe kuyena kodwa bebengakab­hungi ngalo ngenxa yokuba matasa nomkhankas­o wokhetho lokuchibiy­ela kuwadi 3 eNdumeni.

USihlalo we-IFP, uMnu Blessed Gwala, uthe uyabuhloni­pha futhi uyabethemb­a kakhulu ubuholi baseMzinya­thi ukuthi buzongenel­ela kulolu daba kodwa uma kuwuthi udaba lungaphezu­lu kwabo, kuzongenel­ela ubuholi obuphezulu.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa