"UYAZICANASELA" OSOLWA NGENKOHLAKALO EMTUBATUBA
USOLWA ngokunyathela udaba lowesifazane osolwa ngokuzama ukuqola imali elinganiselwa ku-R29 000, uMasipala waseMtubatuba, ogwini olusenyakatho yeKwaZulu-Natal.
Lokhu kusukela odabeni oluqubuke ngenyanga edlule lapho kuthiwa kutholwe ukuthi kunesisebenzi salo masipala esisolwa ngokukokotela amaphepha, sasayina sengathi kusayine umphathi waso ngoba sifuna ukukhokhelelwa amakhilomitha esiwahambile senza umsebenzi kamasipala ngemoto yaso.
Leli phephandaba libikile ngalolu daba emasontweni amabili edlule, lapho kuvele ukuthi kunabathile kumasipala abashaye amakhala ngale mali ebifunwa yilesi sebenzi.
Kuyiwe kumphathi waso kuyobuzwa ukuthi ngabe besiyephi njengoba sifuna ukukhokhelwa ngamakhilomitha aphezulu kangaka - okuyinto engajwayelekile.
Kuthiwa umphathi waso uphike wama ngentaba wathi akazani nesicelo salona wesifazane sokukhokhelwa le mali engaka.
Imithombo yaleli phephandaba engaphakathi kulo masipala ikhala ngokuthi lona wesifazane yize esolwa ngecala lokukhwabanisa kodwa usazicanasela nje ehhovisi.
Ngokuthola kwaleli phephandaba, selisulelwa ngomphathi walona wesifazane leli cala.
“Kunenkinga enkulu nje ngaleli cala ngoba lona osolwayo unobhululu eqenjini elengamele lo masipala, sisola ukuthi manje sekusulelwa umphathi wakhe ngoba bazama ukuxosha yena esikhundleni salesi sisebenzi,” kusho umthombo.
“Kwenzeka kanjani ukuba umuntu aqhubeke abe sehhovisi kube kuthiwa uphenywa ngenkohlakalo? Lokhu kukodwa nje kwenza sibone ukuthi vele ukuthi bayamesaba, kabafuni ukumxosha,” kusho umthombo.
Okhulumela lo masipala, uMnu Mduduzi Mahlinza, uvumile ukuthi bamatasa bayaluphenya lolu daba.
Uthi yimishini yabo ethole ukuthi kukhona okushaya amanzi ngalesi sicelo salesi sisebenzi.
“Njengamanje simatasa nokuphenya ukuthi kabekho yini abanye ababandakanyekayo. Sesixhumene naye ngalokhu okwenzekayo, uphenyo luyaqhubeka,” kusho yena.
nonhlakaniphos@ilanganews. co.za