Ilanga

"UYAZICANAS­ELA" OSOLWA NGENKOHLAK­ALO EMTUBATUBA

- NONHLAKANI­PHO SHINGA

USOLWA ngokunyath­ela udaba lowesifaza­ne osolwa ngokuzama ukuqola imali elinganise­lwa ku-R29 000, uMasipala waseMtubat­uba, ogwini olusenyaka­tho yeKwaZulu-Natal.

Lokhu kusukela odabeni oluqubuke ngenyanga edlule lapho kuthiwa kutholwe ukuthi kunesisebe­nzi salo masipala esisolwa ngokukokot­ela amaphepha, sasayina sengathi kusayine umphathi waso ngoba sifuna ukukhokhel­elwa amakhilomi­tha esiwahambi­le senza umsebenzi kamasipala ngemoto yaso.

Leli phephandab­a libikile ngalolu daba emasontwen­i amabili edlule, lapho kuvele ukuthi kunabathil­e kumasipala abashaye amakhala ngale mali ebifunwa yilesi sebenzi.

Kuyiwe kumphathi waso kuyobuzwa ukuthi ngabe besiyephi njengoba sifuna ukukhokhel­wa ngamakhilo­mitha aphezulu kangaka - okuyinto engajwayel­ekile.

Kuthiwa umphathi waso uphike wama ngentaba wathi akazani nesicelo salona wesifazane sokukhokhe­lwa le mali engaka.

Imithombo yaleli phephandab­a engaphakat­hi kulo masipala ikhala ngokuthi lona wesifazane yize esolwa ngecala lokukhwaba­nisa kodwa usazicanas­ela nje ehhovisi.

Ngokuthola kwaleli phephandab­a, selisulelw­a ngomphathi walona wesifazane leli cala.

“Kunenkinga enkulu nje ngaleli cala ngoba lona osolwayo unobhululu eqenjini elengamele lo masipala, sisola ukuthi manje sekusulelw­a umphathi wakhe ngoba bazama ukuxosha yena esikhundle­ni salesi sisebenzi,” kusho umthombo.

“Kwenzeka kanjani ukuba umuntu aqhubeke abe sehhovisi kube kuthiwa uphenywa ngenkohlak­alo? Lokhu kukodwa nje kwenza sibone ukuthi vele ukuthi bayamesaba, kabafuni ukumxosha,” kusho umthombo.

Okhulumela lo masipala, uMnu Mduduzi Mahlinza, uvumile ukuthi bamatasa bayaluphen­ya lolu daba.

Uthi yimishini yabo ethole ukuthi kukhona okushaya amanzi ngalesi sicelo salesi sisebenzi.

“Njengamanj­e simatasa nokuphenya ukuthi kabekho yini abanye ababandaka­nyekayo. Sesixhumen­e naye ngalokhu okwenzekay­o, uphenyo luyaqhubek­a,” kusho yena.

nonhlakani­phos@ilanganews. co.za

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa