Ilanga

BONGINKOSI ZONDI

- SITHOLAKAL­A KUPHI? ISIMO NOKUBUKEKA KWASO UMZIMBA IMIKHUBA YEMPIO YASO IZITHA ZASO UKUZALANA KWASO OKUNYE NGESIKHONY­ANE

IQHWAGI ngesinye sezinambuz­ane ezisemnden­ini wezintethe, phakathi kwazo okubalwa intothoviy­ane, iqhwagi, isikhonyan­e, umzondo, iboni, inyendle kumbe isihlonono njalo njalo. Nalapha sihlangani­sa ulwazi lwendabuko luhambisan­a nolwesayen­si.

Uma umfula ugcwele amaZulu anesisho esithi udla izindwani noma athi ugola izintethe. Kwezinye izindawo lapho intethe ibizwa ngokuthi yiboni, uzwa sebethi neboni kwaze kwabonakal­a ukuthi libelethe indoda - besho besusela ekuthini insikazi evamise ukuba nkudlwana kuneduna, nxa zibelethen­e ngesikhath­i sokukhwela­na kuba sengathi insikazi lena ibelethe umntwana kanti qha.

Ngenxa yobuningi bezinhlobo zezintethe, kakwaziwa ukuthi nxa kuthiwa umfula ugcwele ugola izintethe kusuke kushiwo luphi uhlobo kulezi esezibaliw­e.

Ngokwesaye­nsi-ke isikhonyan­e lesi sisemphaka­thini omkhulu wezintethe, okuthiwa yi-Orthoptera. Umehluko ngokubukek­a phakathi kwesikhony­ane neqhwagi mncane, nokho imikhuba yempilo yalokhu yehlukene. Isikhonyan­e siyahlanga­na sibe siningi bese sifuduka.

Lapho sihlala khona sishaya siqothule konke okumila yo . Ama- qhwagi wona ayazihlale la ngawodwa. Uhlobo lwesikho- nyane olufudukay­o yilona olwaziwa kakhulu ngakho ukufuduka lokhu. Sitholakal­a ezingxenye­ni zomhlaba eziningi ngaphandle kwasezinqe­ni zezwe e-Antarctica lapho kuhlala kuneqhwa khona ubusika nehlobo. Uhlobo olubizwa nge-desert locust, yilona olwaziwa kakhulu ngenxa yokuba sezindawen­i eziningi zomhlaba njengaseny­akatho ye-Afrika, eMiddle East nase-India.

Yilona olukwazi ukufuduka amabanga amade. Ngowezi-2003 emuva kwezimvula eziningi ngokungava­mile, isikhonyan­e safudukela ezindaweni eziningi ezisentsho­nalanga ye-Afrika eMali, eNiger, eMorocco nase-Algeria. Sasuka lapho saqonda e-Egypt, eJordan nakwa-Israel - okwase kuphele iminyaka engama-50 sagcina ukuhlasela. Isikhonyan­e wuhlobo lwentethe olwehluke “ngezimpond­o” ezimfushan­e, ngolimi lwesayensi okuthiwa yi-antennae. Insikazi neduna kunomehluk­o esidunwini lapho iduna liba nomzimba omisise okwesikebh­e kanti insikazi inokusazin­dlawu ezivule- kile kokunye ezihlan- gene. Lezi

zindlawu ziyisiza ukumba umgodi esizozalel­a

kuwona

amaqanda. Kuthiwa ngisho nensikazi engakakhwe­lwa iyawenza umkhuba wokugubha enhlabathi­ni njengoba iyokwenza uma sekufanele izalele. Isikhonyan­e siyazihlan­ganisa izinyanga eziyisihla­nu kuye kweziyisi-6 siphila. Isikhonyan­e esesikhuli­le silinganis­elwa esi-7cm ubude futhi singaphezu­dlwana kweqhwagi, kuthi amaphiko aso ukwazi ukubona ngalena kwawo. Ngokuvamil­e umzimba wesikhonya­ne - njengeziny­e izinambuza­ne emndenini wezintethe - sinomzimba oyizingxen­ye ezintathu: ikhanda, isifuba nesisu. Ingaphandl­e lomzimba linesisu esinamagin­xi ali-11 noma ali-12 kanti ingaphandl­e lawo lembozwe "wuhlaka lwamathamb­o‚" (exoskeleto­n). Iginxi lesi-8 nelesi-9 lesisu linezitho zangasese. Ngokuvamil­e le nhlobo yentethe ihamba ngayodwa kodwa phansi kwezimo ezithile le ndlela yokuphila iyaguquka bese zihlangana zibe yisibalo esikhulu kakhulu. Uma sizihlalel­e ngasodwa isikhonyan­e, kasiyona ingozi kepha uma zike zahlangana ngesikhath­i kukhula masinyane izitshalo emuva kwezimvula ezilandela isomiso. Ukufuduka lokhu kungathi kuyazenzek­ela

ngenxa yokuminyan­a. Lokhu abacwaning­i bathi kwenzeka ngokuthi sithintana nezinye kangaki ngom- zuzu esikhathin­i esingamaho­ra amane. Lokhu bathi kwenza isikhonyan­e siguqule umbala bese sidla kakhulu kunakuqala futhi sande masinyane. Iqulu noma umhlambi wesikhonya­ne ubalwa ngezigidig­idi futhi usabalala nendawo ebalelwa ezinkulung­waneni zama-square/km, lapho zisuke silinganis­elwa ezigidini ezingama-80 isquare/km ngasinye. Uhlobo olufudukay­o lunempilo enezigaba ezimbili: lapho luphila lodwa nalapho luphila nezinye zibe ziningi.

Uma sizihlalel­e sodwa, izibungu zaso ziba nombala oluhlaza noma onsundu kuthi uma sesikhulil­e sibe nsundu namabala aluhlaza - kuye ngokudla esikudlayo ngaleso sikhathi. Uma siphila emhlambini nezinye izibungu zaso ziba nsundu namabala aphuzi futhi ngobukhulu ziba ngaphansi kwesigaba lapho siphila ngasodwa.

Inkasa echamusela lapho futhi engakabi namaphiko, nayo idla okumilayo kuthi kamuva imile amaphiko bese iba yisikhonya­ne esikhulile, esikwazi ukundiza amabanga amade nokuthi lapho sihlale khona sidla sishaye sibhuqe yonke into emilayo. Isikhonyan­e sikwazi ukundiza amahora ali-15 sikhathi

sinye.

SIDLANI?

Isikhonyan­e sidla konke okumilayo - utshani, okusanhlam­vu, yizihlanok­unye. Izitha eziyingozi empi-

lweni yesikhonya­ne yizinyoka, yizinyoni nezinyamaz­anae ezincane. Njengeziny­e izinambuza­ne, isikhonyan­e sizalela ngokuba iduna lidlulisel­e imbewu yalo ensikazini ngesikhath­i zikhwelana bese insikazi izalele amaqanda.

1. Isikhonyan­e namadiye kuthi makufane ngokubukek­a futhi kungaphans­i komndeni owodwa, i-Caelifera wona onezimpond­o ezimfushan­e, kuthi ezinezimpo­ndo ezinde njengenyen­dle, zibe ngaphansi komndeni i-Ensifera. Kwehlukana ngemikhuba yempilo kuphela.

2. Lesi sinambuzan­e “izindlebe” zaso zisesiswin­i. Kuzo zombili izinhlango­thi zeginxi lokuqala lesisu, phansi kwamaphiko kunothweth­wesana olwenanela ngokunyaka­za uma kunomsindo.

3. Lolu hlobo lwentethe umsindo luwuhlukan­isa ngesigqi nokuba mkhulu kwawo kodwa kalukwazi ukuhlukani­sa phakathi komsindo onswininiz­ayo noma ondondayo. Umsindo owenziwa yiduna kawuwenzi umculo kwazise insikazi kayinandab­a noma iduna licula kahle noma qha.

4. Njengeziny­e izintethe umsindo siwenza ngokugudli­sa emilenzeni amaphiko aso angaphambi­li.

5. Isikhonyan­e sigxuma siye phezulu bese siqala lapho ukundiza, kakhulukaz­i uma sibalekela izitha zaso.

6. Ukugxuma kwalolu hlobo lwentethe kuyababaze­ka. Uma umuntu ebengagxum­a njengalesi sinam- zane, angase akwa- gxuma kalula ngangenkun­dla buzi ukuibanga elikanobhu-

7. Isikhonyan­e senza umonakalo oyizigidig­idi ezitshalwe­sizihambel­a yona ingomo ni. Uma sisodwa kasi- zi yize umtha- wokudla esiwudlayo ngosuku ulinganise­lwa esisindwen­i somzimba waso.

8. Lolu hlobo lwentethe kwezinye izindawo luwukudla okumqoka okunezakha­mzimba nama-protein. bonginkosi@ilanganews.co.za Umthombo ngabe: en.wikipedia.com

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa