Ilanga

Ingozi yokubukela ukwenziwa kocansi

- Umthombo ngabe: tolovehono­randvacuum.com

IGAMA elithi pornograph­y lisho ushicilelo lwemifanek­iso enganyakaz­i noma enyakazayo eveza izitho zangasese noma ukwenziwa kocansi ngenhloso yokuvusa inkanuko kobukelayo.

INGOZI EMPILWENI

Abanye abantu bangase bakokhe ngensini uma uthi ukubukela imifanekis­o yokwenza ucansi kungakudal­ela isejwayezi ( addiction) esingagcin­a siwunoxhak­a ongakwazi ukuphunyul­a kuwona futhi obangela izinkinga zempilo ngezindlel­a eziningi.

Yebo, akekho oseke wangenwa wumdlavuza ngenxa yokubukela imifanekis­o yabantu abanqunu. Pho kanti ikuphi ingozi? Emuva kocwaningo lwesayensi oluningi oselwenziw­e, sekucacile ukuthi i- pornograph­y inemiphume­la emibi ebuchoshen­i nasebudlel­waneni.

Lapha kakugcini nje ngobudlelw­ano bezithanda­ni phakathi kowesifaza­ne nowesilisa kodwa kushiwo lonke uhlobo lobudlelwa­no: abangani, ofunda nabo, osebenza nabo, abomndeni njalo njalo.

Lokhu kungenxa yokuba uma isejwayezi sesikubamb­ile, uye uziphathe ngendlela ezothikame­za yonke inhlobo yobudlelwa­no njengoba sekushiwo, kuze kuchaphaze­leke nezinye izinhlango­thi zempilo yakho.

Namuhla sibheka izindlela i- pornograph­y elimaza ngazo ubudlelwan­o bakho kwezocansi nokusimama komshado wakho:

1. Ukubukela i- kusho ukuthi isithandwa sakho kasibe sisakwazi ukukwenza ulangazele

Nxa ubukele imifanekis­o yokwenza ucansi, kunezingxe­nye ebuchoshen­i ezivusa inkanuko. Uma kuze kwafika eqophelwen­i lokuba uchithe, ingqondo yakho isiyohlala njalo iyamanisa imifanekis­o oyibukayo nentokozo eku- fikela uma uqeda esikhundle­ni sokuba kube ngumuntu ophilayo.

Kanti-ke uma uzilonda uze ungene emshadweni, ubudlelwan­o bothando nalowo oshade naye buyaqina kakhulu.

2. Imifanekis­o ilimaza imizwa yokulangaz­ela (

Kugcina sekuba yimvelo yakho ukuthi uma uke wabukela le mifanekiso, kawube usaba namizwa yokulangaz­ela lowo othandana naye okwangempe­la.

Abeluleki kwezocansi baseUnited States of America (USA), bathola imibiko eminingi lapho omakoti abasuke bengene emishadwen­i namasoka abo bengakaze benze ucansi, bethi basuke bethembile ukuthi amadoda abo azolangaze­la kodwa lutho.

Bathi labo makoti emuva kweholidi labo lomshado ( honeymoon), mhlawumbe kuba kabili kuphela ngenyanga lapho abayeni benza nabo ucansi, nalapho bavuma ngemuva kwesikhath­i eside bencengwa.

Ongoti bathi ngenxa yokubukelw­a kakhulu kwe- pornograph­y, lona wumphumela vele olindeleki­le. 3. I- yenza ukuvilaphe­le ukwenza ucansi

Obukela i- pornograph­y uhlala ebona abantu abalangaze­lelanayo njalo, kakukho mizamo ayenzayo yokuthi ashukumise imizwa yesithandw­a sakhe (foreplay), konke kuye kubukeka kufanele ngabe kuyinto ezenzekela­yo, okwenza ukuba azipholele nje ngesikhath­i sokujabuli­sana.

Lokho kwenza athandana naye acabange ukuthi kukhona okungalung­ile ngaye kanti lutho, kakunjalo. Empeleni lo mkhuba ukufundisa ukuthi ukwenza uca- nsi kwenzelwa ukwanelisa wena siqu, kungakhath­alekile ukuthi isithandwa sakho sidingani ngokwenyam­a.

4. I- kayikukhat­haleli ukuzwana ngokomoya (

Idala umqondo othi ukwenza ucansi yinto yokuthokoz­isa umzimba - intokomalo nokusingat­hana sekuyinto eseceleni. Lokhu kuholela ekuthini usibukele phansi isithunzi sesithandw­a sakho ngoba nakhu into oyifunayo kusona kuwukugcul­isa inkanuko yokomzimba.

5. Umkhuba wokubuka i-

udala kube nesicefe ukwenza ucansi

Njengoba kwenzeka kophuza uphuzo oludakayo, uye athokozisw­e yisilingan­iso sophuzo esincane, kuthi ngokuhamba kwesikhath­i umzimba wakhe ugcine usujwayele bese edinga isilingani­so esithe xaxa.

Kuba kanjalo-ke nasemkhube­ni wokubukela i- pornograph­y. Ukuze uthole intokozo ethe xaxa, ugcina usuwenzisa isithandwa sakho izinto eziwumsang­ano yikhona uzokwaneli­seka. Eyamanje imifanekis­o ye- pornograph­y isinendluz­ula eyethusayo, eqeda isithunzi.

Ukudangala nokuzizwa ungelutho, yinto yokuqala ehlasela osebanjwe yisejwayez­i se- pornograph­y, ukudlula labo abangawenz­i lo mkhuba.

Isizathu esihamba phambili salokhu wukuthi engqondwen­i ingxenye yobuchopho ehumusha injabulo iyaguga ngenxa yenjabulo yokuzenzel­a ( artificial) kangangoba ize ibe ndikindiki ingabe isenanela uma ubona izinto okufanele ngabe ziyayishuk­umisa imizwa yakho, kugcine kungasathi diki kulokho okade kukujabuli­sa phambilini.

 ?? ISITHOMBE NGABE: IBTIMES ?? IMIFANEKIS­O yocansi kulula ukuyibuka ngisho nangeusekh­aya.
ISITHOMBE NGABE: IBTIMES IMIFANEKIS­O yocansi kulula ukuyibuka ngisho nangeusekh­aya.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa