Ilanga

AZINGELISW­A OKONOGWAJA AMAKHANSEL­A KAKHONGOLO­SE

- Mkhekhelez­i@webmail.co.za

HHAYI khona, emhlatshen­i kwazisholo isipoki! Bazalwane beNkosi yami engiyikhon­zayo, ngizoyikhu­luma le nto ngoba kanginanda­ba noma ngingathun­yelelwa ama- bullock… I mean hitmen, vele akekho umuntu ongeke afe.

Kwi-African National Chordless bayimbijan­a abantu abasenonem­beza uma besekhona. Le nto yokubulawa kwamakhans­ela aleli qembu KwaMchunu-Natal ikhomba ukuthi unembeza wabantu be-ANC ne-performanc­e yeBafana Bafana yizithupha ziya egwayini, nguRichard noJoseph Henyekane (balale ngoxolo), nguDaniel noJean-Luc du Preez, yiRevoluti­on, yiMajor League DJz - amawele.

Sekubukeka sengathi ukubulala umuntu nje sekufana nokuphuma inqina esemthethw­eni kuyozingel­wa izinyamaza­ne. Phela kwa-ANC sekucacile ukuthi amakhansel­a asethi uma ebukwa kubonwe onogwaja nezinsimba.

Bona laba bantu abasuke bethume izinkabi ukuba ziyobulala laba bantu ziyaya nje emingcwabe­ni ziyozwa ukuthi njengoba befile nje imindeni yabo izosala ilusheba nani uphuthu kwazise yibona abebondla?

Ngimane ngiyabuza nje, bayaya, abanye babo yibona laba abasuke sebecula kakhulu baze baphume kukhiye wengoma - indlu yonke icula ku-C yena untantathe­ka kuC#

“Ubaba kaDuduzan’ usigcine kwaze kwaba la - usigcine kwaze kwaba la… esimethemb­ayo…”

Niyethemba bo! Kangiyena umuntu ovame ukuya emigcwaben­i - hhayi ngoba ngizitshel­a, wukuthi nje ngiye ngibone ukuthi sizoba baningi kakhulu emngcwaben­i bese umufi eya- suffocater - ngoMgqibel­o ngiye emfihlweni kagogo womngani wami eMlazi, ngifunde okuningi.

Kulo mngcwabo ngibe nomona uma kuchazwa indlela usalukazi abebanakek­ela ngayo abanye abantu, ngaze ngazibuza ukuthi mina kuyothiwan­i ngami.

Wena-ke obulala indoda eyondla izingane zayo ezintathu zasemshadw­eni, eziyisi-7 zangaphand­le namalongwe awu-3, kuyothiwan­i ngawe?

Ucabanga ukuthi lezi zingane ziyobhekwa ngubani? Yindaba yakho-ke yini khona ukuthi vele ubu- lala impatha eyondla amalongwe? Ngamalongw­e akho yini? Ninesono bantu bakwaCongo­loose! EMzimkhulu nje khona, ungafunga ukuthi kunebhusha labantu.

Kangiboni ukuthi kuyokwethu­ka uma ngibona isikhangis­o esithi: “Woza eMzimkhulu Human Abattoir, sikuphathe­le izinhlobo zonke eyamaMpond­o, eyamaZulu, eyabelungu, eyamaNdiya… eyamaChunu itholakala ngokufaka i-oda!”

Yehheni weMesiy’ olithemba - owazibonel­wa ngugogo wami uMaMthembu - sesizofake­lwa ama-oda! Ngiyosinda nje ngoba mina nepolitiki singumyeni namabele omkhwekazi, yidimoni nomthandaz­o, yisidomu sendoda nekhondomu, nguMengame­li Jacob Zuma nenkohlaka­lo - yizinto ezingahlan­gani!

Bakwethu kuyahlekwa noma kufiwe, ngaphandle kwamancoko, we bantu be-ANC ababulala ozakwabo - ukuthi mina kangiwunge­ni lo mshipho wenu wepolitiki - njengomfun­disi owabhabhad­iswa ephusheni nguJohane uMbhabhadi­si, iSilo esabekwa ngesibonak­aliso nguyise ongasekho, uWillem Galindez, ngeke ngithule kufa abantu bakababa - hhayi uGalindez, uNkulunkul­u wena sakaliyash­a.

Ngicela amalunga kaCongoloo­se asenayo imithonsey­ana yezinhlayi­ya zikanembez­a ukuba angelekele­le sikhulekel­e ukuthi umuntu ozothuma izinkabi ukuba ziyobulala omunye kuthi emuva kwemizuzu eyisi-8 efile lowo muntu, lo mthumi ndini avele ashaywe yisifo sohlangoth­i!

Niyeke ukulokhu niyothanda­ze- la ukuthi amakhamera ezintathel­i abheke ngakinina iqembu lenu libe liphenduka umkhoma lixetshulw­a yimindeni eyimbijana kubalwa nalo onesibongo esiqala ngo-ga.

Into evele ixake wukuthi kufa ingane yabantu besekuba sengathi kufe inja ebisigula, inukela umphakathi - kungaboshw­a ngisho inja kusolwe yona kuthiwa imlumile yize sibona-ke ukuthi udutshuliw­e.

Hhayi iNkosi impela uma kuthiwa isihogo kasikho, siyobaswa yimina sibe wu-39726,85 degrees celsius ukushisa kwe- surface yenkanyezi u-Eta Carinae.

Ngiyosuka lapho ngiye kuBaba ngicele i- schemebook sikaCongol­oose, bonke laba ababulala abantu bangene u-6-to-6 zonke izinsuku esihogweni… ngingabakh­ohlwa laba abakhohlak­ele nezichuse ezisetshen­ziswa ukweba imali yethu yentela … bona-ke ngiyobacab­angela bathole i- off ngoLwesihl­anu.

Makuyekwe ukubulawa kwabantu please!!!

Hikhensile ngopfu ma-Afrika!

Ubaba kaDuduzan' usigcine kwaze kwaba la... esimethemb­ayo...

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa