AZINGELISWA OKONOGWAJA AMAKHANSELA KAKHONGOLOSE
HHAYI khona, emhlatsheni kwazisholo isipoki! Bazalwane beNkosi yami engiyikhonzayo, ngizoyikhuluma le nto ngoba kanginandaba noma ngingathunyelelwa ama- bullock… I mean hitmen, vele akekho umuntu ongeke afe.
Kwi-African National Chordless bayimbijana abantu abasenonembeza uma besekhona. Le nto yokubulawa kwamakhansela aleli qembu KwaMchunu-Natal ikhomba ukuthi unembeza wabantu be-ANC ne-performance yeBafana Bafana yizithupha ziya egwayini, nguRichard noJoseph Henyekane (balale ngoxolo), nguDaniel noJean-Luc du Preez, yiRevolution, yiMajor League DJz - amawele.
Sekubukeka sengathi ukubulala umuntu nje sekufana nokuphuma inqina esemthethweni kuyozingelwa izinyamazane. Phela kwa-ANC sekucacile ukuthi amakhansela asethi uma ebukwa kubonwe onogwaja nezinsimba.
Bona laba bantu abasuke bethume izinkabi ukuba ziyobulala laba bantu ziyaya nje emingcwabeni ziyozwa ukuthi njengoba befile nje imindeni yabo izosala ilusheba nani uphuthu kwazise yibona abebondla?
Ngimane ngiyabuza nje, bayaya, abanye babo yibona laba abasuke sebecula kakhulu baze baphume kukhiye wengoma - indlu yonke icula ku-C yena untantatheka kuC#
“Ubaba kaDuduzan’ usigcine kwaze kwaba la - usigcine kwaze kwaba la… esimethembayo…”
Niyethemba bo! Kangiyena umuntu ovame ukuya emigcwabeni - hhayi ngoba ngizitshela, wukuthi nje ngiye ngibone ukuthi sizoba baningi kakhulu emngcwabeni bese umufi eya- suffocater - ngoMgqibelo ngiye emfihlweni kagogo womngani wami eMlazi, ngifunde okuningi.
Kulo mngcwabo ngibe nomona uma kuchazwa indlela usalukazi abebanakekela ngayo abanye abantu, ngaze ngazibuza ukuthi mina kuyothiwani ngami.
Wena-ke obulala indoda eyondla izingane zayo ezintathu zasemshadweni, eziyisi-7 zangaphandle namalongwe awu-3, kuyothiwani ngawe?
Ucabanga ukuthi lezi zingane ziyobhekwa ngubani? Yindaba yakho-ke yini khona ukuthi vele ubu- lala impatha eyondla amalongwe? Ngamalongwe akho yini? Ninesono bantu bakwaCongoloose! EMzimkhulu nje khona, ungafunga ukuthi kunebhusha labantu.
Kangiboni ukuthi kuyokwethuka uma ngibona isikhangiso esithi: “Woza eMzimkhulu Human Abattoir, sikuphathele izinhlobo zonke eyamaMpondo, eyamaZulu, eyabelungu, eyamaNdiya… eyamaChunu itholakala ngokufaka i-oda!”
Yehheni weMesiy’ olithemba - owazibonelwa ngugogo wami uMaMthembu - sesizofakelwa ama-oda! Ngiyosinda nje ngoba mina nepolitiki singumyeni namabele omkhwekazi, yidimoni nomthandazo, yisidomu sendoda nekhondomu, nguMengameli Jacob Zuma nenkohlakalo - yizinto ezingahlangani!
Bakwethu kuyahlekwa noma kufiwe, ngaphandle kwamancoko, we bantu be-ANC ababulala ozakwabo - ukuthi mina kangiwungeni lo mshipho wenu wepolitiki - njengomfundisi owabhabhadiswa ephusheni nguJohane uMbhabhadisi, iSilo esabekwa ngesibonakaliso nguyise ongasekho, uWillem Galindez, ngeke ngithule kufa abantu bakababa - hhayi uGalindez, uNkulunkulu wena sakaliyasha.
Ngicela amalunga kaCongoloose asenayo imithonseyana yezinhlayiya zikanembeza ukuba angelekelele sikhulekele ukuthi umuntu ozothuma izinkabi ukuba ziyobulala omunye kuthi emuva kwemizuzu eyisi-8 efile lowo muntu, lo mthumi ndini avele ashaywe yisifo sohlangothi!
Niyeke ukulokhu niyothandaze- la ukuthi amakhamera ezintatheli abheke ngakinina iqembu lenu libe liphenduka umkhoma lixetshulwa yimindeni eyimbijana kubalwa nalo onesibongo esiqala ngo-ga.
Into evele ixake wukuthi kufa ingane yabantu besekuba sengathi kufe inja ebisigula, inukela umphakathi - kungaboshwa ngisho inja kusolwe yona kuthiwa imlumile yize sibona-ke ukuthi udutshuliwe.
Hhayi iNkosi impela uma kuthiwa isihogo kasikho, siyobaswa yimina sibe wu-39726,85 degrees celsius ukushisa kwe- surface yenkanyezi u-Eta Carinae.
Ngiyosuka lapho ngiye kuBaba ngicele i- schemebook sikaCongoloose, bonke laba ababulala abantu bangene u-6-to-6 zonke izinsuku esihogweni… ngingabakhohlwa laba abakhohlakele nezichuse ezisetshenziswa ukweba imali yethu yentela … bona-ke ngiyobacabangela bathole i- off ngoLwesihlanu.
Makuyekwe ukubulawa kwabantu please!!!
Hikhensile ngopfu ma-Afrika!
Ubaba kaDuduzan' usigcine kwaze kwaba la... esimethembayo...