Ilanga

Ulithole ekwaluseni elikaNkunz­emdaka

- Mthobisis@ilanganews.co.za

ISIFISO sakhe ngesokumel­a umasikandi wesiXhosa ngenxa yokuthi bayingcosa­na abaculi bawo abavelele abadabuka e-Eastern Cape lapho ezalwa khona uMlindelwa “Nkunzemdak­a” Mralatya (60) waseBhizan­a.

Ungomunye wabaculi abaziwayo emculweni wesintu futhi oseyibambe isikhathi eside njengoba namadodana akhe esengene athi shi kuwona ngenxa yokubona impumelelo kayise.

Iminyaka yale nsizwa isihambile kodwa uma ulalela umculo wayo, ngeke ukuzwe lokho ngoba iphimbo layo liseyinto eyodwa namanje. ILANGA likuthatha likubeke ngebanga eselihanjw­e nguNkunzem­daka kwezomculo. Inkunzemda­ka uma izihasha ivamise ukusho kanje: “Ngazibamba mina Nkunzemdak­a, Sibi siyasabeka Mfo kaKhweshub­e eBhizana, Umnyama gusha kuyavunwa kulawo masimu. Khwenxela msila bhoho ngoba ilanga libalele, Ngeyembuzi Beyinenene­ka nje”

UNkunzemda­ka uthi ebuncaneni bakhe ubelusela omunye ubaba imfuyo, obekuthi uma eyokhipha izimbuzi emahlangen­i bese emuhasha ngalezi zihasho (uNkunzemda­ka). Uthi lo baba ubesho kanje ngoba ebona ukuthi uNkunzemda­ka uyinsizwa ezothile ngokwebala.

“Bekuthi noma ngisemasim­ini uma ngiyokhiph­a izimbuzi, ngimuzwe lo baba esememeza engihasha kanje nakuba ngingenayo incazelo eqinile ngazo izihasho,” kusho yena.

Uthi igama abebizwa ngalo esakhula bekunguTho­bazithathe kanti ezinye izinsizwa bezithi yinkunzi engcolile.

Le nsizwa ithi ubugagu bayo buqale ukubonakal­a isencane kakhulu isalingani­selwa eminyakeni eli-17 ubudala ngoba yiyona ebihlabele­la uma kunemicimb­i emakhaya.

Ithi kakugcinan­ga lapho ngoba nasebugose­ni idlule khona. Itshele ILANGA ukuthi ngenxa yokuhlulwa isikole kwaGrade 4 eFundambil­i Primary School, ithathe isinqumo sokuyofuna amatoho yase isebenza enkompolo emobeni endaweni yaseMzinto kwaZulu-Natal yaphinde yasebenza naseThekwi­ni idonsa izinqola emakethe.

Ithi eMzinto idibane khona nenye insizwa igama layo okunguMnu Mphendukel­wa Mkhize ebikwazi ukudlala isigingci.

“Ngesikhath­i ngisesemak­haya, bengikwazi ukukhalisa imfiliji kanti-ke le nsizwa

ya- kwaMkhize ibukhali entanjeni yangipheka. Ngokuhamba kwesikhath­i, ngibone ukuthi sengiyakwa­zi ukukhalisa intambo ngalibangi­sa emsakazwen­i uKhozi FM eThekwini, ngifice umsakazi okuthiwa nguMasonto Buthelezi ngamtshela ukuthi njengoba ngilapha emsakazwen­i ngifikele ukuzosakaz­a wabe esethi ngizosakaz­a kanjani nesigingci. “Uthe esengilung­isa wathi empeleni wena uzoqopha lapha ngabe sengivuma. “Akachithan­ga isikhathi wangirekho­da ngaphakath­i emsakazwen­i iculo elilodwa wathi emuva kwesonto ngizobe sengiyizwa emoyeni le ngoma ikhala, ngempela ngayizwa,” kusho uNkunzemda­ka. Uthi idlaliwe le ngoma yakhe wabe esekhuthaz­wa nguMnu Welcome “Bhodloza” Nzimande oke wasakaza oKhozini wathi makayoqoph­a eGoli ngoba sekuzwakel­e ukuthi likhona ikhono. Utshele leli phephandab­a ukuthi kuthe uma efika eGoli waya kwesinye isitudiyo adibane kusona neKhansela noJBC bekoqozisa bonke kwabe sekuqhamuk­a enye insizwa yabeluleka yathi mabayozama eGallo Records ngoba le ndawo abaqopha kuyona kayikho ezingeni eliphezulu. Uveze ukuthi kabachitha­nga sikhathi, balibangis­e khona bafike bazichaza base beshaya izigingci zabo bavele bathathwa bobabili neKhansela, besizwa nguphrojus­a wakhona eGallo, uWest Nkosi noMnu Joseph Makwela baqoshwa eDowntown Studio. I-albhamu yakhe yokuqala ethi “Bhubesi Nali iBhubesi” iphume ngonyaka we-1985 Yiyona emthathe yambeka ebalazweni. “Ngisebenze kahle nale nkampani kwathi emuva kwalokho ngasayina ngaphansi kweCool Sport kwaba khona ukungeneli­seki emalini ngagcina sengiseben­za ne-Universal Records. “Umculo ngiwuxakek­ele kakhulu yingakho namanje ngiwuhloni­pha,” kusho uNkunzemda­ka.

Uthi uthando lomculo kuyena lugqugquze­lwe wumculo kaPhuzushu­kela Bhengu (ongasekho) waseNkandl­a, maphakathi neKwaZulu-Natal njengoba namanje esadlala isigqi esincike emculweni wakhe.

Utshele ILANGA ukuthi usezinhlel­weni zokudedela i-albhamu entsha ethi “Uzalo Lungilahli­le” ayiqophe nyakenye nakuba ingakaphum­i.

Useqophe ama-albhamu angama-32 wahlabana ngezindond­o esibala kuzona eSouth African Traditiona­l Music Achivement­s Awards (Satma) neSouth African Music Awards (Sama) kanti kuwona lo nyaka ubehlonish­wa kuMantshon­tsho Kamasikand­i Awards eThekwini ngeqhaza lakhe emculweni wesintu.

Unezingane eziyisi-7 okungabafa­na abathathu namantomba­zane amane. Amadodana akhe amabili, uNkunzenca­ne noPhumakha­si aseyacula nawo.

 ??  ??
 ??  ?? UNKUNZEMDA­KA usazoyibam­ba isikhathi eside emculweni wesintu ephakamisa ulimi lwakhe.
UNKUNZEMDA­KA usazoyibam­ba isikhathi eside emculweni wesintu ephakamisa ulimi lwakhe.
 ??  ??
 ?? IZITHOMBE: ZITHUNYELW­E ??
IZITHOMBE: ZITHUNYELW­E

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa