Ilanga

Ayikhuzwe kusekuhle eyokujivaz­ana kwi-ANC

-

IOKWEHLELE uMnu Cyril Ramaphosa - njengoba kusabalele imibiko ethi ubenobudle­lwano nenqwaba yabesifaza­ne kodwa ebe eganiwe - kushiya imibuzo ethi kungani ikhishwa manje ngoba nakhu sezihubela sakusha ngokukheth­wa kobuholi obusha be-African National Congress (ANC) ayisekela-mengameli layo.

Kubukeka sekuyisiko kuleli qembu ukuba kuvele amahlazo ngabaholi abasuke begaqele izikhundla ezithile, kokunye babulawe nokubulawa. Le mibiko iyafana nayo yonke eqhamuka uma sekuyilesi sikhathi - kubalwa negcwele izinkundla zokuxhuman­a mayelana noMengamel­i Jacob Zuma nosomabhiz­isini abachazwa njengekhal­a logombela kwezabo abamhlophe - inhloso yayo sibona kuwukudung­a imiqondo yabavoti.

Okubi ngale mibiko wukuthi kugcina sekuchashw­ana ngenhlamba ngenxa yayo - kokunye kuze kuvuke impi yamazwi enenhlese yobuhlanga kwabasuke bephawula. Esikuqaphe­layo wukuthi abantu abasuke beveza le mibiko basuke behlose ukunyundel­a izimbangi zabo kodwa kabawucaba­ngi umonakalo osalayo emphakathi­ni ngoba wona ufunzwa lonke udaka lokungcola kwepolitik­i.

Uma kuyizitha zikaMnu Ramaphosa ezipotshoz­e lo mbiko kuyosho ukuthi kuningi okusamele zikufunde ngokunyund­ela umuntu. Kuzokhumbu­leka ukuthi leli qhinga lizanyiwe ngaphambi kokuba uMengameli Zuma abe ngumengame­li we-ANC kodwa isikhuni sabuya ngomkhweze­li kwabebemny­undela. Nangu namhlanje ungumengam­eli phezu kwamabibi abebikwa ngaye, asabikwa nanamuhla. Abantu bazomzwela uMnu Ramaphosa ngoba bebona ejojwa ngenungu yize engenamkhu­hlane.

Empeleni nje, uma i-ANC ingayibhek­ile le ndaba yepolitiki kamanyunde­lana, iyophapham­a kude. Kuzokhumbu­leka ukuthi kunomholi welinye lamaqembu aphikisayo ohlale ethi wayeyikhuz­a indaba ye-ANC yomzabalaz­o wezikhali nokusebenz­isa amaqhinga okuthi izwe lingabusek­i ukuze uhulumeni wobandlulu­lo ulalele ukukhala kwendlu emnyama ebicindeze­lwe.

Lo mholi uze athi wayebuka ingozi yokuthi “iqunga” lokwenza izwe lingabusek­i, liyongaphu­mi, liqhubeke lisebenze ngisho sekuphethe uhulumeni wentando yeningi - njengoba amatoyitoy­i, ahambisana nodlame, kuvinjwe abantu ukuba baye emsebenzin­i, efana nesinkwa semihla ngemihla. Nakulokhu-ke, bekungaba kuhle ukuba bonke abaholi abagaqele izikhundla kwi-ANC bayikhuze le nto yokunameka­na ngodaka ngoba izohamba ibe yisiko kuleli qembu bese kulandela izidumbu.

Lesi senzo sisikhatha­za nje yingoba njengezakh­amizi zaseNingiz­imu Afrika, siyalazi iqiniso lokuthi i-ANC yiqembu elibusayo, elinabalan­deli abaningi ngakho-ke ukudunga imiqondo yeningi kungadala izinkinga ezingahole­la izwe kwalasha ngelinye ilanga. Kasisho ukuthi lezi zinto ezibikwa ngoMnu Ramaphosa zingamanga kodwa okukhathaz­ayo wukuthi lo mkhuba wokweneka ukungcola kwabaholi ngoba nakhu kuzanywa ukuba bavinjwe, uzokhula.

Kuyacaca ukuthi abenzi bale mikhuba yokubhixa abaholi ngosheko lwengulube banothando oluyimbija­na lwezwe, banendaba nemiphimbo yabo. Yize ilungelo lokukhulum­a ngokukhulu­leka libaluleki­le kodwa kumele kulale kunembeza womuntu nomuntu ukuba aqaphele akushoyo njengoba kwezinye izinto ezikhuluny­wayo kuke kuvele nenhlese yobuhlanga evele ivuse uhlevane ezakhamizi­ni.

Yonke le mibiko, kubalwa nezibhalon­yazi ezimayelan­a nemikhuba yomndeni wakwaGupta - yize sifisa ukuba uhlukane nemali yethu yentela le okuthiwa uyisavuna ngamasaka - kodwa abantu abayikhiph­ayo sibona bezolekele­la ekuthini abantu bakuleli lizwe badlane baqedane kuhle kwezimpeth­u seziqede isilwane ebezisikhw­elele. Uma i-ANC ingayilung­isi le nkinga, kuzohamba kufike esikhathin­i esifana ncimishi neseZimbab­we African National Union – Patriotic Front (Zanu-PF) yamanje lapho ukhetho ilunqoba ngenkani.

Inhloso yayo wukudunga imiqondo yabavoti.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa