Ilanga

Ugezeke igilo uMntwana waKwaPhind­angene

Kwethulwa ngokusemth­ethweni isigcinama­gugu sakhe

- LUCKY CAIN lucky.cain@ilanganews.co.za

IKHUMBULE amazwi kaMnu Nelson Mandela awasho ngoNhlaba (May) wezi-2002 iNkosi Mangosuthu Buthelezi ngesikhath­i kwethulwa ngokusemth­ethweni iPrince Mangosuthu Buthelezi Legacy Preservati­on Project, kugujwa nosuku lwayo lokuzalwa emcimbini obuseGarde­n Court oNdini, enyakatho yeKwaZulu-Natal ngempelaso­nto edlule.

UMnyango wezobuCiko namaSiko KwaZulu-Natal ububambe iqhaza elikhulu ekwethulwe­ni kwalesi sigcinamag­ugu salo mholi ongumengam­eli weNkatha Freedom Party (IFP).

INkosi Buthelezi ithe amazwi kaMnu Mandela athi: “Sesisebenz­ise konke esinakho ukuzama ukumqumba phansi kodwa sehluleka, usekhona, unguphunyu­kabempheth­e ngeke sikwazi ukumziba.

“Uyinsimbi kayigobi, umangalise abaningi njengoba acacisa ngokusobal­a ngezingqin­amba ahlangabez­ane nazo emlandweni weNingizim­u Afrika.

“INkosi Buthelezi ithi bekuzoba nzima kakhulu emlandweni waleli lizwe ukuba i-African National Congress (ANC) ibizowazib­a amagalelo ayo.

“Ngokwezifi­so zabaholi abafana noMnu Alfred Nzo, umlando wami ubuzophele­la emgqonyeni. UMnu Joe Slovo walibeka ngembaba ngaphambi kokhetho lokuqala lwentando yeningi ukuthi ngiyogcina ngiyiphung­a nje emlandweni,” kusho iNkosi Buthelezi ebonge uNgqongqos­he wezobuCiko namaSiko KwaZuluNat­al, uNkk Bongi Sithole-Moloi.

Ithe ungqongqos­he wenze isibonelo sentando yeningi ngokumhlon­ipha ngalesi sipho sokwethulw­a kwale projekthi - wathi kuyathokoz­isa ukuba kube ngungqongq­oshe wesifazane ongumZulu owethula lesi sigcinamag­ugu. ‚

“Kanginawo amazwi okuveza ukuzithoba kwami. Emhlabeni jikelele, emazweni okubusa kuwona intando yeningi, uma iqembu lingena emandleni lengamela bonke abantu abaphila kulona. Kumele lilalele bonke abantu balelo lizwe, hhayi abalivotel­ile kuphela. Lokhu (okwenziwe wumnyango) kuveza isibonelo esihle sokubusa kwentando yeningi,” kusho iNkosi Buthelezi.

Ithi okwenza lesi sipho (umnyango weseka isigcinama­gugu sayo) sibaluleke kakhulu empilweni yayo. Ithe lesi sigcinamag­ugu sizohlomul­isa abantu abaningi okubalwa abacwaning­i, abafundi nosomlando.

INkosi Buthelezi ikhumbule incwadi eyithunyel­elwe ngowayengu­mengameli waseZambia, uMnu Kenneth Kaunda, lapho iveze ukuthi ukuvulwa kwale ndawo yokugcina amagugu izosiza abantu nangezinye izigaba zomlando ezithinta iNingizimu Afrika futhi izokhuthaz­a inqwaba yabantu ukuze bacobelele­ke ngolwazi.

Inkosi ibonge nomQondisi oMkhulu wephephand­aba ILANGA, uMnu Arthur Konigkrame­r, ngomsebenz­i wakhe oncomekayo ekuqinisek­iseni ukuthi lesi sigcinamag­ugu siqhuba kahle.

Ithi lesi sigcinamag­ugu ngeke sigcine ngezinto ezithinta iqembu layo kodwa sizohlanga­nisa nezinye izikhundla zayo ezikhona nalezo eseke yaziqhoqho­bala.

Phakathi kwalezi zikhundla kubalwa esokuba yinkosi yesizwe sakwaButhe­lezi, ngundunank­ulu kahulumeni wakwaZulu omdala, nguNdunank­ulu kaZulu, wukuba ngungqongq­oshe wokuqala wezasekhay­a ngaphansi kukahulume­ni wentando yeningi nesokuba yibamba likamengam­eli waseNingiz­imu Afrika.

Walibeka ngembaba ukuthi ngiyogcina ngiyiphung­a nje emlandweni.

 ?? ISITHOMBE NGABE: MAIL AND GUARDIAN ?? ISIGCINAMA­GUGU seNkosi Buthelezi sizogcina umlando wayo kuyona yonke imikhakha eyingxenye yayo. Lapha uShenge wayehlange­ne nabanye abaholi .okunguMnu Nelson Mandela noMnu Frederik W de Klerk.
ISITHOMBE NGABE: MAIL AND GUARDIAN ISIGCINAMA­GUGU seNkosi Buthelezi sizogcina umlando wayo kuyona yonke imikhakha eyingxenye yayo. Lapha uShenge wayehlange­ne nabanye abaholi .okunguMnu Nelson Mandela noMnu Frederik W de Klerk.
 ?? ISITHOMBE NGABE: SAHISTORY ?? LAPHA iNkosi Buthelezi yayihamba noNgangezw­e Lakhe.
ISITHOMBE NGABE: SAHISTORY LAPHA iNkosi Buthelezi yayihamba noNgangezw­e Lakhe.
 ?? ISITHOMBE NGABE: BLOGSPOT.COM ?? IBONGE kuNgqongqo­she wezobuCiko namaSiko KwaZulu-Natal, uNkk Bongi Sithole-Moloi ngesenzo somnyango wakhe sokulekele­la ekwethulwe­ni ngokusemth­ethweni kwesigcina­magugu sayo iNkosi Buthelezi.
ISITHOMBE NGABE: BLOGSPOT.COM IBONGE kuNgqongqo­she wezobuCiko namaSiko KwaZulu-Natal, uNkk Bongi Sithole-Moloi ngesenzo somnyango wakhe sokulekele­la ekwethulwe­ni ngokusemth­ethweni kwesigcina­magugu sayo iNkosi Buthelezi.
 ??  ?? IFISELWE ngokukheth­ekile izilokotho ezinhle nanguNkk Winnie Mandela iNkosi Buthelezi.
IFISELWE ngokukheth­ekile izilokotho ezinhle nanguNkk Winnie Mandela iNkosi Buthelezi.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa