Ilanga

IQEDE ISHOBOLO LEMINYAKA I-KEYONA TEAM

- MFANAFUTHI NDLOVU

KUPHUME ibhadi iNedbank Keyona Team ishaya igoli lokuqala ngqa selokhu kwaqala umkhankaso eminyakeni eyisihlanu edlule ukuthi izingqwele zeNedbank Cup zibhekane neqembu lekhethelo eliqokwa yithimba eliholwa nguEphraim “Shakes” Mashaba.

IKeyona Team iqede ishobolo ihlohla igoli ihlulwa yiSuperSpo­rt United ngo-2-1 izolo ngeSonto eMakhulong Stadium, eTembisa. Igoli leSuperSpo­rt lokuvula inkundla kulo mdlalo liqotshelw­e enethini nguThuso Phala ngomzuzu wama36 kwathi elokunqoba labekwa enethini ngu-Aubrey Modiba ngowama-45. UModiba ungumkhiqi­zo weKeyona Team njengoba ephume kuleli qembu ngonyaka odlule. Igoli leKeyona lize noZanoxolo Mdluli waseMonti ngomzuzu wama-96.

U-Eric Tinkler oqeqesha iSuperSpor­t, uncome kakhulu abadlali bakhe kubalwa nabagijima kwiMultiCh­oice Diski Challenge (MDC) abazwise umdlalo ngesiwombe sesibili.

“Ngesiwombe sesibili ngigadle ngabadlali bethu abancane abagijima kwiMDC ngoba nemidlalo yakhona isizoqala. Yingakho bekubalule­kile ukuba ngibanike ithuba elanele lokudlala. Esiwombeni sesibili kubonakele ukuthi iKeyona Team ibisihlang­ene seyibhoke nxa zonke,” kusho uTinkler.

UMike “Sporo” Mangena ongomunye wabaqeqesh­i beKeyona, uncome abadlali baleli qembu ngokuba nesibindi.

“Kulo mdlalo sishaye igoli lethu lokuqala sibhekene nekilabhu eyizingqwe­le zeNedbank Cup okuyinto engasoze yacisha emlandweni waleli qembu kwazise sekuyiminy­aka eyisihlanu sizama. Amanye amakilabhu abhudluzwa ngo-6-0 (kudlala ontanga bodwa) kodwa bheka elethu iqembu liguqiswe no-2-1 okuwumphum­ela ongakhalis­i kakhulu yize bekumele sinikwe iphenathi,” kusho uMangena.

Uthi nakuba bonke abadlali bewudlale kahle umdlalo kodwa ukhombise okukhulu ukuvuthwa unozinti wabo, uMduduzi Khumalo odabuka KwaHlabisa ojutshwe ukujima ne-Orlando Pirates.

“Ngibona sengathi lo nozinti uzokuya kude kunobhutsh­uzwayo uma ezoqhubeka nokulalela nok uzimisela,” kusho uMangena.

UMakhosand­ile Plaatjie uqokwe ukuba ngumdlali wosuku okwenze wahlomula ngo-R10 000 wakwaNedba­nk.

UPlaatjie uncome ukuzimisel­a kubadlali beqembu labo. Uthi umvuzo wokulalela nokusebenz­a kanzima enkundleni ubonakele. Uthi lokhu kusho lukhulu kubona ngekusasa labo kwazise umsebenzi uyaqala njengoba sekumele bayozama ukuthatha iso kubaqeqesh­i bamaki-labhu agijima kwi-Absa Premier-ship ngokwahluk­ana.

Okuqaphele­kile kulo mdlalo wukunyuka kwezinga labadlali beKeyona abebekhomb­isa ukungayihl­oniphi nhlobo iSuperSpor­t.

 ?? ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPI­X ?? ISUPERSPOR­T United ibe yizingqwel­e beNedbank Keyona Challenge.
ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPI­X ISUPERSPOR­T United ibe yizingqwel­e beNedbank Keyona Challenge.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa