Ilanga

IBarca icathamela isibabuli saseFrance

-

IBARCELONA yaseSpain isicathame­la uThomas Lemar ( osesithomb­eni) waseFrance ogijima kwiMonaco yakulona leliya lizwe. IBarca kuthiwa isinyonyob­ela lo mdlali ngoba ibona ukuthi kunzima ukuthola uPhilippe Coutinho waseBrazil odlala kwiLiverpo­ol yase-England.

ILiverpool inqabile ukudedela lo mdlali yize iBarcelona bese iyinyusile imali efuna ukumthenga ngayo. Kuthiwa naye lo mdlali ubekujabul­ela ukuthi uzodlala eSpain njengoba bekuvulwe iwindi lokuthengw­a kwabadlali.

Kuthiwa iBarcelona ibona kuzokuba lula ukuthola uLemar ngoba iMonaco izamukele izishaqane zemali ebinunusel­wa ngazo yi-Arsenal yase-England ebifuna ukuthenga lo mdlali. I-Arsenal neMonaco bese bevumelene ngakho konke ngokudayis­elana kodwa uLemar wala waphetha ukuya e-England.

IBarca kuthiwa izimisele ukumthenga ngoMasinga­na (January) lo mdlali.

IBarcelona imatasa nokubheka umdlali ozovala isikhala esivuleke kushiya uNeymar waseBrazil oseg- ijima kwiParis Saint-Germain (PSG) yaseFrance.

Imidlalo yamaligi ehlukene isathe gozololo njengoba kunemidlal­o yokuhlunge­la iNdebe yoMhlaba ezokuba ngonyaka ozayo eRussia.

Imidlalo yokuhlunge­la iNdebe yoMhlaba ezoboniswa bukhoma kwiSuperSp­ort ihlelwe kanje: NAMUHLA NGOMSOMBUL­UKO Cameroon vs Nigeria 19h00 (SS3/ SS9/ Maximo1). KUSASA NGOLWESIBI­LI Congo vs Ghana 16h30 (SS3/ SS9).

South Africa vs Cape Verde 19h00 (SS4/ SS10/ Maximo1). Egypt vs Uganda 20h00 (SS3). Algeria vs Zambia 22h30 (SS9/ Select1/ Maximo360).

Bolivia vs Chile 22h00 (SS5/ Maximo2).

Colombia vs Brazil 22h30 (SS3/ Maximo).

Ecuador vs Peru 23h00 (SS7/ Maximo3). NGOLWESITH­ATHU Argentina vs Venezuela 01h30 (SS3/ Maximo).

Paraguay vs Uruguay 02h00 (SS5/ Maximo2).

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa