Ilanga

UBOBBY USABELA IKHWELO LEZIMPOFAN­A

- SENZO SOKHELA

IMENENJA jikelele yeKaizer Chiefs uBobby “Bobsteak” Motaung ithi bayasizwa isililo sabalandel­i babo futhi bazokwenza ngawo wonke amandla ukubuyisa izinsuku zenjabulo kule kilabhu.

IChiefs iyivule kabi iligi njengoba ingakaze inqobe ngisho umdlalo owodwa.

Ukubhinjel­wa yizinto kwale kilabhu sekuholele ekutheni abalandeli bayo bafune kuxoshwe umqeqeshi uSteve “Mphathi” Komphela. Bakhala ngokuthi ngeke abenzele lutho akahambe sekwenele lokhu okubi akwenzile.

Abalandeli bakhala nangokuthi usebaphend­ule inhlekisa kwizimbang­i njengoba bengcofwa ngapha nangapha.

Bakhala nangabadla­li bale kilabhu bathi sebephelel­we ngushatini kudingeka ikilabhu ihlakazwe kulandwe abadlali abasha.

UMotaung uthi bayasizwa isililo sabalandel­i babo.

“Ngifuna ukukusho ukuthi siyalizwa izwi labalandel­i bethu nezikhalo zabo ngokunjalo, siyalijabu­lela iqhaza abalibamba­yo.

"Kodwa-ke kufanele sibumbane siyilwe le mpi sibuyise izinsuku zenjabulo ekilabhini,” kusho uMotaung.

Uthi nakuba iwindi selivaliwe kodwa ngeke baliphose ithawula basazoqhub­eka nokuthunga­tha umgadli ozobatakul­a kule nkinga yamagoli ababhekene nayo.

“Ukuthi iwindi lokudayise­lana ngabadlali selivaliwe akusho ukuthi sesiyekile ukuthungat­ha umgadli, sibheka yonke indawo.

"Sisazoqhub­eka nokubheka umhlaba wonke kuze kube siyayithol­a insizwa ezosisiza ngamagoli,” kusho uMotaung.

IChiefs imatasa ithungatha umgadli nje, kodwa nasemuva kubukeka kuzofanele iqale ibhekisise kwazise izitobha zayo zikhombisa ukwehlelwa yifomu.

U-Eric Mathoho noLorenzo Gordinho okuyibona abawudonga lweChiefs bakhombisa ukuba buthaka kulezi zinsuku.

UDUMELE UBROCKIE NGESINQUMO SE-SS UTD

 ?? ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPI­X ?? NGUMDLALI weMamelodi Sundowns odabuka eZimbabwe uKhama Billiat okuvela ezithi udutshwe umqeqeshi wale kilabhu uPitso Mosimane ngenxa yokwenqaba kwakhe ukwelula inkontilek­a nayo.
ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPI­X NGUMDLALI weMamelodi Sundowns odabuka eZimbabwe uKhama Billiat okuvela ezithi udutshwe umqeqeshi wale kilabhu uPitso Mosimane ngenxa yokwenqaba kwakhe ukwelula inkontilek­a nayo.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa