Ilanga

UPitso udube uKhama Billiat

Wenqaba ukwelula inkontilek­a ekubeni ikilabhu isamdinga

- SENZO SOKHELA

UMQEQESHI weMamelodi Sundowns uPitso “Jingles” Mosimane udube uKhama Billiat okuvela ukuthi unqaba ukwelula inkontilek­a nezakhe ekubeni le kilabhu isamdinga.

ISundowns ingene kwezwakala emakethe njengoba isayinise abadlali abaseqophe­lweni eliphezulu.

Phakathi kwabadlali ebasayinis­ile kungabalwa u-Oupa “Ace” Manyisa obengukapu­teni weOrlando Pirates, uRivaldo Coetzee obedlala emuva kwi-Ajax Cape Town noGeorge Lebese obedlala kwiKaizer Chiefs ukukha nje phezulu.

IDowns ihluleke yancama uku- sayinisa uLebogang Manyama ebimfuna ogcine eqome ikilabhu yaseTurkey, iKonyaspor.

Nokho lo mdlali akakasayin­i ngokugcwel­e njengoba esalinde ukuhlolwa isimo sempilo bese kuphasa yonke into.

Leli phephandab­a lihoshe ngemithomb­o yalo ukuthi uMosimane unqume ukuduba uBilliat okuvela ukuthi unqaba ukwelula inkontilek­a yakhe nale kilabhu.

Kuthiwa njengoba uMosimane ebefuna uManyama nje yingoba ubefuna ukumbeka ebhentshin­i uBilliat ukuze azibone ukuthi akasiyona iSundowns eyedwa.

UMosimane kuthiwa emuva kokuba lo mdlali nomphathi wathe becele ukuba zimiswe izingxoxo ulibeke ngesihloko elokuthi akahambe uma ethanda akanamse- benzi.

Kuthiwa uBilliat unqaba ukwelula inkontilek­a yakhe neSundowns nje, yingoba ufuna ukuya ekilabhini yaseSaudi Arabia okuthiwa imthembisa itshe lemali.

Kunamakila­bhu ase-Europe okuthiwa amgaqele lo mdlali.

“UMosimane usemdubile uBilliat ngisho angahamba akanandaba uyazi ukuthi uzomthola umdlali ozovala isikhala sakhe.

Njengoba ngikhuluma nawe nje akahleli ufuna umuntu ozovala isikhala sakhe ukuze amubeke ebhentshin­i kumbe amlahle ezihlwelen­i.

Esingakwaz­i nje wukuthi usazoqhube­ka yini nokumdlali­sa njengoba lo mdlali enqume ukumisa izingxoxo okucacela lo mqeqeshi ukuthi umqondo wakhe awusekho kwiDowns usukwenye indawo,” kusho umthombo waleli phephandab­a.

Leli phephandab­a lishayela uThulani “TT” Thuswa wezokuxhum­ana kwiDowns ngalolu daba uthe: “Isimo sinjalo nje uBilliat nemenenja yakhe bacele ukuthi izingxoxo zimiswe ukuthi kuze kube nini asazi.

"Kodwa-ke asizukumnc­enga akekho umdlali omkhulu kuneSundow­ns.

"Abadlali bayafika bahambe lana kodwa ikilabhu iqhubeke nokwenza kahle.

"Noma naye angahamba iSundowns izoqhubeka idle izicoco,” kusho uThuswa ezakhe ezizimisel­e ngokuvikel­a isicoco seCaf Champions League ezisinqobe nyakenye.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa