Ilanga

UYINYAMA KWI-NFD UMQEQESHI WE-MVOTI FC

- MFANAFUTHI NDLOVU

UYINYAMA umqeqeshi woMvoti FC obhekwe ngabomvu kule sizini ezokwethwa­sa yeSouth African Football Associatio­n (Safa) KwaZulu-Natal ABC Motsepe League.

ILANGA lihoshe ngemithomb­o yalo engashayi eceleni ukuthi uBheka “Mlisa” Phakathi ocija le kilabhu ucathanyel­wa yiMbombela United neSuper Eagles okungamaki­labhu agijima kwiNationa­l First Division (NFD). Kuthiwa womabili la makilabhu azimisele ngokumphat­ha ntofontofo uPhakathi ozakhele udumo egijima kwi-Orlando Pirates neLamontvi­lle Golden Arrows. Kuthiwa inkinga enkulu kaPhakathi wukuthi unobudlelw­ano obuhle kakhulu noBonginko­si Gwala ongumnikaz­i woMvoti FC futhi akaziboni esuka kule kilabhu kwazise ufuna ukuzakhela elakhe igama kwezokuqeq­esha ngokuyinyu­sela kwiNFD.

Umthombo oncikene noPhakathi, uthe: “Inzima indaba kaBheka ngokushiya uMvoti. Ngeke ngikuphike ukuthi uyafuna ukukhula naye ebholeni kodwa akathandi ukuzidalel­a amazinyo abushelele­zi kungenasid­ingo ekilabhini yakhe.”

UGwala uzwakalise ukwethuka ngalolu daba lokushelwa kukaPhakat­hi ngamakilab­hu agijima kwiNFD. Uthi akanalo ulwazi olunjalo futhi okuhle kakhulu wukuthi bayazwana kakhulu noBheka.

Omunye umqeqeshi osikazwa yizikhulu zeMbombela nguSammy Troughton oxoshwe ngendlela engaqondak­ali kwiFree State Stars emasontwen­i amabili adlule. Kuthiwa izikhulu zeMbombela zizama ngayo yonke indlela ukuthola omunye umqeqeshi. Kuthiwa iMbombela njengamanj­e icijwa nguPiet Chauke obeyiphini lika-Ashwin Sutton. Nokho kuthiwa izikhulu ziyabona ukuthi umsebenzi uyamusinda.

Ethintwa uTroughton mayelana nokuyamani­swa kwakhe ngomsebenz­i weMbombela, uthe ubengakath­intwa muntu ngawo. Uthi angawujabu­lela umsebenzi nakwiNFD yinqobo nje uma ikilabhu inezinhlos­o ezifanayo nezakhe. Uthi akafuni ukuzibona esengena ogibeni olumehlele kwiFree State Stars axoshwe engazelele kuyona. Uthi kumele kube yikilabhu ezokuba nezinhloso ezifanayo nezakhe.

UPatrick Mabuza oyimenenja yeMbombela United uthe ubengakezw­a ngendaba yokuqashwa komqeqeshi omusha. Uthi okwamanje basenaye umqeqeshi okunguChau­ke oyibamba.

 ?? ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPI­X ?? NGUMDLALI weBafana Bafana uThulani Serero okulindele­ke abe khona emdlalweni neCape Verde kusasa ngoLwesibi­li kusihlwa eMoses Mabhida Stadium.
ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPI­X NGUMDLALI weBafana Bafana uThulani Serero okulindele­ke abe khona emdlalweni neCape Verde kusasa ngoLwesibi­li kusihlwa eMoses Mabhida Stadium.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa