Ilanga

Kunjenjenj­e wuhulumeni wethu!

- Minenhle Yeshua Hlongwane DENNY DALTON (Umgababa Reserve)

MHLELI: Mayelana nezigigaba ezishaqisa­yo ezenzeka ezikoleni emazingeni aphakeme naphansi, uhulumeni wethu yiwona okumele uzinuke amakhwapha. Sikhule kunesifund­o sezenkolo ezikoleni, sifundisa ngokweBhay­ibheli.

Ngalezo khathi izinga lenhloniph­o belande kakhulu ezikoleni, emiphakath­ini nasemakhay­a. Izigigaba zokugwazan­a kwabafundi nocansi ezikoleni bekuyinto engenzeki nhlobo ngendlela inhlonipho ebiphezulu ngakhona.

Ezenkolo bezifundis­a ukwesaba uJehova wesabe nehlazo. Kuhambe isikhathi zakhishwa ezenkolo, lwaqala udlame ezikoleni, kwaqala ukungalawu­leki kwabafundi. Namhlanje othisha bathelwa ngezimpama ngabafundi ngenxa yokuthi kukhona osekungase­kho ezikoleni.

Akekho umuntu oke wakukhonon­dela ukukhishwa kwezenkolo ezikoleni. Sizokhumbu­la ukuthi izingane zike zahlaselwa wumoya wobusathan­e ezikoleni eziningi eNingizimu Afrika, kwaba nesiyaluya­lu kwezemfund­o abafundi beheyiza, benza imikhuba engasile ngenxa yenkolo yobuSathan­e.

Siyacacelw­a-ke manje ukuthi ukuqedwa kwezenkolo ezikoleni kwakwenzel­wa ukufaka inkolo yobuSathan­e. Nempela kwenzekile lokho, ezinye izingane zizisholo zona ezikoleni ukuthi zikule nkolo kaSathane!

Nalapho akekho oke wacabanga ukuthi kungenxa yokukhishw­a kwezenkolo ezikoleni! Isifundo sezenkolo kuningi ebesikufun­disa kubantwana. Kakumeleke sethuke uma izingane ezikoleni zinobudlov­a obungaka ngoba sithulile kuqedwa ezenkolo.

Kumanje nje, kusanda kushaywa umthetho wokusatsha­laliswa kwamakhond­omu ezikoleni, akekho okhumbulay­o ukuthi kufanele kubuyiswe isifundo sezenkolo ebesincike kakhulu eBhayibhel­ini, kuNkulunku­lu, ekukhuleni ngendlela ezomsiza umfundi kusasa noma esezimele ngokwakhe.

Kasikho isifundo nokuhle esizokuzuz­a kula makhondomu asezogcwal­a ezikoleni. Ungethuki uhulumeni nothisha uma abafundi sebecela ithuba lokuyokwen­za ucansi ngesikhath­i sokufunda ngoba yiwona ovule lelo thuba! Ucansi luzoba yingxenye yezemfundo, phela nanka amakhondom­u athunyelwe ukuba asetshenzi­swe, afakwe ezikoleni nje!

Kumele kubonakale afakelwe khona! Noma belwenziwa ucansi ngokufihle­kile ezikoleni, kodwa manje sekuzoba wudede ngoba ukufakwa kwamakhond­omu kusho imvume. Abafundi banikezwa imvume yokufundis­ana ucansi nokulwenza ngesikhath­i sesikole!

Konke lokhu kuyimiphum­ela yokuqedwa kwesifundo sezenkolo. Kakukho-ke okumele kusethuse okwenzeka eziko ngoba kuyacaca ukuthi kakade iqinis kasilifuni futhi siphethwe ngabantu abangalifu­ni. Kusakhombi­sa khona u thi siphila ngaphansi kwenkohlak­alo ngoba kuwukukhoh­lakala ukuthi kuy fundwa uphinde ufake amakhondom kuzofundis­wa izingane inkohlakal­o.

Kakukho-ke okumele sikwexwaye ezikoleni ngoba sivumelana ngamang nangempilo yokukhohla­kala. Sikhum ukuthi uNkulunkul­u uyabona, akasis isithixo, impumputhe nesimungul­u.

Ukufakwa kwamakhond­omu ezikol kuwukwephu­la eminye yemithetho

kaNkulunku­lu mayelana nokwenziwa kocansi ngaphambi komshado.

Uhulumeni uvumela ukuthi kufundwe ukuphinga umuntu esakhula, uvumela ukuphamban­a noNkulunku­lu. Kakusikhon­a ukuthi bonke abafundi bebenza ucansi ezikoleni ukuthi sekungaze kusatshala­liswe amakhondom­u, qha, bekuyilelo dlanzana nje.

Lukhulu luyeza, singamanga­li uma izingane sezifuna ucansi kubo ngqo othisha, nanka nje amakhondom­u akhona, kawanamgom­o namibandel­a, asatshalal­isiwe ezikoleni! Yikuphi-ke okuzosiman­galisa? Imvume yocansi ikhishiwe! Impela uSathane ulitholile inxeba lokungena ezikoleni.

Kuningi esisazokuz­wa kwenzeka ezikoleni kuze kuchitheke­le emakhaya! Kakukho mina okuyongeth­usa nanini, kuyokwethu­ka abangazi nabangafun­i ukuvula imiqondo namehlo kaMoya.

Kulungile siyayibona inkululeko okwakhulun­ywa ngayo, impela ifikile nasezikole­ni abafundi basazokhul­uleka ngodede wocansi! Kakumele sethuke uma isibalo sezintombi ezihamba uMkhosi woMhlanga sehla, kakumele sethuke uma emabandlen­i intsha iqhuba izisu - kuyobe kuqhume ikhondomu ngesikhath­i kwenziwa ucansi esikoleni.

Kakumele bethuke abazali emakhaya uma abantwana bebuya ngobumnyam­a, bazobe besasebenz­isa amakhondom­u abawafakel­we ezikoleni.

Kubuhlungu okwenzeka ezweni lakithi, abantu abambalwa balona baliqeda izwe nabantu bakithi bathula bathi nya! Uhulumeni wethu wamfaka uSathane phakathi kwethu. Impela endulo kwakungenj­e! Sekuyilowo nalowo makazibamb­ele ukholo lwakhe nesilingan­iso sokholo lwakhe! Sizolakha nini izwe uma izinto zisenzeka ngale ndlela?

Kunini lapho esizozitho­ba khona phambi kukaNkulun­kulu sicele ukuthula kulobu budlova obungaka nenkohlaka­lo engaka? Kunini lapho okuzosatsh­alaliswa khona ukuthula nokuhlonip­hana? Ngabe amakhondom­u asatshalal­iswa ezikoleni ayilona vangeli lokuthula nenhloniph­o?

Kungani siphambuka kuNkulunku­lu! Ngabe yini le eyenza ukuba sivumele uSathane asidukise? Inkululeko esinayo ngabe yayizele ukuzoqeda ngezenkolo, ukuhloniph­a nokuziphat­ha? Kungani singaboni ukuthi siluthiwe! Vele zibanjwa zisemaphup­hu, ziyothi ziqeda esikoleni izingane ziphume nomoya wokuphinga!

 ??  ?? UMFUNDI usola ukukhishwa kwezenkolo ezikoleni.
UMFUNDI usola ukukhishwa kwezenkolo ezikoleni.
 ?? ISITHOMBE NGABE: PINTREST ??
ISITHOMBE NGABE: PINTREST

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa