Ilanga

NGABE WUSUKU LWAKHO LOKUZALWA NAMUHLA?

UZOBONA sengathi kukhona okuzohamba kahle kwezothand­o. Okumqoka empilweni yakho wukwethemb­eka. Nakanjani kukhona okuthile okuzokushi­ya udidekile.

-

ARIES (March 21-April 19) AMANDLA akho kumele asebenze ngempela manje. Kunomcimbi ongase uthole isimemo sawo. Lesi yisikhathi lapho umqondo wakho uhlaziya kakhulu izimo eziningi ezahlukene. TAURUS (April 20-May 20) QINISEKA ukuthi kawuphindi­seli okubi ngokubi. Ukucabanga ngendlela ehlelekile kuzokusiza uqhubeke nokwenza izinhlelo zakho ngendlela elungile. Ungalinge uchithe imali ezintweni ezingenasi­dingo. GEMINI (May 21-June 21) UBUYE ukhathazek­e kakhulu emoyeni uma ubona impilo yakho ingahambi kahle. Kumele uqonde ukuthi izimo obhekene nazo ngezesikha­shana. Isikhathi ositholayo sisebenzis­e kahle ngale kokwenza izinto ezingenasi­dingo. CANCER (June 21-July 22) UNOZWELO olukhulu kodwa ubuye ubadide abanye uma usukhombis­a okuhlukile kunalokhu. Ungalinge uzenze umuntu ongeyena kulabo oxhumene nabo. Sebenzisan­a nabantu abavuthiwe emqondweni manje. LEO (July 23-August 22) KULUNGELE ukubhekana nanoma hlobo luni lwenselelo. Uyaqonda ukuthi kakuvamile ukuba izinto onazo uzithole kalula. Inkuthalo yakho ingakubeka kwelinye izinga obungalica­bangi. VIRGO (Augt 23-Sept 22) UNGALINGE uzihlangan­ise nabantu obabonayo ukuthi kabathembe­kile. Ukuzimisel­a kwakho kuzoba nomvuzo obonakalay­o ekugcineni. Abanye bayathembe­la kakhulu ekuhlakani­pheni kwakho. LIBRA (Sept 23-Oct 22) ZININGI izinkulumo ezikhona ezinye ezikwenza ungabaze labo osondelene nabo. Uthando lwakho nomaqondan­a lubuye lukudide kwesinye isikhathi. Ukholo lwakho kumele luqine ngamandla. SCORPIO (Oct 23-Nov 21) IZINTO zibukeka zihamba kancane ngonyawu lonwabu. Nakuba uzohluleka wukuzinqob­a zonke izinkinga zakho kodwa kukhona lapho ozozibonga khona ngenxa yokwehla kwelinye ijoka empilweni yakho. SAGITTARIU­S (Nov 22-Dec 21) KUNEZINYAT­HELO okumele uzithathe ngokushesh­a. Indlela ebheke empumelelw­eni ingaphazam­iseka uma uba nokudembes­ela okukhulu. Ukuzikhand­la kujwayele ukunika umvuzo. CAPRICORN (Dec 22-Jan 19) KUMELE uvive ubhekisise ukuthi uqine ngakuphi futhi untenga ngakuphi ukuze uzogxila ohlangothi­ni oqine ngakulona. Ungalinge uvumele abanye bakungabaz­e ngoba uzophelelw­a wumfutho. AQUARIUS (Jan 20-Feb 18) AMATHEMBA akho ungawancik­isi kakhulu kwabanye. Qaphela usebenzise ubuhlakani ezinhlelwe­ni zakho. Izinkinga ezibhekene nomndeni wakho zizoba yisimbelam­bela. PISCES (Feb 19-March 20) KUGWEME ukungezwan­i nabathile ikakhuluka­zi abasemnden­ini wakho. Qaphela kunoma yini oyenzayo ukuthi kakukho okuzokwenz­a ugxekwe.

 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa