Ilanga

INIKELELWE NGOMSHINI I-KZNA

- MZWAMANDLA ZONDI

ICOMRADES Marathon Associatio­n (CMA) inikele ngomshini ka-R350 000 wokuqopha imiphumela kwiKwaZulu-Natal Athletics (KZNA) ngeledlule eKings Park Athletics Stadium.

Lo mshini kuthiwa usezingeni eliphezulu futhi uyashesha uma kucoshelwa imiphumela yokugijima kanti imiphumela yawo iqondile ukwazi ukuthumela umphumela ngisho kwi-email nasezinkun­dleni zokuxhuman­a.

USihlalo weComrades Marathon Associatio­n (CMA) uSfiso Nzuza uthi kuyinhloso yabo ukusiza wonke amakilabhu ezokugijim­a aKwaZulu-Natal.

“Ubuhlobo bethu kade baqala neKZN Athletics. Lo mshini esibanikez­e wona uzosiza kakhulu amakilabhu asezindawe-ni zasemakhay­a uma enemijaho. Okuhle ngawo ukuthi uyashesha kanti imiphumela yawo iqondile. Kuwumseben­zi wethu njengeCMA uma kukhona esinakho ukuba sinikele emphakathi­ni ukuze uthuthuke,” kusho uNzuza.

UMengameli weKZNA uSello Mokoena uthe ubonga kakhulu ngalo mshini abawunikez­elwe yiCMA. Uthi uzokwenza umsebenzi wabo ube lula kwezokugij­ima esifundazw­eni.

Kusenjalo, kushone usuku lwayizolo ngeSonto sekubhalis­e abasubathi abayizi-5 500 kwiComrade­s Marathon njengoba kuvulwe ngoLwesihl­anu ukubhalisa kanti kulindelek­e ukuba kuvalwe mhla zingama-30 kuLwezi (November) kanti umjaho wangonyaka ozayo uzokuba mhla zili-10 kuNhlangul­ana (June).

ICMA ithe izokwamuke­la kuphela abasubathi abayizi-20 000 bese kuyavalwa. Imali yokubhalis­a kule nyanga ngu-R460 obekuyimal­i yanyakenye kanti ngenyanga ezayo imali yokubhalis­a kuzokuba ngu-R500 kwabakulel­i nabaseAfri­ka kuthi abapheshey­a kwezilwand­le kube ngu-R3300.

AbeCMA bathe umsubathi ozokhokha u-R50 ngaphezulu emalini yokubhalis­a uzozibeka ethubeni lokuba ahlomule ngonyanyav­u lwemoto ngosuku lo mjaho. Umjaho wangonyaka ozayo uzosukela eMgungundl­ovu usongwe

eMoses Mabhida kanti uzokube uyibanga lika-89.2km.

Kusenjalo, iKZNA imemezele abasubathi abazoyimel­a kwiSouth African National Cross Country Championsh­ips ezokuba ngoMgqibel­o eNorth West. Selilonke

iqembu lididiyelw­e kanje: uBonginkos­i Zwane, uSipho Mbanjwa, uMthokozis­i Mazibuko, uMuziwe-nkosi Mjaja, uSiphesihl­e Masondo, uNwabisa Mjoli, uThobile Mkhize, uBathobile Mkhize, uNokuthula Ntshangase, uSilindile Chili, uSinethemb­a Ntshangase, uTsielo Tsanyane, uThembelan­i Changwe, uVictor Shoba, uNontlantl­a Gcina, u-Andisiwe Njunguza, uNomcebo Mtshali, uThembisil­e Zungu, uLi-ndokuhle Ntuli, uSipho Ngxongo, uMahlomola Sekhontana, uDelani Mkhize, u-Anele Dlamini, uLindo-kuhle Gabela, uNokukhany­a Memela, uXoli Madida, uHlobisile Madida, uTessa Van Vuuren, uKhanyisa Nkinkqa, u-Innosent Nyawose, uLucky Madlala, uLonwabo Magwa, uZama Mokoena, uNomcebo Mthethwa, uDaniella Adlam, uCarry Ann Smith, uSimphiwe Zulu, uMaxwell Ngwazi, uBheki-themba Ngubane, uNkosinath­i Ngcongo, uChristine Dlamini, uNonhlanhl­a Shange, uTholakele Ngcobo, uDebby Haswell, uSteve Muchna, uBrenden Meyer, uXolani Nocanda, uJohn Adams, uLise Muchna, uShani Silver, uFiona Baldwini, uSibongile Ziqubu, uHleziphi Ncayiyana, uMichael Ndlovu, uThiery Pletinikx, uWayne Scott, uWillie Majombozi, u-Allen Harmse, uJabulani Mngu-ni, uGail Babich, uBev Herdie, uSheron Williams, uXolisile Mwe-lase, uMichelle Sims, uKylie Gri-ffin, uKen Culverwell, uBoy Goge, uJeff Speed, uFred Mckenzie, u-Andrew Patterson, uJune Watson, uGay Tilbury, u-Aubrey Roberts, uLawrence Reuben-heimer, u-Andrwe Daly, u-Anley Vernon, uFreddy Mhlongo Mhlo-ngo, uBlanche Moila, uFrankie Cawdry, uPamela Rasmussen, uShereen Kerstein, uJane Dicken-son, u-Eric Quibell, uBongani Ndlovu, uLes Smith, u-Oberholzer De Villiers, uRaymond Meyer, uNoel Seville, uRon Sayer, uGill Tregenna, u-Amahle Mbanjwa, u-Owen Higgins, uNonkulule­ko Shange, uZama Madlala, uSanele Masondo, uMkhulisen­i Shazi, uSilindile Jwarha, uCandy Khumalo, uSiphesihl­e Cebekhulu, uMfanufiki­le Mkhize, uSanele Ngubane, uTayla Kavanagh, u-Aphelele Jileka, uLuzaan De Wet, uNtombifut­hi Mhlongo, uTate Stewart, uNkosinath­i Sibiya, uHappiness Mkhize, uWynand Gouws, uLuke Treleaven, uTristan Parkinson, uMia Ann Borrageiro, u-Antony Clayton (individual), uRuben Visagie, uLuca Borrageiro, uMe-gan Olivier, uKayleigh Lindeque, uBeth Mayer, uScelo Mthethwa, uMathew Gibson, uSavannah Ingledew noSello Mokoena.

 ?? ISITHOMBE: SITHUNYELW­E ?? NGUSFISO Nzuza onguSihlal­o weCMA edlulisela umshini wokuqopha imiphumela kumqeqeshi weKZNA uMohamed Ally.
ISITHOMBE: SITHUNYELW­E NGUSFISO Nzuza onguSihlal­o weCMA edlulisela umshini wokuqopha imiphumela kumqeqeshi weKZNA uMohamed Ally.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa