Ilanga

KUME NSE YONKE INTO BEKHALA NGENTUTHUK­O

- PHUMLANI GAMA

KUSUKE uthuli lwezichwe ngoLwesibi­li KwaSkhemel­ele, KwaMhlabuy­alingana, enyakathom­pumalanga yeKwaZulu-Natal, ngesikhath­i amalunga omphakathi wakwawadi 6 evala umgwaqo ekhala ngokugqoza kwentuthuk­o okuthiwa ikhetha iphela emasini uma kwenzekile yafika.

Lo mphakathi, obuthukuth­ele ugane unwabu, uvale lo mgwaqo owumgogodl­a wempilo yabantu abaningi KwaMhlabuy­alingana. Usetshenzi­swa ngabahwebi abasebenzi­sa idolobha lendawo, iSkhemelel­e, abezempilo abahambisa igazi emitholamp­ilo, amabhasi athutha umphakathi uma uyothola usizo losonhlala­kahle eMboza nezinye izinhlaka zomphakath­i ezibalulek­ile.

Phakathi kokunye umphakathi okhala ngakho yikhansela lendawo, uMnu December Mathenjwa, okuthiwa liqasha ngokobunga­ni uma kwenzeke kwavela amathuba emisebenzi emphakathi­ni.

Ukhala ngokungabi­khona kukagesi namanzi - osekuke kwadaleka izigameko ezinyantis­ayo emphakathi­ni ngenxa yokuswelek­a kwalezi zidingo.

UMnu Jabulani Malwane, obeyingxen­ye yombhikish­o, uthe babone kungcono ukuba bangene emgwaqweni ukuze kuzoma yonke into ethinta uhulumeni osebenzisa lo mgwaqo.

“Sinqume ukuvala umgwaqo ngoba amakhosika­zi ethu ahlangabez­ana nobunzima emahlathin­i uma eyotheza izinkuni. Kangifuni nokuyiphat­ha eyamanzi ngoba baningi abantu abaphunyul­a ezigebengw­ini esezithole ithuba lokubamba inkunzi kudlalwe ngabantu. Ziningi izigameko ezinyantis­ayo ezenzeka ngenxa yokungabik­hona kwamanzi.

“Kudlwengul­wa izingane ziyokha amanzi emifuleni, kubanjwa izingane emakhaya abazali beyofuna amanzi emihosheni. Kasisakwaz­i ngisho nokwelaman­isa emakhosika­zini ethu ngenxa yesomiso esidla lubi,” kusho uMnu Malwane.

UNkk Sindisiwe Ngwane uthe: “Kusukela ngiyintomb­i ngingakaga­ni, sasitshelw­a ukuthi ugesi uzongena kodwa kuze kube yimanje lutho. Kuningi okusivelel­ayo lapha emakhaya ngenxa yokungabik­hona kukagesi. Kusha izingane zishiswa ngamakhand­lela nomlilo. Siyacela uhulumeni nomasipala ukuba baluthathe­le phezulu udaba lwethu lokungabi nawo ugesi ngoba kuphela abantu lapha endaweni”.

UMnu Mathenjwa uthe udaba lokufakwa kukagesi emphakathi­ni luyalungis­wa ukuze abantu baphile impilo efanayo.

“Maqondana nodaba lokuqashwa kwabantu, kangiqashi ngokukheth­a abantu ngokwezinh­langano okanye ngokobuhlo­bo. Abantu baKwaLulwa­ne sizobafake­la ugesi. Kusezinhle­lweni zikamasipa­la ukuba kufakelwe wonke umuntu ophila ngaphansi kwawo ugesi.

“Siyacela ukuba abantu babekezele sizobafake­la ugesi,” kusho uMnu Mathenjwa othe umatasa nezingxoxo nezinkampa­ni okufanele ziyovula amathuba emisebenzi ewadini yakhe.

Kasisakwaz­i nokwelaman­isa emakhosika­zini ethu ngenxa yesomiso.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa