Ilanga

AKALUBHADA­NGA ESIGCAWINI SOKUQONDIS­WA UBUGWEGWE

- INTATHELI YELANGA sazim@ilanganews.co.za

ILUNGA lephalamen­de le-African National Congress (ANC), uDkt Makhosi Khoza, kalilubhad­anga izolo ngeSonto esigcawini sokuqondis­wa izigwegwe - esigcine sihlehlisi­we - esihlelwe yiqembu lalo KwaZulu-Natal njengoba selibuye lesatshisw­a futhi.

“Isigcawu siqale isikhathi sesedlule ngehora lonke, engabonwa (uDkt) Makhosi Khoza obemelwe nguzakweth­u uSmanga Sethene othe akekho nje, yingenxa yokuthi wesatshisi­we izolo (ngoMgqibel­o) kusihlwa,” kusho isitatimen­de se-ANC KwaZuluNat­al.

Lesi sigcawu sizophinde sihlale ngeSonto mhla zili-17 kwephezulu emahhovisi e-ANC KwaZulu-Natal “ngokwesice­lo somele (uDkt Khoza), oqokwe izolo (ngoMgqibel­o) kusihlwa, wangakwazi ukuhlelela kahle ukuhlala kwesigcawu”.

Ekhasini lakhe leFacebook, uDkt Khoza uphendule abathi makasungul­e iqembu lakhe lezepoliti­ki ngokuthi uyawuthand­a lowo mbono.

Kuke kwaba nokudideka mayelana nesikhathi okuhlelwe ngaso ukulalelwa kodaba lukaDkt Khoza njengoba yena ebethi utshelwe ukuthi kuzoqala ngehora le-15h00 hhayi ngelesi-09h00 njengoba ikomidi belisho.

NgoLwesihl­anu utshele iNews24 ukuthi unovalo lokulalelw­a unyendle lapho kuzodingid­elwa khona udaba lwakhe kwazise kudlangile ukubulawa kosopoliti­ki KwaZuluNat­al.

Lo mholi ubekwe icala lokuhlaza i-ANC. Uyinyathel­e emsileni ngokweseka umbono wokuba uMengameli we-ANC nezwe, uMnu Jacob Zuma, akhahlelwe ngevoti lokungamet­hembi futhi wakuveza ukuthi sekumele ehle kwesokuhol­a izwe.

Izolo ekuseni ubhale ekhasini lakhe leFacebook ukuthi uphanyekwa emnqamulez­weni nje, yingoba yena nenkohlaka­lo yinkukhu nempaka.

UDkt Khoza akaqali ukusatshis­wa njengoba sekuke kwabikwa kaningana ngakho kwaze kwasatshis­wa ngisho namadodaka­zi akhe.

Isigcawu siqale isikhathi sesedlule ngehora lonke, engabonwa (uDkt)...

 ?? ISITHOMBE NGABE: ENCA ?? SIHLEHLILE isigcawu sokuqondis­wa kuka Dkt Makhosi Khoza.
ISITHOMBE NGABE: ENCA SIHLEHLILE isigcawu sokuqondis­wa kuka Dkt Makhosi Khoza.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa