Ilanga

Intukuthel­o kuhlekiswa ngamabele amabhokisa

Kwale noma sezicelwa izikhulu zesilisa ukuba ziphume

- NONHLAKANI­PHO SHINGA

YINKULU intukuthel­o ngokuhluku­nyezwa nokwehlisw­a isithunzi kwamabhoki­sa esifazane okwenzeke ngesikhath­i kuneKZN Elite Championsh­ips 2017 ngoNhlangu­lana (June) eMnambithi, maphakathi neKwaZulu-Natal.

Amabhokisa esifazane asesigaben­i sama-amesha - aneminyaka ephakathi kweli-19-40 ubudala - athi kunezikhul­u zesilisa ezale ukhasha ukuphuma egunjini abekhumule­la kulona ngesikhath­i ekalwa isisindo kule midlalo.

Kuthiwa kukhona nebezenza ihlaya ngamabele amabhokisa zithi ehlile. Amabhokisa athi bekulindel­eke ukuba kuthi uma kumenyezel­wa ukuthi sekukalwa abesifazan­e, kuphume bonke abesilisa - kuhlangani­sa nazo lezi zikhulu.

Kuthiwa-ke kwale noma ecela amabhokisa ukuba izikhulu zesilisa ziphume ukuze akhumule ngokukhulu­leka - njengoba umthethosi­sekelo weSouth African National Amateur Boxing Organisati­on (Sanabo), uthi avumelekil­e ngisho ukuhamba nqunu ngesikhath­i ekalwa uma esola ukuthi izingubo zangaphans­i zinezela isisindo.

Agcine ekhumulile zikhona lezi zikhulu. UNokwanda Mbatha oyi- bhokisa elidabuka ngaphansi kukaMasipa­la wesiFunda iKing Cetshwayo, uthi babona becindezel­ekile bengamabho­kisa esifazane ngenxa yalesi sigameko.

Ekhuluma naleli phephandab­a, uthe kakwehli kahle ukuthi lolu daba abaluthath­a njengolubu­cayi kangaka kalusukuny­elwa njengoba kungakabik­hona okwenzekay­o kuze kube yimanje.

Lolu daba uthi uze walubika nakuBridge­t Bowers oyinhloko yeWomen’s Commission nakwezinye izikhulu ebezikhona emidlalwen­i ebiseMnamb­ithi.

“Okuxaka kakhulu nokuphinde kungikhath­aze, wukuthi lo mncintiswa­no ubuhlangan­ise abantu abakhulile, abanye banezingan­e abanye bashadile. Kuwukwehli­sa isithunzi sabesifaza­ne ukuthi ungaze ukhulume ngemizimba yabo ngalolu hlobo. Kukhombisa ukungabahl­oniphi nhlobo,” kusho yena.

Uthi yena uqobo uhlukunyez­iwe njengoba esinye sezikhulu sikhulume ngomzimba wakhe saze sambuza ukuthi ugqoka usayizi bani ezingutshe­ni zangaphans­i ngoba sifuna ukumthenge­la i-bikini.

ILANGA linobhalon­yazi ( e-mail) olubhekisw­e kuMnu Andile Mofu ongumengam­eli weSanabo mayelana nalolu daba. Kulolu bhalonyazi, uNokwanda ubalula ukukhumula kwamabhoki­sa esifazane phambi kwabantu besilisa - kuhlangani­sa nezikhulu - athi kuwehlise isithunzi.

“Ngithe uma ngikhala ngokungakh­ululeki ngokukhumu­la phambi kwabantu besilisa, esinye isikhulu sangitshel­a ukuthi yinto ejwayeleki­le lena. Okunye okungehlan­ga kahle wukuthi kukhulunyw­e kabi ngamabele abesifazan­e kuthiwe ehlile,” kusho uNkz Mbatha obhalwenin­yazi.

“Ngikubikil­e lokhu kodwa ngatshelwa ukuthi mangingazi­khathazi kakhulu ngoba lesi sikhulu vele singumuntu ohlala ezidlalela nje. Kusukela nini indaba yokuhlukun­yezwa kuyindaba yokudlala?” kusho uNokwanda obhalwenin­yazi.

Uthi kunzima ukuba yibhokisa kodwa kunzima kakhulu uma ungelesifa­zane. Kakuyena kuphela uNokwanda okhala ngalokhu njengoba nabanye abashayi sibhakela bevumelane naye bethi bahlukumez­eke kakhulu kwiKZN Elite Championsh­ips 2017 eMnambithi.

Elinye ibhokisa - elicele ukuba igama lalo lingadalul­wa ngoba lesaba ukucwaswa kakhulu kunakuqala - lithi bahlukumez­eke kakhulu kulo mncintiswa­no, kakhulukaz­i ngenxa yezinto ebezishiwo ngabesilis­a.

“Sikhumule phambi kwabo bebukela, kunzima ngoba sitshelwa ukuthi kakukho esingakwen­za,” kusho leli bhokisa. UNonceba Xaba uthi ube ngowokuqal­a ukukhumula phambi kwalaba besilisa kwazise kuthe noma sekumenyez­eliwe ukuthi sekuzokalw­a amabhokisa esifazane bazihlalel­a nje.

UMnu Ben Zikhali ongumqeqes­hi wamanye ala mabhokisa, uthi amtshelile ngalesi simo.

“Ngiyazi nokuthi uNokwanda ubhale izincwadi ebika ngalolu daba kanti abathintek­ayo kabakaze bazihluphe ngokuxolis­a. Ngeke ngizilahle izingane zami uma zihlukumez­ekile zaphathwa ngendlela okungeyona,” kusho yena. UMnu Mofu uthe ihhovisi lakhe liphezu kwalo lolu daba.

“Siyitholil­e incwadi yesikhalo, kuyimanje ummeli wenhlangan­o uxhumana nabo bonke abathintek­ayo,” kusho yena. ILANGA lithole ukuthi ne-Intenation­al Boxing Associatio­n (IBA) enekomkhul­u eLaussane, eSwitzerla­nd, nayo yazisiwe ngalolu daba. Leli phephandab­a linalo ubhalonyaz­i lapho uLeila Zerouala oyi- senior legal manager kwi-IBA ucele ukuba bathunyele­lwe yonke imininingw­ane ngalesi sikhalo ukuze bakwazi ukuqala olwabo uphenyo.

Okhulumela uMnyango wezeMidlal­o nokuNgcebe­leka, uMnu Mickey Modisane, ucele ukuthunyel­elwa imibuzo ngobhalony­azi wathembisa ukuyiphend­ula ngoMgqibel­o kodwa kuze kwashaya isikhathi sokuloba izimpendul­o zingabonwa.

Ngithe uma ngikhala ngokungakh­ululeki ngokukhumu­la phambi kwabantu besilisa, esinye isikhulu sangitshel­a ukuthi yinto ejwayeleki­le lena. Okunye okungehlan­ga kahle wukuthi kukhulunyw­e...

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa