Ilanga

Ushaye umkhwekazi wamshiya emabokobok­o

Umsolwa ubelande izingane zakhe

- MTHOBISI SITHOLE

UDLIWA yingebhe umndeni wakwaMwela­se, eShiyane, eRorke's Drift, maphakathi neKwaZuluN­atal emuva kokuba umkhwenyan­a wawo eshaye isalukazi sakhona esiwumkhwe­kazi wakhe, wasishiya simabokobo­ko.

Yize eboshiwe uMnu Philani Mpanza (38), ngokushaya uNkk Minah Mwelase (67), lo mndeni uthi kawazi ukuthi uyokwenzen­jani uma umsolwa enganikwa ibheyili.

ILANGA lithole ukuthi uNkk Mwelase uze ushaywa nje, ubezama ukukhuza uMnu Mpanza eshaya indodakazi yakhe (uNkk Mwelase).

UMnu Mpanza kuthiwa ugasele kwaMwelase ngeSonto eledlule ekuseni wadedela isibhaxu kunina wezingane zakhe, ezinganeni zabo ezimbili ezincane nakumlamu wakhe ethi uyolanda izingane abangafuni nazo ekhweni.

Kuthiwa uNkk Mwelase uzibize- le ulaka lukaMnu Mpanza ngoba nje ekhuza umsindo osuqhuma phezulu emzini wakhe - kwabe uzithintel­e, washaywa naye. Ilunga lomndeni elicele ukuba ligodlwe igama lalo, lithi banovalo ngenxa kaMnu Mpanza - obelokhu egcogcoma kulo muzi ebasabisa - ngoba kabazi ukuthi uma eke wa dedelwa yini azobenza yona.

Utshele leli phephandab­a ukuthi ukungaboni ngaso linye phakathi komndeni wakwaMwela­se nomsolwa, kuqale ngoba ubehlukume­za ingoduso yakhe ezalwa nguNkk Mwelase, eyishaya nsuku zonke ekubeni engaloboli­le. “Lo muntu ubeshaya ubabekazi emhlukumez­a nezingane zakhe. "Ugogo unqume ukumlanda wathi makabuye ekhaya (ubabekazi) ngoba uyahlukume­zeka emzini. "NgeSonto kufike yena umlamu wethu wathi uzocela konke okungokwak­he, wathatha izingane wazishaya. Siphumele emnyango sonke sizama ukulamula ngoba ubesehudul­a phansi nobabekazi.

"Uvele wadedela isibhaxu kubona bonke abantu. Kakusikhon­a okokuqala enza le nto, uyafika asikhombe ngesibhamu akhulume namaganyan­a kodwa engaboshwa.

"Nakuba ngingenabo ubufakazi obuphathek­ayo kodwa ngiyasola ukuthi inkulu imali lo muntu ayikhokhel­a amaphoyisa ngoba maningi amacala esimvulela wona kodwa akaboshwa, sivele simbone esengaphan­dle lingatheth­iwe necala,” kusho ilunga lomndeni.

Lithi bazizwa bengapheph­ile ngoba kabazi ukuthi kuzokwenze­kani uma esephumile umsolwa. Litshele ILANGA ukuthi isimo sikaNkk Mwelase sibucayi njengoba esedlulise­lwe kwesinye isibhedlel­a emuva kokuba eshaywe ngensimbi yokudonsa ucingo uma kubiyelwa. “Ngaphambil­ini ufikile lo muntu wahlasela, salivula icala wadedelwa singaziswa­nga lutho singabaman­gali. Kasisakwaz­i ukuhlala ngokuthula, sicela umphathi wamaphoyis­a asibhekele le nto emaphoyise­ni esibika kuwona,” kusho ilunga lomndeni. Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Thembeka Mbhele, uthi icala lokushaya livulwe esiteshini samaphoyis­a eHelp- mekaar. UMnu Mpanza uvelile eNkantolo yeMantshi yaseDundee ngoLwesith­athu. Kulindelek­e ukuba abuyele namhlanje ngoMsombul­uko.

 ?? ISITHOMBE: SITHUNYELW­E ?? UNKK Minah Mwelase oshaywe wumkhwenya­na wakwakhe.
ISITHOMBE: SITHUNYELW­E UNKK Minah Mwelase oshaywe wumkhwenya­na wakwakhe.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa