INGANE INYAMALALE EGCEKENI
KAWUSABUTHI quthu ubuthongo umndeni wakwaNtshangase eMaye, KwaNongoma, enyakatho yeKwaZulu-Natal emuva kokuba kunyamalale ingane yawo isegcekeni.
Kuze kube yimanje kakwaziwa ukuthi ukuziphi izinkalo u-Esihle Ntshangase (2), onyamalale mhla zizine kwephezulu. Kuthiwa unyamalale eya endlini obekukhona kuyona unina, uNkz Qinisile Ngqulunga (24) eyomcela ukuba amhlubele iwolintshi aliphiwe nguninakhulu.
UNkz Ngqulunga, waseMachibini, eMtubatuba, ogwini olusenyakatho yeKwaZulu-Natal, uthi uthathe ingane walibangisa KwaNongoma eyivakashisa kubo - ubezobuyela eMachibini ngalo lolo suku. Uthi ufikisane noMnu Sakhi Ntshangase ongumfowabo wesoka lakhe obehamba nonina bebuya edolobheni.
Banele kwaba wukubona ingane bayithokozela, nayo yakhombisa ukuthokoza emuva kwalokho yahamba nabo phambili. Sekufikwe ekhaya, ingene ekhishini noyise omncane noninakhulu ofike wavula opulastiki, yakhetha iwolintshi. Bayiyalele ukuba iye endlini kunina ukuba ayihlubele lona. Kube wukunyamalala kwayo lokho.
“Ngokusho kukaninakhulu noyise omncane, ingane iphume iza kimina endlini, namanje ngisazibuza ukuthi kwenzeke kanjani ukuba kunyamalale ingane yami ngalolu hlobo. Kangisabazi ubuthongo ngenxa yale- si simo,” kusho yena.
UMnu Sakhi Ntshangase obekhona kunyamalala ingane, uthe: “Ingane yomfowethu iphume iya kunina kwenye indlu. Ingene ekhaya isihamba nami nomama ongizalayo ngoba unina akagunyaziwe ukuba angahamba yinoma yikanjani egcekeni njengoba engakalimisi iduku lapha ekhaya.
"Ithathe iwolintshi yaphuma nalo. Emuva kwemizuzu eli-15, unina ufonele umama ebuza ukuthi isilele yini ingane njengoba ingasaveli kuyena. Impendulo kamama kube ngeyokuthi iphume iya kuyena (unina). Kusukela lapho, siphume inqina sibuza nakomakhelwane kodwa lutho ukuyithola ingane.
"Okusixaka kakhulu wukuthi kungamagxathu ayisihlanu ukusuka ekhishini uya elawini lomfowethu ukuba sekunyamalala ingane. Sikhathazekile, kuze kube yimanje kasibazi ubuthongo ngenxa yalesi simo,” kusho uMnu Ntshangase.
Uyise ka-Esihle - ocele ukuba angadalulwa igama lakhe - uthe namanje kabehli ubuthongo. Ikhansela kuwadi 15 eMachibini, uMnu Mxolisi Mthethwa, lithe lumphethe kabi udaba lokulahleka kwezingane emphakathini. “Ezinye izingane zinyamalala ngenxa yobudedengu babazali. UNkz Ngqulunga uthi ubeha-mbela ukubuya ngalolo suku, ubezohamba kanjani ebusuku nengane.
"Ubudedengu buqala lapho. Siyacela ukuba abazali bahlale ngokuvikela izingane zabo. Abantu mabangayi ngokuthi izinto zalolu hlobo zenzeka ezindaweni ezithuthukile ngoba sezisabalele nezwe lonke.
"Siyacela ukuba lokhu kwenziwe noma ngabe umuzi ubiyelwe ukuze kuqinisekiswe ukuphepha kwabantwana,” kusho uMnu Mthethwa.
Okhulumela amaphoyisa KwaZuluNatal, uCapt Thembeka Mbhele, uthe lolu daba luphenywa ngamaphoyisa esiteshi saKwaNongoma. Unxuse abazali ukuba bahlale ngaso sonke isikhathi beqaphe izingane ngoba kunezigilamkhuba eziphume umkhankaso wokuqoqa izingane.
“Siyacela ukuthi noma ngubani onolwazi noma ongayibona ayifanise le ngane, ukuba axhumane nesiteshi samaphoyisa aseduze nawo. Sinxusa nabazali ukuba bangathathi isikhathi esingaphezulu kwemizuzu eyisihlanu bengazi ukuthi zikuphi izingane zabo” kusho uCapt uMbhele.