Kasiyizwisisi iSilo eyekhomishini
Sithi sona singaliqondisa izwe uma...
BESIKHAFULA amalangabi iSilo samaBandla, uZwelithini kaBhekuzulu, mayelana nokusungulwa kwamakhomishini abhekene nokubulawa kosopolitiki KwaZulu-Natal ngesikhathi sethula inkulumo yaso eMkhosini woMhlanga, obuseNyokeni, KwaNongoma, enyakatho yalesi sifundazwe.
ISilo sithi kasisiboni isidingo sala makhomishini njengoba kusaqhubeka ukubulawa kwabantu. “Kungani la makhomishini engasungulwa uma kubulawa izalukazi nezingane? Kungani asungulwe uma kubulawa osopolitiki kuphela ngoba bonke abantu bayalingana?” kubuza iSilo.
Sithi kuyabonakala ukuthi amakhomishini ayehluleka njengoba kusaqhubeka ukubulawa kwabantu. “Ngikhuluma nje, eGlebelands bayaqhubeka nokubulalana yize ikhona ikhomishini. Lokhu kakulona udlame lwezepolitiki, wubugebengu nje, ngakho-ke mabungahlotshiswa ngokuthi wudlame lwezepolitiki,” kusho iSilo.
Siphinde sagxeka umthethosisekelo ngokuvumela ukuhushulwa kwezisu. “Uma nje nginganikezwa ithuba lokuba ngiphathe izwe iminyaka emithathu, lingaqonda lithi ngqo. Imali yesibonelelo sikahulumeni seyaphendulwa umklomelo ekubeni kwakuhloswe ngayo ukulekelela abaswele, abangakwazi ukondla izingane zabo.
"Izingane sezivunyelwa ukuba zithandane zodwa. Konke lokhu kungaphela nya uma nje nginganikwa ukuba ngiliphathe iminyaka emithathu leli lizwe,” kusho iSilo. Siphinde sakhala nangokubulawa kolimi lwesiZulu sithi kwenziwa nawumsakazo uKhozi FM.
Sigxeke ukushintshwa kwegama lalo msakazo - lisuswa kwiRadio Zulu - kungakhulunywanga naso. “Leli gama lashintshwa kungaboniswananga nami ekubeni (lesi siteshi) sasiqanjwe ngoZulu,” kusho iSilo. "UNdunankulu kaZulu, iNkosi Mangosuthu Buthelezi, ugxeke ukusatshalaliswa kwamakhondomu ezikoleni wathi lokhu kufana nokusasazela inja uma ibona inyamazane. “Kudala abefundisi babekugxeka ukusoka, bekufanisa nehlazo, namuhla izingane sezinikezwa amakhondomu ezikoleni,” kusho iNkosi Buthelezi.
Kungani esungulwa uma kubulawa osopolitiki kuphela, sonke siyalingana.