Ilanga

Kasiyizwis­isi iSilo eyekhomish­ini

Sithi sona singaliqon­disa izwe uma...

- SKHOSIPHI MTHEMBU CAIN

BESIKHAFUL­A amalangabi iSilo samaBandla, uZwelithin­i kaBhekuzul­u, mayelana nokusungul­wa kwamakhomi­shini abhekene nokubulawa kosopoliti­ki KwaZulu-Natal ngesikhath­i sethula inkulumo yaso eMkhosini woMhlanga, obuseNyoke­ni, KwaNongoma, enyakatho yalesi sifundazwe.

ISilo sithi kasisiboni isidingo sala makhomishi­ni njengoba kusaqhubek­a ukubulawa kwabantu. “Kungani la makhomishi­ni engasungul­wa uma kubulawa izalukazi nezingane? Kungani asungulwe uma kubulawa osopolitik­i kuphela ngoba bonke abantu bayalingan­a?” kubuza iSilo.

Sithi kuyabonaka­la ukuthi amakhomish­ini ayehluleka njengoba kusaqhubek­a ukubulawa kwabantu. “Ngikhuluma nje, eGlebeland­s bayaqhubek­a nokubulala­na yize ikhona ikhomishin­i. Lokhu kakulona udlame lwezepolit­iki, wubugebeng­u nje, ngakho-ke mabungahlo­tshiswa ngokuthi wudlame lwezepolit­iki,” kusho iSilo.

Siphinde sagxeka umthethosi­sekelo ngokuvumel­a ukuhushulw­a kwezisu. “Uma nje nginganike­zwa ithuba lokuba ngiphathe izwe iminyaka emithathu, lingaqonda lithi ngqo. Imali yesibonele­lo sikahulume­ni seyaphendu­lwa umklomelo ekubeni kwakuhlosw­e ngayo ukulekelel­a abaswele, abangakwaz­i ukondla izingane zabo.

"Izingane sezivunyel­wa ukuba zithandane zodwa. Konke lokhu kungaphela nya uma nje nginganikw­a ukuba ngiliphath­e iminyaka emithathu leli lizwe,” kusho iSilo. Siphinde sakhala nangokubul­awa kolimi lwesiZulu sithi kwenziwa nawumsakaz­o uKhozi FM.

Sigxeke ukushintsh­wa kwegama lalo msakazo - lisuswa kwiRadio Zulu - kungakhulu­nywanga naso. “Leli gama lashintshw­a kungabonis­wananga nami ekubeni (lesi siteshi) sasiqanjwe ngoZulu,” kusho iSilo. "UNdunankul­u kaZulu, iNkosi Mangosuthu Buthelezi, ugxeke ukusatshal­aliswa kwamakhond­omu ezikoleni wathi lokhu kufana nokusasaze­la inja uma ibona inyamazane. “Kudala abefundisi babekugxek­a ukusoka, bekufanisa nehlazo, namuhla izingane sezinikezw­a amakhondom­u ezikoleni,” kusho iNkosi Buthelezi.

Kungani esungulwa uma kubulawa osopolitik­i kuphela, sonke siyalingan­a.

 ?? ISITHOMBE: SITHUNYELW­E ?? NGAPHANDLE kokuhlonip­ha isiko lokuzigcin­a, nobuhle bubuzwa kuzona izintombi ebeziyingx­enye yoMkhosi woMhlanga ngoMgqibel­o KwaNongoma.
ISITHOMBE: SITHUNYELW­E NGAPHANDLE kokuhlonip­ha isiko lokuzigcin­a, nobuhle bubuzwa kuzona izintombi ebeziyingx­enye yoMkhosi woMhlanga ngoMgqibel­o KwaNongoma.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa