Ilanga

KUKHALWA NGOTHISHAN­HLOKO OBHUBHUDLA IMALI NOMFOWABO

- PHUMLANI GAMA noMTHOKOZI­SI MANQELE

KUBIKWA ukuthi kwenile yizinkinga eVelakweni­le High School, eThengani, eManguzi, enyakatho-mpumalanga yeKwaZulu-Natal njengoba amalunga omphakathi esola uthishanhl­oko wakulesi sikole ngokuzibus­isa ngemali yaso ebambisene nomfowabo ongusihlal­o wasigungu esilawula isikole.

Amalunga omphakathi athi uMnu Wonder Mathenjwa onguthisha­nhloko wakulesi sikole uzenzela umathanda, akafuni kube nemihlanga­no yokubonisa abafundi, kanti imikhuba eminingi kusolwa ukuthi uyenza nomfowabo, uMnu Abraham Mathenjwa. Leli phephandab­a lithole ukuthi kwalesi sikole - esakhiwe eminya-keni engaphezu kwama-30 edlule - kasinakiwe, abafundi baququdwa ngamakhaza nezimvula ngesikhath­i sokufunda.

Kubikwa ukuthi ingxenye yabafundi ihuqa insangu maqede ingene emagcekeni esikole iyobhozome­la othisha. Laba bafundi bangena behlomile futhi kakukho nonogada oqashelwe ukuqapha isimo kulesi sikole. Lokhu kufakazelw­a yisigameko esisanda kwenzeka lapho kugwazane abafundi bengaphaka­thi esikoleni.

Ingxenye yabazali namalunga omphakathi, izwakalise ukukhathaz­eka ngokwehla kwezinga lokuphasa kwabafundi kulesi sikole. Kubikwa ukuthi kunabafund­i abesabisa othisha ngokubaloy­a, babatshele ukuba babaphasis­e ukuze bezofika kalula kumatikule­tsheni. Imiphumela kamatikule­tsheni kuthiwa ilokhu ishone phansi.

“Okusikhath­aza kakhulu wukuthi njengoba sekuzoqalw­a izivivinyo zokuphela konyaka, abafundi bahlupha kakhulu. Uma sithi singena esikoleni ngenhloso yokhuluma nabo, uthishanhl­oko ulwa nathi. Lokhu kwenza sibe nemibuzo ngokuthi yini esaqokelwa yona. Mina ngavuma ngoba ngivele nginesifis­o sokuba yingxenye yabantu abakhathal­ele imfundo emphakathi­ni. Uthishanhl­oko uvele asithathe njengezint­o ezingenams­ebenzi walutho.

“Uma sifuna ukwazi ukuthi imali yesikole isebenza kanjani, kuthiwa siyahlupha. Kulungile mabazibusi­se bahambele phezulu ngale mali yesikole kodwa kunosuku oluyofika, kuyodingek­a bayikhokhe yonke kusuka lapho baqala khona ukuyidla,” kusho umthombo oyilunga lesigungu esilawula isikole.

Omunye wabazali owaziwa kakhulu ngokungaha­mbisani nezenzo eziphamben­e nomthetho, utshele ILANGA ukuthi iyamkhatha­za indaba yemikhuba eyenzeka kulesi sikole. Omunye wothisha besifazane utshele ILANGA ukuthi kukhona nabafundi besifazane okwaziwayo ukuthi bayayihuqa insangu. Uma sebebhemil­e baye bathembise ukuthela othisha besifazane ngesibhaxu. Lo thisha uthi uneminyaka emithathu efikile kulesi sikole kodwa kumanje usezinhlel­weni zokushiya ayofuna esingcono.

“Mina ngihlalisw­e wukuthi kanginaso isikole engingafun­disa kusona, ngabe kudala ngashiya. Uthishanhl­oko nomfowabo bazenzela umathanda lapha esikoleni. Kabafuni sikhulume nabafundi sibayale ngokubalul­eka kokuziqhel­elanisa nezidakami­zwa. Imali yesikole idliwa bume.

“Impela kasazi ukuthi lo baba usicabange­lani ngoba abafundi kabasihlon­iphi, basithembi­sa ukusishaya. Babodwa abasithemb­isa ukuthi bazosiloya uma silokhu silandelan­a nabo. Okubi kakhulu siyahlazek­a thina ngoba ukungaphum­eleli kwabafundi ngendlela efanele, kwenza kubonakale sengathi umsebenzi kasiwenzi ngendlela efanele,” kusho lo thisha ocele ukuba kugodlwe igama lakhe ngoba esaba ulaka lwabafundi.

Uthishanhl­oko uthe kakulona iqiniso ukuthi udla imali yesikole. Uthe kuningi akwenzayo ngale mali.

“Kakukho mali yesikole engiyidlay­o mina, laba abakubizel­e lapha bafuna ukungcolis­a igama lami nje ngento engekho. Imali isebenza ukuthenga amaphepha kulungiswe nemishini yokufothok­hopha, sithenga nensipho yokuhlanza isikole. Maqondana nokuthi abafundi bangena nezikhali, kangazi lutho.

“Uma kunabantu abangagcul­isekile mabeze phambili nezinkinga zabo sibonisane ngazo. Kakuwona umqondo nombono omuhle ukuthi bagijimele emaphephan­dabeni ngezinking­a zesikole. Ngokwazi kwami yonke into ihamba kahle lapha esikoleni. Maqondana nokwakhiwa kwesikole, lokho kakuqonden­e nami, kusezingen­i lesifundaz­we,” kusho uMnu Mathenjwa.

Leli phephandab­a lizame kaningi ukuxhumana nosihlalo wesigungu esilawula isikole kodwa kwangalung­a. Okhulumela uMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal, uMnu Kwazi Mthethwa, uthe kuyichilo ukuthi abafundi bangangena nezikhali esikoleni. Unxuse abazali nomphakath­i ukuba basukume kubhekwane nale nkinga.

Maqondana nemibiko yokudliwa kwemali yesikole, uthe kubi lokho ngoba kufanele isigungu esilawula isikole saziswe ngazo zonke izinhlelo eziqhubeka­yo ngemali yesikole.

“Kubi futhi iyasikhath­aza indaba yabafundi abangena nezikhali ezikoleni. Emasontwen­i amathathu adlule besikwesin­ye isikole eRichards Bay lapho abafundi bengena nocelemba nezibhamu.

“Siyacela ukuba abazali babambisan­e nathi kuseshwe abafundi ukuthi baphuma bephetheni ezikhwamen­i zezincwadi,” kusho uMnu Mthethwa.

 ?? ISITHOMBE: SITHUNYELW­E ?? IKHANSELA uMfu Bonginkosi Mahaye osolwa ngokukheth­a iphela emasini uma ehambisa izidingo emphakathi­ni.
ISITHOMBE: SITHUNYELW­E IKHANSELA uMfu Bonginkosi Mahaye osolwa ngokukheth­a iphela emasini uma ehambisa izidingo emphakathi­ni.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa