Lichashwe ngenhlamba ikhansela
Umphakathi uthi ubuvele umcuphile
LIPHUNYULE ngembobo yenalithi olakeni lomphakathi obusho ukulidla luhlaza ikhansela laseHlalanathi, kuwadi 5, eJozini, enyakathompumalanga yeKwaZulu-Natal, elisolwa ngokuqhuba intwala ngewisa.
Kubikwa ukuthi ngoLwesihlanu kulamule abathile amalunga omphakathi esho ukuqeda ngempilo kaMfu Bonginkosi Mahaye osolwa ngokukhetha iphela emasini uma ehambisa izidingo emphakathini.
Ngokuthola kweLANGA, kundize inhlamba namagama okuklolodelana ngesikhathi le nceku ichashwa ngenhlamba ngamalunga omphakathi nayo iphindisela ngayo (inhlamba).
Kubikwa ukuthi lo mholi uzithintele emalungeni omphakathi ngesikhathi efika ephazamisa umcimbi obekufike kuwona izisebenzi zomnyango wezokuthuthukiswa komphakathi ebezisuka emahhovisi awo aseJozini eyomukelisa amalunga omphakathi ukudla ngenxa yezimo ezibucayi okuphilwa ngaphansi kwazo kule ndawo.
Kuvela ukuthi uMnu Mahaye utheleke engasadle nkobe zamuntu ehamba nabathile abangamalunga eqembu lakhe (iNkatha Freedom Party - IFP) emuva kokuba ethintwe ngomunye wabaholi abaqavile kuMasipala waseJozini - oseqenjini elilodwa lezepolitiki noMnu Mahaye.
Lo mholi uyalele uMnu Mahaye ukuba ayonxusa ukuba ungaqhubeki umcimbi wokunikezelwa kwamaphasela okudla ngoba yena akaziswanga njengekhansela lewadi. Ngeshwa-ke, uMnu Mahaye ufike izisebenzi zomnyango seziqedile, zaphambana naye esangweni.
UNkz Sarah Ngcamphalala oyilunga lomphakathi, uthi kusale kancane ukuba bamqumbe phansi uMnu Mahaye ngoba ufike wakhombisa ukubukela phansi umphakathi.
“Vele besimcuphile ukuthi uzofika. Okusiphatha kabi wukuthi akafuni ukwenza imihlangano nathi siwumphakathi ngaphandle kweqembu lakhe nje. Sikhathele wukubekezelela ukubukelwa phansi ngumuntu futhi ongumfundisi nokwenza. Siyacela ukuba ahlukane nale nto yokuvala abantu abaletha usizo.
“Kuyasikhathaza ukuthi uqhamuka esezoxosha abantu abalethe ukudla ekubeni yena ehluleka ngisho wukuthatha umuntu ngemoto yakhe kufanele aye emtholampilo. Kukaningi sikhuluma nalo mholi simncenga ukuba eze kithina sizomchazela ngezidingo zethu, kodwa konke lokho ukushaya indiva.
“Akasihloniphi. Asikakafiki esigabeni lapho khona sizothi sesikhathele, kuphela nje sidinwa wukubukela phansi kwakhe umphakathi. Siyacela ukuba omasipala baweluse amakhansela ukuthi awenza ngendlela efanele yini umsebenzi ngoba okwenziwa nguMahaye kuyehlula,” kusho uNkz Ngcamphalala.
Ethintwa ukuba aziphendulele uMnu Mahaye, ukuqinisekisile ukuthi kusuke uthuli lwezichwe ngesikhathi ekulo mcimbi.
“Mina ngifike laphaya ngoba ngibizwe ngabantu bengibuza ukuthi kungani kunikwa abathile ukudla kusale abathile. Impendulo yami kube wukuthi kangikwazi nalokho kudla.
“Ngiphuthume khona ngifike ngancoma abakwaSassa (South African Social Security Agency) ngokuletha ukudla ngoba abantu bayakudinga.
“Ngibe sengizokhela umlilo ngokuba ngithi mina ngibona sengathi kakuhambanga kahle uma kubhaliswa abafanelwe wukuthola ngoba kufanele kubhekwe umuntu nomuzi ngokwesimo ophila ngaphansi kwaso.
“IHlalanathi ngiyayazi vele ifanele ukungithwalisa kanzima futhi ngihlale ngisolwa kuyona ngoba vele iyisizinda se-African National Congress (ANC), okwenza bangakwemukeli kahle ukubusa kwami. Enye into engiphatha kabi ngabantu bakuleya ndawo, kabafuni ukuya emihlanganweni uma ngibabiza, emuva kwalokho bahambe bengithuka.
Bajwayele nokudunga imihlangano yami kanti nehlelwe yibona kuyaye kube yiso leso. Ukusuka kwalo msindo kakungethusi,” kusho uMnu Mahaye.