KUYINKINGA UKUQHELELANA NOBUHLE BAKWETHU!
UKUQHELELANA nobuhle lokhu kuyinkinga ngoba ngisho ungaba nenhliziyo enhle kangakanani, uma nje wakheke ngendlela abantu abaningi abazothi uma bekubuka bathi umubi, usuke uzalelwe nguspoti e- roomini.
Uyazi kunzima ngisho nokusiza abantu uma bona bethi bekubuka bathi umubi. UNkulunkulu-ke is a strange artist, akenqeni ukuvele asukele insizwa okungathi yayibunjwa ngama-amesha ngesikhathi kwakhiwa abantu, ayenze ibe nenhliziyo enhle, njengami nje.
Le ndaba yami yokuqhelelana nobuhle iyangilimaza ngoba inhliziyo yami yinhle ngendlela yokuthi ukuba ibinganikwa ithuba lokuba ngumuntu, ibingafana ncimishi noJesscia Nkosi lo odlala indawo kaQondi kwiSibaya - kodwa osathe hulukuqu. Iyangihlupha kodwa ngoba ingiphoxisa ngabantu.
Ngeledlule ngibone enye intombazanyana ecishe ilingane namadodakazi ami, ithwabaza emgwaqweni ilanga lishisa likhipa uSathane esihogweni, ngacela ukuyikotelisa ekalishini ebengihamba ngalo.
Hhawu ingane yabantu ithe uma ithi nhla, ngabona emehlweni nje ukuthi ivele yabona ubuso bami yakhumbula ifilimu yaseNigeria okudlala kuyona uChiwetalu Agu ewumthakathi osewawina zonke izindondo kuma- competition abathakathi. Ingane ivele yathi: “Hhayi ngiya la eduze.”
Ngiphoxeke ngaphathwa ngamajaqamba ezinzisheni ingane ingafuni ukuba ngiyisikotelise. Kangiyisolanga, ngiyabona ivele yacabanga ukuthi ngizoyithatha ngiyothaka ngayo umuthi - phela abantu bazi ukuthi ukuqhelelana nobuhle yinswebu yobuthakathi.
Kakuphelanga sikhathi esingakanani ngafika kwaSars lapho bengiya khona. Ngithe ngifika nje, ngabona isalukazi sishendela kulayini omuuuuuuuuude ebengiyowujoyina. Ngisukwe yile nhliziyo yami enhle ngahlanganisa amaganyana ambalwa esiNgisi ngabuza intokazi yomdabu waseNdiya esebenza kwaSars ukuthi intomb’ endala le ngeke yini yeqiswe ukuze isheshe isizwe igoduke iyophumula.
Ingikhombisile intokazi ngenkulu inhlonipho. Kuthe sengimkhombisa ugogo lapho kumele asheshe asizakale khona, kwangathi ngidlokodle izinyosi or ngithinte uhalakasha lwemamba emsileni. Washo umuntu omdala ngokukhulu ukuba noshiki lokhu wathi: “Mina ngitshelwe ukuthi ngihlale la, hhayi lapho wena othi mangiye khona.”
Usho njalo waqhubeka nokuzihlalela nathi esisenamadolo athambile. Abantu bese bengibuka bengidabukela, ubona emehlweni ukuthi bayasho nje ngezinhliziyo ukuthi: “Uyaphapha, ubuzwe ngobani ukuthi ugogo wabantu ujahile.”
Nokho-ke ukukhula kuyibambe endleleni intokazi endala isashendela ezihlalweni - ningangizwa kabi, bekushesha ngendlela eyisimanga laphaya kwaSars, indaba wukuthi abantu bebebaningi - igcine isidabukisa, ibalisa ngokukhathala namadolo.
Yize-ke ugogo engiphoxe kwajabha izindawo ezifihlakele, lesi siphukuphuku senhliziyo yami besisamdabukela. Emuva kwazo zonke izigigaba engiphoxeka kuzona ngizama ukusiza abantu, uzwe umuntu ethi: “Hhayi ngiyabonga, ngi- right…” - esho ehubhuza ilumbo - kangidikibali ngoba ngiyazi ukuthi uNkulunkulu uyangiqeqesha.
Wena-ke okuthi uma abantu beke bathi umubi, inhliziyo yakho icwile emafutheni unyaka wonke ubambe igqubu, ngiyafisa ukwazi ukuthi uphila kanjani. Cela uNkulunkulu akunike inhliziyo efana noQondi ungabi nendaba nomzimba ofana no- president wase- Uni- ted States of Something - iqhelelene nobuhle leya ndoda, isizwa yikhona nje ukuthi imhlophe kakunakeki.
Uma ufuna ukuphila kahle, xolela ngisho umthakathi wangakini oseke wazama ukukusisela imfene ngoba ethi seziziningi kakhulu kwakhe, zilingana nesikimu se- netball.
Kumele uxolele abantu abaqamba amanga ngawe, afana naweAfrican National Chordless (ANC) KwaZuma-Natal… I mean KwaZulu-Natal - ethi amalunga ayo kawavimbananga ngesikhathi eyobhonga emswanini kwaMagaqa njengoba kushone uSindiso Magaqa.
Uyazi yichilo… futhi yichilokazi nje elinamadevu kabhabhula nogaqasi lomsila wemfene leli. Kumele amalunga kaCongoloose KwaZulu-Natal aye e- spare shop ayothenga onembeza, hhayi bo! Ningayovimbana emizini yabantu kushoniwe! Uyazi ninesibindi esifaswe ngebhawodi lesondo likagandaganda. Seniyasuka lapho nithi beningavimbani, hhawu amanga angaka azibonelwa nguBhekumuzi Luthuli!
Ngiyanixolela kodwa ngoba nani kanikwazi enikwenzayo. Bazalwane, uma abantu bethi umubi sengathi ngumthakathi osekufanele athathe impesheni ekubeni yi- lecturer e-Institute of Thakathioloy, bethi umubi sengathi yimbadada eyakhiwe ngethayi lebhayisikili isigqokwe kwaze kwabuya uGovendor ePhoenix, kuthiwe umubi sengathi yingaphansi likagandaganda, kawuwedwa nathi sibabi kodwa sisaphila namhlanje futhi kasicosuke ndawo - kayikho into esingayitholi ngoba nakhu kuthiwa sibabi.
Nalaba abesabayo ukusizwa yimina, ngizobasiza ngenkani. Umuntu ngizomsiza ngisho esekhala izinyembezi. Sizodlala abantu la, ubezwa bethi abantu abamnyama bayahlupha kababasizi abantu bakubo, angithi yibona labo bantu bakubo abakhethayo ukuthi usizo balwamukela kubani?
Uzwe umuntu ethi yena ngeke alemukele usizo lweSulumane ngoba yena ungumKristu… “INkosi Jesu ingavuka ethuneni!” Uze uzibuze ukuthi kanti ivuka okwesingaki ngoba phela kuthiwa yavuka ngosuku lwesithathu emuva kokwedlula emhlabeni ngesihluku esesabekayo.
Musani ukusikala ngobubi bese nicabanga ukuthi sonke singabathakathi, leyo nto kayikho ngisho unfair, i- misfair… futhi nje i- disfair.
NALABA ABANGISABAYO NGIZOBASIZA NGENKANI.