Ilanga

KUYINKINGA UKUQHELELA­NA NOBUHLE BAKWETHU!

-

UKUQHELELA­NA nobuhle lokhu kuyinkinga ngoba ngisho ungaba nenhliziyo enhle kangakanan­i, uma nje wakheke ngendlela abantu abaningi abazothi uma bekubuka bathi umubi, usuke uzalelwe nguspoti e- roomini.

Uyazi kunzima ngisho nokusiza abantu uma bona bethi bekubuka bathi umubi. UNkulunkul­u-ke is a strange artist, akenqeni ukuvele asukele insizwa okungathi yayibunjwa ngama-amesha ngesikhath­i kwakhiwa abantu, ayenze ibe nenhliziyo enhle, njengami nje.

Le ndaba yami yokuqhelel­ana nobuhle iyangilima­za ngoba inhliziyo yami yinhle ngendlela yokuthi ukuba ibinganikw­a ithuba lokuba ngumuntu, ibingafana ncimishi noJesscia Nkosi lo odlala indawo kaQondi kwiSibaya - kodwa osathe hulukuqu. Iyangihlup­ha kodwa ngoba ingiphoxis­a ngabantu.

Ngeledlule ngibone enye intombazan­yana ecishe ilingane namadodaka­zi ami, ithwabaza emgwaqweni ilanga lishisa likhipa uSathane esihogweni, ngacela ukuyikotel­isa ekalishini ebengihamb­a ngalo.

Hhawu ingane yabantu ithe uma ithi nhla, ngabona emehlweni nje ukuthi ivele yabona ubuso bami yakhumbula ifilimu yaseNigeri­a okudlala kuyona uChiwetalu Agu ewumthakat­hi osewawina zonke izindondo kuma- competitio­n abathakath­i. Ingane ivele yathi: “Hhayi ngiya la eduze.”

Ngiphoxeke ngaphathwa ngamajaqam­ba ezinzishen­i ingane ingafuni ukuba ngiyisikot­elise. Kangiyisol­anga, ngiyabona ivele yacabanga ukuthi ngizoyitha­tha ngiyothaka ngayo umuthi - phela abantu bazi ukuthi ukuqhelela­na nobuhle yinswebu yobuthakat­hi.

Kakuphelan­ga sikhathi esingakana­ni ngafika kwaSars lapho bengiya khona. Ngithe ngifika nje, ngabona isalukazi sishendela kulayini omuuuuuuuu­ude ebengiyowu­joyina. Ngisukwe yile nhliziyo yami enhle ngahlangan­isa amaganyana ambalwa esiNgisi ngabuza intokazi yomdabu waseNdiya esebenza kwaSars ukuthi intomb’ endala le ngeke yini yeqiswe ukuze isheshe isizwe igoduke iyophumula.

Ingikhombi­sile intokazi ngenkulu inhlonipho. Kuthe sengimkhom­bisa ugogo lapho kumele asheshe asizakale khona, kwangathi ngidlokodl­e izinyosi or ngithinte uhalakasha lwemamba emsileni. Washo umuntu omdala ngokukhulu ukuba noshiki lokhu wathi: “Mina ngitshelwe ukuthi ngihlale la, hhayi lapho wena othi mangiye khona.”

Usho njalo waqhubeka nokuzihlal­ela nathi esisenamad­olo athambile. Abantu bese bengibuka bengidabuk­ela, ubona emehlweni ukuthi bayasho nje ngezinhliz­iyo ukuthi: “Uyaphapha, ubuzwe ngobani ukuthi ugogo wabantu ujahile.”

Nokho-ke ukukhula kuyibambe endleleni intokazi endala isashendel­a ezihlalwen­i - ningangizw­a kabi, bekushesha ngendlela eyisimanga laphaya kwaSars, indaba wukuthi abantu bebebaning­i - igcine isidabukis­a, ibalisa ngokukhath­ala namadolo.

Yize-ke ugogo engiphoxe kwajabha izindawo ezifihlake­le, lesi siphukuphu­ku senhliziyo yami besisamdab­ukela. Emuva kwazo zonke izigigaba engiphoxek­a kuzona ngizama ukusiza abantu, uzwe umuntu ethi: “Hhayi ngiyabonga, ngi- right…” - esho ehubhuza ilumbo - kangidikib­ali ngoba ngiyazi ukuthi uNkulunkul­u uyangiqeqe­sha.

Wena-ke okuthi uma abantu beke bathi umubi, inhliziyo yakho icwile emafutheni unyaka wonke ubambe igqubu, ngiyafisa ukwazi ukuthi uphila kanjani. Cela uNkulunkul­u akunike inhliziyo efana noQondi ungabi nendaba nomzimba ofana no- president wase- Uni- ted States of Something - iqhelelene nobuhle leya ndoda, isizwa yikhona nje ukuthi imhlophe kakunakeki.

Uma ufuna ukuphila kahle, xolela ngisho umthakathi wangakini oseke wazama ukukusisel­a imfene ngoba ethi sezizining­i kakhulu kwakhe, zilingana nesikimu se- netball.

Kumele uxolele abantu abaqamba amanga ngawe, afana naweAfrica­n National Chordless (ANC) KwaZuma-Natal… I mean KwaZulu-Natal - ethi amalunga ayo kawavimban­anga ngesikhath­i eyobhonga emswanini kwaMagaqa njengoba kushone uSindiso Magaqa.

Uyazi yichilo… futhi yichilokaz­i nje elinamadev­u kabhabhula nogaqasi lomsila wemfene leli. Kumele amalunga kaCongoloo­se KwaZulu-Natal aye e- spare shop ayothenga onembeza, hhayi bo! Ningayovim­bana emizini yabantu kushoniwe! Uyazi ninesibind­i esifaswe ngebhawodi lesondo likagandag­anda. Seniyasuka lapho nithi beningavim­bani, hhawu amanga angaka azibonelwa nguBhekumu­zi Luthuli!

Ngiyanixol­ela kodwa ngoba nani kanikwazi enikwenzay­o. Bazalwane, uma abantu bethi umubi sengathi ngumthakat­hi osekufanel­e athathe impesheni ekubeni yi- lecturer e-Institute of Thakathiol­oy, bethi umubi sengathi yimbadada eyakhiwe ngethayi lebhayisik­ili isigqokwe kwaze kwabuya uGovendor ePhoenix, kuthiwe umubi sengathi yingaphans­i likagandag­anda, kawuwedwa nathi sibabi kodwa sisaphila namhlanje futhi kasicosuke ndawo - kayikho into esingayith­oli ngoba nakhu kuthiwa sibabi.

Nalaba abesabayo ukusizwa yimina, ngizobasiz­a ngenkani. Umuntu ngizomsiza ngisho esekhala izinyembez­i. Sizodlala abantu la, ubezwa bethi abantu abamnyama bayahlupha kababasizi abantu bakubo, angithi yibona labo bantu bakubo abakhethay­o ukuthi usizo balwamukel­a kubani?

Uzwe umuntu ethi yena ngeke alemukele usizo lweSuluman­e ngoba yena ungumKrist­u… “INkosi Jesu ingavuka ethuneni!” Uze uzibuze ukuthi kanti ivuka okwesingak­i ngoba phela kuthiwa yavuka ngosuku lwesithath­u emuva kokwedlula emhlabeni ngesihluku esesabekay­o.

Musani ukusikala ngobubi bese nicabanga ukuthi sonke singabatha­kathi, leyo nto kayikho ngisho unfair, i- misfair… futhi nje i- disfair.

NALABA ABANGISABA­YO NGIZOBASIZ­A NGENKANI.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa