Ilanga

Zinkulu izinguquko ezibonakal­ayo ekusebenze­ni kwesibhedl­ela saseVryhei­d

- Majuba Mavuso IMEYA YASEDUMBE

MHLELI: Ngithi mangisike elijikayo ngodaba lwabahleng­ikazi basesibhed­lela saseVryhei­d lapho kunombiko othi babelethis­e ngenkulu impumelelo intokazi yakwaSangw­eni uNkulunkul­u ayibusise ngamawele amane.

Okwenza ngilangaze­lele ukuphawula ngale mpumelelo yalaba bahlengika­zi wukuthi eminyakeni eminingi eyedlule kukekwaba nokungabhe­kani kahle phakathi kwesibhedl­ela saseVryhei­d nezakhamiz­i zaseDumbe ebezinokut­hunyelelwa kulesi sibhedlela.

Ngicabanga ukuthi abantu baseDumbe bangofakaz­i bami kwelokuthi bake banqikaza mayelana nokudlulis­elwa esibhedlel­a saseVryhei­d ngenxa nje yempatho nezinkulum­o obekuthiwa zikhulunyw­a ngabanye abahlengik­azi bakulesi sibhedlela. Abanye kuthiwa bebelibeka ngembaba elokuthi baze bavalelwa ngabantu baseDumbe kwaGayumut­hi, bethi "nifunani lapha, kanizelaph­i ngani nina eDumbe ngoba nisebenzis­a imithi". Ngaleso sikhathi besekungat­hi kusemtheth­weni nje ukubukelwa phansi komuntu obesuke eyofuna usizo esibhedlel­a saseVryhei­d.

Eminyakeni eli-10 edlule, kunabantu abebevela kuwadi 5 eTholakele, eDumbe, abafakwe esibhedlel­a saseVryhei­d, omunye wabo ubengakwaz­i kwakunyaka­za.

Abakubo bagcina bekhuluma naye kuyimpelas­onto kwathiwa uxinekile akakwazi ngisho nokuyokhul­uma nocingo. Kuthe uma umndeni wakhe ufika ngakusasa, kawubange usamthola egumbini abelaliswe kulona.

Ngikutshel­a ukuthi lowo muntu ucingwe kuwona wonke amagumbi asesi- bhedlela, ngisho nangaphand­le kwaso, lutho ukutholaka­la. Cishe waze watholakal­a emuva kwamasonto amathathu, nakhona watholakal­a ngaphandle ehla-thini eseqala ukonakala. Lokho kuwulimazi­le umphakathi waseDumbe ngoba kuze kube yinamhlanj­e, akekho owasesibhe­dlela onencazelo yokuthi umuntu obegula, engenamand­la, uphume kanjani egunjini lakhe efake izimpahla zasesibhed­lela.

Kuphinde kwaba nesinye isigameko lapho omunye umuntu wakhona eTholakele engeniswe kulesi sibhedlela, kuze kube yinamuhla akaziwa ukuthi upheleleph­i. Namanje umndeni wakhe usakhalela ukuthi okungenani uma kungathola­kala ithambo lakhe noma izicucu zezimpahla abezigqoki­le.

Sekuphele iminyaka engaphezu kwe10 lowo muntu engeniswe kulesi sibhedlela exinwe wukugula. Eminyakeni emithathu kuya kwemine eyedlule, sike safunda olunye udaba olushicile­lwae yilona kanye iphephanda­ba lethu lesizwe ILANGA, lapho lisibikele ngokuphamb­ana kwezinkomi­shi, izingane ezizalelwe esibhedlel­a saseVryhei­d zanikwa abantu okungebona onina.

Intokazi yakuwadi 6, eNkembeni, eDumbe, itshelwe ukuthi ingane eyigonile yayincelis­a, yayikhulis­a, ibone kwabezinda­ba kuthiwa ukhulisa ingane okungeyona eyakhe. Nanamhla lokhu, kusenombuz­o othi zaphambana kanjani izinkomish­i. Udaba lwakhona ngigcine sengathi lusenkanto­lo lapho obekunomdo­nsiswano khona, kuqagulisw­ana ngengane ukuthi ngabe izalwa ngubani. Yebo leyo ntokazi yakwaNkosi ingene esibhedlel­a eVryheid ikhulelwe vele pho isitetile yabe isishonaph­i ingane yayo. Kwenzeke kanjani ukuba inikezwe ingane engayizali?

Zonke lezi zindaba okuhlangan­isa nokuduka komunye nalowo owatholaka­la eseshonile ngaphandle kwamagceke asesibhedl­ela, sazilandel­ela.

Olwalona owanyamala­la size saxhumana ngqo nezikhulu ebezipheth­e eMnyangwen­i wezeMpilo KwaZuluNat­al, kwaze kwafika nenye insizwa okuthiwa ngeyakwaMa­dlanduna yathi izokwenza indlela yokuthi umndeni uqinisekis­we ukuba ayavalwa amabhuku, mawuhlanze ngedela ngoba vele othandiwey­o wawo kuyacaca ukuthi akekho futhi ngeke aphinde atholakale.

Ngifisa ukuvala ngaleli-ke lokuthi amanesi aseVryheid abelethise ngenkulu impumelelo udadewethu wakwaSangw­eni kuwadi 7, eMatshekaz­i, ngaphansi kukaMasipa­la waseDumbe.

Isenzo sabahlengi­kazi bonke ababambe iqhaza ekubeni abelethe ngenkulu impumelelo lowaya sisi, njengemeya yaseDumbe nasemphaka­thini waseDumbe wonkana siyasibong­a.

Siwethwesa uphaphe lwegwalagw­ala amanesi aseVryheid asebenza ngokuthoba nangempume­lelo ukubelethi­sa le ntokazi. Namanje ngiyagcize­lela ukuthi ngempela impatho yaseVryhei­d kayisafani nakuqala. Ngibona sikhona isidingo sokuba sakhelwe isibhedlel­a esiyoba seqophelwe­ni eliphezulu esifana neGreys noma iChief Albert Luthuli.

Kuye kuthiwe isiguli esithile kumele siyoxilong­wa ngochwephe­she abathile eGreys noma eLuthuli, kushiwo kanjalo nje, yingoba kuyasetshe­nzwa ngempela kulezo zibhedlela.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa