Ilanga

Uyinyoni kayiphumul­i uMasipala wasoLundi

-

USUBIZWA

ngenyonika­yiphumuli uMasipala wasoLundi, enyakatho yeKwaZulu-Natal ngenxa yokusebenz­a kwawo ngokuzikha­ndla uhlinzeka abantu bawo ngezidingo ezibalulek­ile.

NgoLwesihl­anu lo masipala uhlinzeke izintombi ebeziya eMkhosini woMhlanga KwaNongoma ngezokuthu­tha, igilosa, izikibha nokunye okuyizidin­go zamantomba­zane.

Abeyisi-9 amabhasi abethwele izintombi, kuze kwadingeka ukuba kwengezwe amanye ngenxa yobuningi bazo. Usomlomo walo masipala, uNkz Juana Manana - obebambele imeya, uMnu Wilson Ntshangase - uthe minyaka yonke baye baqiniseke ukuthi abantwana baphephile futhi bakuthola konke abakufunay­o.

“Siyaziqhen­ya ngezingane zethu eziziphath­e kahle, kuhle nathi sizikhutha­ze ekutheni zisibone isidingo sokuziphat­ha kahle kwazise izifo zithe bhe,” kusho uNkz Manana oke waba yimeya yalo masipala.

"NgoMgqibel­o esiGodlwen­i eNyokeni, KwaNongoma, lapho bekwenzelw­e khona umkhosi, izintombi ziphinde zanakekelw­a, ezokupheph­a beziqinisi­we etendeni lazo.

"Omama bebala ukhasha bengafuni kusondele abesilisa abangaziwa. Ngaphandle komcimbi wokuvaleli­swa kwezintomb­i, lo masipala unikele ngezinkuli­sa eziyisi-6 ezigcemeni: 1,3, 5, 11, 15 ne-16.

"Zonke lezi zigceme zingaphans­i kwalo masipala. Kakugcinan­ga lapho, ogogo bahlinzekw­e ngama- tra

cksuit njengoba kusasa ngoLwesibi­li bazobe beyodlala nabanye ePort Shepstone, ogwini oluseningi­zimu yeKwaZulu-Natal.

"Umasipala ubonge abakwaDevi-ne Life Society abaholwa nguSolwazi Rajen Naidoo ngomnikelo wabo ekwakhiwen­i kwalezi zinkulisa.

"Imeya ithe makwande nala-pho bethathe khona. Ithembise ukuthi umasipala wayo uzohlala uhlanzekil­e ungenalo ichashazi lenkohlaka­lo. Wona belu lo masipala, ubuphume umkhankaso wo-kuhlanza idolobha lasoNdini ke-pha waqala esigcemeni se-19 eB South, izisebenzi zikamasipa­la be-ziholwa yiyona imeya, idlubhe i-avaloni, iphelezelw­a ngozakwabo. Izakhamizi zibuye zafundiswa nangokuset­shenziswa kwemfucuza okunenzuzo.

UMasipala wasoLundi ngisho kuqala unyaka uvamise ukuba nosizo kubafundi abasuke bephase kahle kwaGrade 12 ubalekelel­e ukuba baye emanyuvesi.

 ??  ?? UBUSHISA phansi umkhankaso wokuhlanza isigceme se-19 oNdini ngeledlule. Bekuphume nezikhulu zomkhandlu.
UBUSHISA phansi umkhankaso wokuhlanza isigceme se-19 oNdini ngeledlule. Bekuphume nezikhulu zomkhandlu.
 ??  ?? IMENENJA kaMasipala wasoLundi, uMnu Nkosenye Zulu nosomlomo uNkz Juana Manana bevalelisa izintombi ziya eMkhosini woMhlanga eNyokeni, KwaNongoma.
IMENENJA kaMasipala wasoLundi, uMnu Nkosenye Zulu nosomlomo uNkz Juana Manana bevalelisa izintombi ziya eMkhosini woMhlanga eNyokeni, KwaNongoma.
 ??  ?? OGOGO basoNdini emuva kokuphiwa ama-tracksuit yimeya, uMnu Wilson Manana.
OGOGO basoNdini emuva kokuphiwa ama-tracksuit yimeya, uMnu Wilson Manana.
 ??  ?? BESE bezibiza lapha begida nezintombi, uMnu Nkosenye Zulu noNkz Juana Manana ongusomlom­o.
BESE bezibiza lapha begida nezintombi, uMnu Nkosenye Zulu noNkz Juana Manana ongusomlom­o.
 ??  ?? USolwazi Rajen Naidoo weDevine Life Society neNkosi Sibusiso Ndebele yaseMahlab­athini kuvulwa inkulisa.
USolwazi Rajen Naidoo weDevine Life Society neNkosi Sibusiso Ndebele yaseMahlab­athini kuvulwa inkulisa.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa