Ilanga

Kuphele ukuchoma kowaseGoli emuhluzwa ngowaseKZN

Uyise ugcine esetatazel­a okomuntu owosa ithumbu ziyinetha indodana

- PHILANI NCALANE

KUPHELE ukuchoma kuBrandon Thysse waseGoli emukluzwa kabuhlungu nguNkulule­ko Mhlongo waseShowe empini yebhande leSouth African Junior Middleweig­ht ngoMgqibel­o ebusuku e-Emperor’s Palace, eGauteng.

UMhlongo nguyena obevikela leli bhande, futhi ukhombise ubungqwele kusukela ngomzulisw­ano wesibili kwaze kwaba uThysse ulanyulelw­a ngunompemp­e ngomzulisw­ano we-10. UThysse uwunqobile umzuliswan­o wokuqala okumnike ithemba lokuba yingqwele kazwelonke ekubeni eqale isibhakela esikhokhel­ayo ngonyaka wezi-2015.

Ungene eringini enezimpi eziyisi-8 futhi ubesazinqo­be zonke. Lokhu yikhona obekwenza abanye bakholwe wukuthi uzoshaqisa abaningi ngokuphuca uMhlongo lesi sicoco. Naye ubephumele obala ngokuthi sesifikile isikhathi sokuthi abe yingqwele kazwelonke. Nokho-ke uMhlongo uvele wenza okulula njengoba ebethatha isikhathi sakhe bese enemba ezimbanjen­i. Ngemuva kwempi uMhlongo uthe ubazi ukuthi ukugxila ezimbanjen­i kuzomqeda amandla uThysse. Ukuphendul­wa kukaThysse isaka lokujima, kubukeke kunemba kabi enhliziywe­ni kayise u-Andre obelokhu ehla enyuka ngesikhath­i sempi kucaca ukuthi ngathi zihlala kuyena ngqo izibhakela.

U-Andre ubeyibhoki­sa elihlo- nishwayo kuleli kanti ushiye kulo mdlalo ngonyaka wezi-2009. Uke waba yingqwele yebhande lakuleli leMiddlewe­ight.

UMhlongo uthe akumxakang­a ukubona uBrandon emhlasela ngokushesh­a ngomzulisw­ano wokuqala.

“Ngivele nganquma ukuqhubeka neqhinga ebesivele sisebenzel­a kulona ejimini. Ngingene eringini ngazi kahle ukuthi lo mfana akakaze ayilwe imizuliswa­no engaphezul­u kweyisi-6. Bengazi kahle ukuthi ukumnemba ezimbanjen­i kuzomkhath­aza kanzima ngoku- nyuka kwemizulis­wano. Ubehlonyek­iswa ngabantu naye wazibona sengathi usekulunge­le ukuba yingqwele,” kusho uMhlongo abaphathi bakhe abadalule ukuthi usezogxila phesheya kwezilwand­le ngoba kuyacaca ukuthi kalisekho ibhokisa angalwa nalo kuleli. UMhlongo useke walwa izimpi ezimbili eGermany wabuya eshwiba izandla.

Lo mqhudelwan­o ubuhlelwe yiGolden Gloves Promotions kaRodney Berman obegubha iminyaka engama-40 esemkhakhe­ni wokuhlela izimpi.

 ?? ISITHOMBE NGABE: GALLO IMAGES ?? UNKULULEKO Mhlongo waseShowe unikeze uBrandon Thysse waseGoli izifundo zamahhala zesibhakel­a evikela kalula ibhande lakuleli leSA Junior Middleweig­ht ngoMgqibel­o eGauteng.
ISITHOMBE NGABE: GALLO IMAGES UNKULULEKO Mhlongo waseShowe unikeze uBrandon Thysse waseGoli izifundo zamahhala zesibhakel­a evikela kalula ibhande lakuleli leSA Junior Middleweig­ht ngoMgqibel­o eGauteng.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa