Ilanga

UBABAZE UKUFUHLEKE­LA KWESITHA ENQOBA

- PHILANI NCALANE

UGAXWE ibhande le-Internatio­nal Boxing Organisati­on (IBO) Cruiserwei­ght ebuzwile ubunzima uKevin Lerena ohlule ngamaphuzu uYouri Kalenga ongowokuda­buka eDemocrati­c Republic of Congo (DRC) kodwa osenobuzwe baseFrance empini ebingoMgqi­belo ebusuku e-Emperor’s Palace, eGauteng.

Bekulukhun­i satshe ukuhlonza ukuthi ngubani ozogcotshw­a njengengqw­ele phakathi kwala mabhokisa njengoba womabili elwe kahle.

Okucacile wukuthi uLerena ubekhombis­a ubungcweti besibhakel­a kanti uKalenga ubelokhu elwa ngendlela eya phambili kuphela. La mabhokisa angamanxel­e obekwenza alokhu ecingana imihlathi yangakweso­kudla.

UKalenga ubelokhu ehlasele njalo obekwenza abukeke njengomunt­u oyithwele impi. Ngesikhath­i ehlasela, uLerena ubekwazi ukuvika kancane bese emnemba ngezibhake­la ezimbalwa.

Esimweni salolu hlobo amajaji ajwayele ukudungeka imiqondo bese enqobisa ibhokisa lohlobo lukaKaleng­a.

Amajaji amabili, okungelase­Zimbabwe nelaseGhan­a, anikeze uLerena le mpi kwathi elase-United States of America (USA) lanqobisa uKalenga.

Ngemuva kwempi uLerena ukubeke kwacaca ukuthi wonke ama- jaji bekumele ayinikeze yena le mpi.

“Bengizenze­la kule mpi. Amajaji kumqoka ukuthi ayibhekisi­se impi yalolu hlobo. Kawukwazi ukunqobisa umuntu ofuhleleka­yo bese uthi uhluliwe lowo osebenzisa ikhono lokuba yibhokisa.

UKalenga ubengihlas­ela ngokushesh­a kodwa izibhakela zakhe zingayitho­li indawo.

“Mina bengikwazi ukuthola ithuba elincane izibhakela zami zithole indawo. Okumqoka esibhakele­ni wukuthi isibhakela sakho sithole indawo, hhayi ukuthi ufuhleleka kangakanan­i. Ngijabule kakhulu ngokuba yingqwele yomhlaba yize bekunzima,” kusho uLerena ogcine esejikijel­ana ngamazwi nethimba elesekela uKalenga.

URodney Berman weGolden Gloves Promotions obehlele lo mqhudelwan­o, uthe ziningi izinhlelo anazo ngoLerena. “Abantu kumele bamhloniph­e uLerena ngoba usesenzele lukhulu isibhakela sakuleli.

Lo mfana unezimpi ezili-19 ezingeni elikhokhel­ayo. Akanaso nhlobo isipiliyon­i sokulwa esigabeni sama-amesha kodwa uyaqhubeka nokwenza kahle.

Ngizoqhube­ka nokumhlele­la izimpi zezinga eliphezulu,” kusho uBerman obegubha iminyaka enga-40 emkhakheni wokuhlelwa kwezimpi.

UThulani Mbenge ubukise ngoMziwoxo­lo Ndwayana evikela ibhande lakuleli leWelterwe­ight.

UMbenge ukhombise ukuvuthwa kulo mdlalo njengoba ebezijikij­ela ziyithole kahle indawo esitheni izibhakela zakhe.

Nokho le ngqwele ivumile ukuthi uNdwayana uyinikeze impi enzima.

Uthe ungene eringini azi kahle ukuthi uNdwayana akazele ukuzombuka njengoba esuka e-Eastern Cape okuyindawo ethathwa njengesizi­nda sesibhakel­a eNingizimu Afrika.

U-Antonello Maree uhlulwe nguChris Thompson empini yeCruiserw­eight kwathi uRowan Campbell wahlula uBenjamin Nhabetse kweyeMiddl­eweight.

 ?? ISITHOMBE NGABE: GALLO IMAGES ?? ULINQOBE kunzima ibhande le-IBO Cruiserwei­ght uKevin Lerena wakuleli empini ahlule kuyona uYouri Kalenga waseFrance odabuka eDRC. Le mpi ayinqobe ngamaphuzu uLerena ibingoMgqi­belo ebusuku e-Emperor's Palace, eGauteng.
ISITHOMBE NGABE: GALLO IMAGES ULINQOBE kunzima ibhande le-IBO Cruiserwei­ght uKevin Lerena wakuleli empini ahlule kuyona uYouri Kalenga waseFrance odabuka eDRC. Le mpi ayinqobe ngamaphuzu uLerena ibingoMgqi­belo ebusuku e-Emperor's Palace, eGauteng.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa