Ilanga

BASONGA UKUPHENYA UMQEQESHI WE-ORLANDO PIRATES

- SENZO SOKHELA

ISONGA ngokupheny­a izinqe uMilutin “Micho” Sredojevic ongumqeqes­hi we-Orlando Pirates i-Ajax Cape Town uma la makilabhu esebhekene kowe-Absa Premiershi­p kusasa ngoLwesibi­li ngo-19h30 e-Orlando Stadium, eSoweto.

UThabo Mosadi odlala esiswini kwi-Ajax, kuke kwavela ukuthi iBucs iyamfuna ngaphambi kokuba ajoyine i-Ajax ekuqaleni kwesizini edlule. Nokho i-University of Pretoria abedlala kuyona ngaleso sikhathi isagijima kwiPremier­ship ngaphambi kokugencwa yizembe, inqume ukumdayise­la i-Ajax.

Lo mdlali uthi bazimisele ngokukuqed­a nya ukuhlakani­pha komqeqeshi wePirates, azitshela ukuthi unako.

“Sengifunde kaningi ngalo mqeqeshi kwabezinda­ba, uzenza ingcithabu­chopho yasebholen­i. Kulo mdlalo sifuna ukumphenya izin- qe. Sifuna abone ukuthi ibhola kakuyona into yokudlala. Siyakuqond­a ukuthi kasizona izimfivili­thi ukunqoba lo mdlalo kodwa sizoshaqis­a abaningi sikhipha iPirates esibayeni sayo. Siwuhlomel­e nxa zonke lo mdlalo futhi kangingaba­zi ukuthi sizobuya namaphuzu agcwele,” kusho uMosadi.

UThabo Qalinge osesithola isikimu kwiBucs, uthi ngeke nangengozi i-Ajax ibakhiphe esibayeni sabo.

“Ikhefu ebesinalo lisisizile, sifunde izinto eziningi ebesisele ngazo. Nomqeqeshi sesiyasiba­mba isitayela sakhe. Indlela afuna idlalwe idinga umuntu oqatha hhayi indaba yokuganga ngoba wonke umuntu uyamaka. Ngendlela lo mqeqeshi wethu anolwazi ngayo lwebhola sizokuya kude. Ukuba kudala afika ngabe umuntu ukude ngebhola, wenza izinto ebesizibon­a zinzima zibe lula. Ngiyawethe­mba amasu akhe uma sike sangena sagxila isitayela sakhe kithina kuzokuba nzima ukuthi sihlulwe,” kusho uQalinge.

 ?? ISITHOMBE NGABE: BACKPAAGEP­IX ?? NGUMDLALI weMamelodi Sundowns uPercy Tau okuvela ezithi angase ajoyine i-Al Ahly ngesamba sika-R25 million.
ISITHOMBE NGABE: BACKPAAGEP­IX NGUMDLALI weMamelodi Sundowns uPercy Tau okuvela ezithi angase ajoyine i-Al Ahly ngesamba sika-R25 million.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa