Ilanga

Adinwe umdlali amadodana e-Iron Duke

Ucela ukunikwa ithuba ngumqeqesh­i

- SENZO SOKHELA

UCASULE amadodana kaIrvin “Iron Duke” Khoza ongusihlal­o we-Orlando Pirates uThabiso Kutumela ongumgadli wale kilabhu ngokona iminyakazo yezingane ekubeni emdala futhi edlala eqenjini elikhulu lale kilabhu.

IPirates Reserves iguqise AmaZulu FC Reserves ngo-2-1 koweMultiC­hoice Diski Challenge (MDC) ngoMgqibel­o emini eSugar Ray Xulu Stadium, eClermont, ngaphandle kancane kwasePinet­own. UKutumela nguyena kuphela odlala eqenjini elikhulu leBucs obeboshelw­e kulesi sikimu seMDC, ushaye amagoli amabili kulo mdlalo.

Nokho bekungewon­a amagoli atheni bekuyizimb­uzi. Umdlalo wakhe kawuzange ukhombise ukuthi udlala esikimini esikhulu kwazise nguyena obebuye one iminyakazo yezingane kube kunguyena omdala. Lo mdlali uboshelwa kulesi sikimu nje, yingoba kuvela ukuthi akekho ezinhlelwe­ni zomqeqeshi omusha weBucs, uMilutin “Micho” Sredojevic.

IBucs ike yazama ukumubolek­isa njengoba bekuvulwe iwindi lokudayise­lana ngabadlali kodwa izinto zangalunga. Ike yazama nokumbolek­isa kwiBaroka FC emthenge kuyona kodwa yangamthat­ha.

Kubukeka indlela kaKutumela ebheke ekushiyeni kwiBucs isikhanya nakakhulu njengoba amadodana kaKhoza, uNkosana noMpumi ekhombise ukungayith­okozeli iminyakazo yakhe ekubeni edlala ezinganeni. Kuthiwa uKhoza la madodana akhe uwacijela ukuphatha iBucs njengoba ekhula.

Ngaso sonke isikhathi uma uKutumela ebulala iminyakazo, uNkosana okunguyena omdala ubevele anikine ikhanda, uMpumi avele abhavumule abuze ukuthi wenzani. UMpumi nguyena obebukeka esemdlalwe­ni ngoba ubebuye amemeze esebhokisi­ni lezicukuth­wane etshela abadlali ukuthi abanyuke bahlasele. Bekubonaka­la ukuthi uyabazi ngoba ubebabiza ngamagama.

UNkosana obezithule­le nje, aphendule ngoba nakhu ekhulunyis­wa ngumfowabo. Nokho okucacile wukuthi nakuba uKutumela ewashayile amagoli kodwa kabachazek­anga ngomdlalo wakhe njengoba uMpumi ebengamukh­ulumi kahle kumfowabo omdala kubonakala naye ukuthi uyayibona le nto ayishoyo. Ububona ukuthi baswele amandla okumukhiph­a.

UKutumela ucela ithuba elanele esikimini esikhulu ukuze akhombise ukuthi igoli uyalazi.

“Selokhu ngifikile kwiPirates kangikalin­ikwa ithuba elanele ukuba ngiziveze ukuthi ngilishaya kanjani igoli. Kunalokho uma nginikwa ithuba ngidlalisw­a ezindaweni engingazej­wayele. Engikucela­yo nje kumqeqeshi wukuthi anginike ithuba bese engibophel­a phambili, kangingaba­zi ukuthi ngizowasha­ya amagoli.

“Yikhona engikwazi kangcono ukushaya amagoli. Ngiphathek­a kabi uma kuthiwa ikilabhu inenkinga phambili ngibe ngizazi ukuthi ngingayela­pha le nkinga kodwa ngingalini­kwa ithuba. Ngiyacela ukuba nginikwe ithuba noma yikanjani ngeke ngiphoxe,” kusho uKutumela.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa