Ilanga

ABADLALI BAKHALA NGOKUGQILA­ZWA YI-DOWNS

- MFANAFUTHI NDLOVU ZONDI

BACASULWA wukugida ndawonye abadlali beMamelodi Sundowns abashovwe kwiMultiCh­oice Diski Challenge (MDC) eqale ngegiya eliphezulu eSugar Ray Xulu Stadium, eClermont, entshonala­nga yeTheku.

UThela Ngobeni ongunozint­i wale kilabhu noSiyanda “Jojo” Zwane batshele ILANGA ukuthi sebekhathe­le wukuba kwiDowns. Bathi bebenethem­ba lokuthi le kilabhu izobakhulu­la ngesikhath­i kuvuleke iwindi lokuthengi­selana ngabadlali kodwa yabagcinel­a ukubashova kwiMDC.

UNgobeni ubesezinti­ni zeSundowns Reserves iguqiswa yiBloemfon­tein Celtic Reserves ngo3-0 koweMDC ngoMgqibel­o eClermont. NoJojo uwuqale waze wawuqeda lo mdlalo. Amagoli eCeltic ashaywe nguThabo Mile amabili noKabelo Dlamini.

Ekhuluma neLANGA emuva komdlalo uNgobeni uthe: “Ngibona sengathi impilo yami ibuyela emuva. Kumele ngithole iqhinga (lokuphuma kwiDowns) ngoba neminyaka iyahamba, kayimile.

"Kangeneme ngalesi simo engikusona. Okunzima kakhulu wukuthi inkontilek­a yami isalelwe yiminyaka emibili.

“Lesi sigaba ngesabafan­a aba- ncane ukuzibonak­alisa. Nokho ngizobekez­ela ukuze okungenani ngizobolek­iswa. Kakusho lutho ukuthi ngibhalisi­we kwiCaf Champions League, okubalulek­ile wukudlala esigabeni esikhulu,” kubalisa uNgobeni obebolekis­we kwiFree State Stars ngesizini edlule.

UNgobeni umiswe kabi ezintini zeDowns nguDennis Onyango wase-Uganda noKennedy Mweene waseZambia okungenye yezinto ezenze washiya phansi uWayne Sandilands wajoyina i-Orlando Pirates.

NoJojo ukhihle isililo esifana nse nesikaNgob­eni ngalokho abakubiza ngokuchith­elwa isikhathi ngamaBrazi­lian.

“Sekuphele izinyanga cishe eziyisi-8 ngagcina ukudlalisw­a. Sengimdala manje ukuthi ngingajabu­lela ukuhola imali ngibe ngingenzi lutho.

"Konke sengikubek­a phambi kukaShembe,” kusho uJojo okwelulwe inkontilek­a yakhe kwiDowns njengoba ibinomband­ela walokho nxa le kilabhu isamfuna.

Lesi simo kasibheken­e nalaba badlali nje kuphela kwazise noKwanda Mngonyama obephila ngokubolek­iswa kwiMaritzb­urg United kulokhu le kilabhu inqume ukumgcina. Nokho akekho esikimini esikhulu, ushovwe kotakalani.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa