U-PERCY TAU UFUNWA YI-AL AHLY NGO-R25 MILLION
IMALI izwa enye kwiMamelodi Sundowns njengoba kuvela ukuthi ingase ihlabane ngo-R25 million ngokudayisa uPercy Tau uma sekuvulwe iwindi lokudayiselana ngabadlali ngonyaka zayo.
UTau (23) oyisilomo seDowns neBafana Bafana, usematheni kubathandi bebhola kuleli njengoba edlala ingcwenga yebhola. Ukudlala kwakhe ngokuzikhandla kumdonsele iso lamakilabhu aseEurope okuthiwa afake isicelo sokumthenga.
Nokho angase akhale ngaphansi njengoba kuvela ukuthi iSundo- wns isisamukele isicelo se-Al Ahly yase-Egypt ethembisa ukumthenga ngo-R25 million uma sekuvulwe iwindi lokudayiselana ngabadlali ngonyaka ozayo.
Le kilabhu isanda kuqopha umlando isayinisa uPhakamani Mahlambi (19) obekwiBidvest Wits ngo-R20 million. UMahlambi ungumdlali wokuqala wakuleli ukusayiniswa yikilabhu yaseEgypt. ILANGA lithole ukuthi le kilabhu isayinisa lo mdlali wakuleli nje, yingoba ifuna ukusabalalisa udumo lwayo kuleli.
Ngaphandle kwalokho kuthiwa yelulekwa ngabaxhasi bayo iHua- wei, okuyisikhondlakhondla senkampani yezokuxhumana yaseAsia, ukuba isayinise abadlali balapho imikhiqizo yayo ikhona ukuze kukhule inkampani yabo. Kuthiwa yingakho i-Al Ahly manje izama ukusayinisa uTau ngoba nabaxhasi bayifakela ingcindezi ukuba imsayinise ngoba uthandwa kakhulu kuleli.
Leli phephandaba lishayela uThulani “TT” Thuswa wezokuxhumana kwiDowns ngalolu daba, uthe ubengakabi nalwazi lwalo njengoba izikhulu zingakamutsheli lutho. Uthi nxa sekukhona akwaziyo uzokhipha isitatimende.