Kunyomfeke izinhlelo zomqeqeshi woSuthu
Ushonelwe ngumfowabo ngaphambi komdlalo obucayi
KUPHAZAMISEKE izinhlelo zikaCavin Johnson ongumqeqeshi wamaZulu FC kudlula emhlabeni umfowabo omdala ngaphambi komdlalo omqoka wale kilabhu.
USuthu luzodudulana nomkhaya iMaritzburg United kusasa ngoLwesibili ngo-19h30 eKing Zwelithini Stadium, eMlazi.
Lo mdlalo uthathwa njengomkhulu KwaZulu-Natal njengoba la makilabhu engomakhelwane.
Abadlali bawo bavamise ukungcofana uma kukhona ehluliwe kwazise iningi labo lingabangani.
Nokho uJohnson uzokuya kulo mdlalo esemanzini amnyama njengoba kushone umfowabo omdala ngoMgqibelo ekuseni obexinwe wukugula. Ushona nje, lo mqeqeshi ubehlele ukuyobuka umdlalo weMTN8 phakathi kweMaritzburg ehlulwe yiSuperSport United ngo-20 ngawo uMgqibelo ebusuku eHarry Gwala Stadium, eMgungundlovu. Lo mqeqeshi uphoqelekile ukuphuthuma kubo kwaba wukuphazamiseka kwezinhlelo zakhe.
Ekhuluma naleli phephandaba uJohnson, uthe: “Ukufa komuntu kakuyona into encane, kuyawushaya umqondo.
"Kakulula ukwamukela ukuthi umuntu okhule naye ekweluleka ngempilo ngeke usaphinde umbone. Kangifuni ukuqamba amanga ngiphazamisekile kodwa-ke ngeke ngi- vike ngalokho, kuzofanele siwunqobe lo mdlalo kumnyama kubomvu.
“Njengoba ngingabange ngisaya nje ukuyozibukela iMaritzburg idlala bukhoma ngithumele abalingani bami engethemba ukuthi bazobuya nakho konke esikudingayo ukuze sinqobe lo mdlalo.
Sizozama ngawo wonke amandla ukuthi siwunqobe lo mdlalo emuva kwawo bese ngibuyela ekhaya ukuyoqhubeka namalungiselelo omngcwabo.”
Amathikithi okubuka lo mdlalo aseyatholakala ezikhungweni eziwadayisayo kanti awabesilisa abiza u-R40 kuthi awabesifazane nezingane athengiswe ngo-R20. Abalandeli bayanxuswa ukufika ngobuningi babo kulo mdlalo ukuzofaka abadlali ugqozi.
WINA AWOSUTHU NE-PMB UTD
ILANGA libambisene noSuthu baphisana ngamathikithi ahamba ngamabili okubuka le kilabhu idudulana neMaritzburg United kusasa ngoLwesibili ngo-19h30 eKing Zwelithini Stadium. Ukuzibeka ethubeni ungathumela igama elithi: ku- I-sms ibiza uR1,50 kanti umncintiswano uvalwa namuhla ngoMsombuluko ngo-17h00.