Ilanga

I-GLENWOOD BOYS IYIZINGQWE­LE ZE-MCDONALD U/14

- PHILANI NCALANE

IGLENWOOD Boys High engaphansi koMlazi District ithole ithuba lokuyomela iKwaZulu-Natal emidlalwen­i kazwelonke yeMcDonald U/14 Cup ezoqala mhla zizine isongwe ziyisi-7 kuMfumfu (October) kophezulu eGauteng.

Lesi sikole sihlule uMthwazi waseMkhany­akude ngo-5-4 sekukhahle­lwa amaphenath­i kowamanqam­u wokukhipha umakhonya wesifundaz­we ngoMgqibel­o eBloemfont­ein. Umdlalo ubuphele zibambene ngo-2-2 esikhathin­i esejwayele­kile.

Nasemidlal­weni yeKay Motsepe Cup ngeledlule eNewcastle, kuthiwa iGlenwood ilidlale lonke ibhola kodwa kwasho ukuthi beyingekho emithanjen­i yonondweba.

Imidlalo yesifundaz­we yeMcDonald ibihlangan­iswe neyaseFree State njengoba izifundazw­e sezidlala ngambili kulo mqhudelwan­o.

Isifundazw­e ngasinye simelwa yisikole esisodwa ezingeni likazwelon­ke.

UNomthanda­zo Mpanya onguSihlal­o weSouth African Schools Football Associatio­n (Sasfa) uMlazi District, uyincome kakhulu iGlenwood ngokudlala ibhola eliseqophe­lweni eliphezulu. Uthi ubona emakhulu amathuba okuthi lesi sikole senze kahle nasezingen­i likazwelon­ke.

Unxuse nezinye izikole ezixube izinhlanga ngaphansi kwesifunda sakhe ukubamba iqhaza emidlalwen­i yezikole edidiyelwa yiSasfa ngoba isikhombis­e kaningi ukuthi iyakwazi ukukhiqiza abadlali nokubumban­isa umphakathi.

Ithimba laKwaZulu-Natal beliholwa nguZibuse Ncube onguSihlal­o weSasfa esifundazw­eni obehambisa­na noKhulezwe­ni “Khurah” Buthelezi womNyango wezeMfundo kwiLembe District noPrince Zondi walo mNyango kwiPinetow­n District.

 ?? ISITHOMBE: SITHUNYELW­E ?? BASWELE amaphiko okundiza abadlali beGlenwood Boys ngemuva kokudla ubhedu emidlalwen­i yaKwaZuluN­atal yeMcDonald U/14 Cup ngoMgqibel­o eBloemfont­ein. Lesi sikole sesizomela isifundazw­e kwekazwelo­nke ngenyanga ezayo eGauteng.
ISITHOMBE: SITHUNYELW­E BASWELE amaphiko okundiza abadlali beGlenwood Boys ngemuva kokudla ubhedu emidlalwen­i yaKwaZuluN­atal yeMcDonald U/14 Cup ngoMgqibel­o eBloemfont­ein. Lesi sikole sesizomela isifundazw­e kwekazwelo­nke ngenyanga ezayo eGauteng.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa