Ilanga

UKatsande nekhambi kwiChiefs

Ukhulumela umgadli ongumkhaya wakhe

- SENZO SOKHELA

UWILLARD “Salt & Vinegar” Katsande waseZimbab­we oyinjini yeKaizer Chiefs ubona u-Evans Rusike ( osesithomb­eni) ongumgadli weMaritzbu­rg United engaba yisixazulu­lo enkingeni ebhekene nale kilabhu phambi kwamapali.

IChiefs izodudulan­a neCape Town City kowe-Absa Premiershi­p ngoLwesith­athu ngo-19h30 eCape Town Stadium. IChiefs iya kulo mdlalo nje, umqeqeshi wayo uSteve “Mphathi” Komphela, usenkingen­i njengoba abalandeli bayo bengasamfu­ni.

Bafuna ahambe ngenxa yokuthi le kilabhu kayenzi kahle ngaphansi kobuholi bakhe. Nokho uKomphela ukholwa wukuthi badlala kahle, inkinga ngamagoli anqabayo. Kuphume wonke umuntu kwiChiefs ukuthungat­ha umgadli ozoxazulul­a le nkinga ebhekene nayo.

UKatsande ukholwa wukuthi uRusike angayixazu­lula le nkinga ebhekene nezakhe.

“Kakufanele ukuthi ngabe silokhu siya kude ukuthungat­ha umgadli, umkhaya wami uRusike angayixazu­lula le nkinga esibhekene nayo. Uyalishaya igoli. Kuzofanele ikilabhu izame ukumlanda uma kuvulwa iwindi lokudayise­lana ngabadlali ngoba siyamdinga.

“Nami ngizozama ukukhuluma nabaphathi ngodaba lwakhe ngoba yena sengike ngakhuluma naye washo ukuthi angakujabu­lela uku- zodlala kithina,” kusho uKatsande.

Ephawula ngomdlalo weCity, uthi noma kanjani kufanele bawunqobe ukuvikela uKomphela.

“Ukuhlulwa kwethu kulo mdlalo kuzokwandi­sela umqeqeshi izinkinga njengoba ebhekene nengcindez­i kubalandel­i. Kulele kithina-ke njengabadl­ali ukuthi siyamvikel­a yini kumbe sidayisa ngaye.

"Lo mdlalo ufana nowamanqam­u kufanele noma kanjani siwunqobe ukuze kwehle ulaka kubalandel­i. Wona ngeke ube lula ngoba iCity kayibhenyw­a kodwa sizokulwel­a ukuwunqoba,” kusho uKatsande.

Isiyonke imidlalo yeAbsa Premiershi­p ehlelelwe ukugijinyw­a phakathi nesonto imi kanjena:

NAMUHLA NGOMSOMBUL­UKO

EGoble Park: Free State Stars vs Mamelodi Sundowns 18h00 (SS4).

KUSASA NGOLWESIBI­LI

ELucas Moripe Stadium: SuperSport United vs Platinum Stars 19h30 (SS11).

E-Orlando Stadium: Orlando Pirates vs Ajax Cape Town 19h30 (SS4).

E-Old Peter Mokaba Stadium: Polokwane City vs Bloemfonte­in Celtic 19h30.

ENelson Mandela Bay Stadium: Chippa United vs Baroka FC 19h30.

EKing Zwelithini Stadium: AmaZulu FC vs Maritzburg United 19h30. NGOLWESITH­ATHU EBidvest Stadium: Bidvest Wits vs Golden Arrows 19h30 (SS11).

ECape Town Stadium: Cape Town City FC vs Kaizer Chiefs 19h30 (SS4).

 ?? ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPI­X ?? NGUWILLARD Katsande ongumdlali wasesiswin­i weKaizer Chiefs obona u-Evans Rusike ogijima kwiMaritzb­urg United engaba yisixazulu­lo enkingeni ebhekene nale kilabhu yokwehlule­ka ukushaya amagoli.
ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPI­X NGUWILLARD Katsande ongumdlali wasesiswin­i weKaizer Chiefs obona u-Evans Rusike ogijima kwiMaritzb­urg United engaba yisixazulu­lo enkingeni ebhekene nale kilabhu yokwehlule­ka ukushaya amagoli.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa