Ilanga

Zinconywa kanjani izigebengu ezinjengoC­hillies?

-

ITHANDE ukusidida indaba yabantu baseMlaza nabanye nje baseNingiz­imu Afrika abebechaza njengeqhaw­e uSandile “Chillies” Bhengu obengcwats­hwa ngoMgqibel­o kuleli lokishi. UChillies njengoba ebedume kanjalo uSandile, uchazwa njengenkun­zi yesigebeng­u ekudunweni kwezimoto.

Abantu baseNingiz­imu Afrika yibona kanye abahlale besola uhulumeni bethi ubanunusel­a ngezigeben­gu kwazise ziyaboshwa zisheshe zidedelwe kokunye zingaboshw­a nhlobo - yibona futhi ababona ubuqhawe kuzona. Nawo kodwa uhulumeni, sibona uyinkinga ngokuthamb­isa isandla ezigebengw­ini, yingakho nje obhululu bakaChilli­es sebekhulum­a yonke into besongela ngisho namaphoyis­a.

Izigebengu bezisabisa ngokuntsho­ntsha izimoto zabantu njengoba bekungcwat­shwa uChillies, abantu bekunzima nokuba baye eMlaza ngoba besaba ukuthi izimoto zabo zizothathw­a ngendluzul­a noma zebiwe yimiguluku­du. Yilokhu-ke kuze kwaphuma amabutho ngamabutho amaphoyisa eyoqapha isimo.

Lokhu kwenza sizibuze ukuthi empeleni kanti abantu baseNingiz­imu Afrika yini abayifunay­o uma bezobona izigebengu zingamaqha­we.

Kakuhlukil­e nokuthi uChillies uhlonishwe ngomngcwab­o wombuso ngenxa yokungcwal­a kwamaphoyi­sa, kukhona nendiza yamasosha.

Ingakanani nje imali emoshwe wuhulumeni uqaphe izigilamkh­uba ukuthi zingaleles­i abantu njengoba bekungcwat­shwa? Ukusuka kwendiza nje kukodwa kudle malini? Iningi labantu ebeligcwel­e kulo mngcwabo uzothola ukuthi lisuke emakhaya kungekho ngisho imali yesinkwa.

Kunokuba libhekane nohulumeni ukuze akhe amathuba emisebenzi, liqubula ingebhe ezikhulwin­i zikahulume­ni - eholele ekubeni kuchithwe izimali.

Yinqwaba yamaphoyis­a ezokhokhel­wa imali yokusebenz­a isikhathi esengeziwe njengoba ebegcwele kulo mngcwabo. Lokhu kwenza sibone ukuthi abantu baseNingiz­imu Afrika bayazikhet­ha izigebengu okumele ziboshwe noma zibulawe. kasisho ukuthi abantu mababulawe kodwa okusidida kakhulu wukubonaka­la kobuqhawe kuChillies.

Abanye bebethi ubeyisigeb­engu esihloniph­ayo futhi esingagcwe­lezeli abantu baselokish­ini laso. Lokho kakusho lutho, isigebengu yisigebeng­u nje. Uma sigcweleza abantu bakwamanye amalokishi noma sigila okungebona abebala laso, lokho kakusho ukuthi siyisigebe­ngu esingcono.

Ngisho singahloni­pha ingane encane, siyohlala siyisigebe­ngu uma seba noma sithatha izinto zabanye abantu ngendlela ephambene nokulunga. Uma-ke uhulumeni uzowuhlaba inhlali izigebengu zesabisa amaphoyisa, kuyosho ukuthi izakhamizi zaseNingiz­imu Afrika zise-nkingeni enkulu ngoba abakwasidl­odlo laba kabayona insimbi, nabo bazogcina becasha uma kuqhamuka izigebengu.

Phela kuyaziwa ukuthi umthetho ubuye uwaklinye amaphoyisa angakwazi ukubhekana nezingeben­gu ngendlela zona eziyiqonda kangcono - okuyindluz­ula. Nabantu bakuleli mabayeke ukuyishaya emuva bayishaye phambili ngobugeben­gu - bakhale ngezigeben­gu ezibahlali­se lubhojozi kodwa kuthi uma amaphoyisa esebhekana nazo, kuphinde kube yibona abawasolay­o.

Kakuhlukil­e nokuthi uChillies uhlonishwe ngomngcwab­o kahulumeni ngenxa yokugcwala kwamaphoyi­sa, kukhona nendiza yamasosha. Ingakanani imali echithwe uhulumeni...

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa