Ilanga

NGABE WUSUKU LWAKHO LOKUZALWA NAMUHLA?

-

UDALELWE ukwenza izinto ezinkulu futhi udalelwe ukudlula ebunzimeni ngaphambi kokunqoba. Amagalelo akho ezinhlelwe­ni ezimqoka abukeka ezonika umehluko omkhulu. Uzozibeka phambili eziphathel­ene nomsebenzi wakho. Kokunye kawucophel­eli bese ungena kalula enkingeni..

ARIES (March 21-April 19)

UYABAMBA uyayeka ngezinto eziningi ezikuxinil­e kanti uyazi ukuthi maningi amehlo akubhekile. Kungakubam­bezela kakhulu ukukhala ngamaphuth­a ayizolo kunokuba uqhubekele phambili.

TAURUS (April 20-May 20)

UNESIBINDI sokukhulum­a izinto abanye abesabayo ukuzikhulu­ma. Ukuhluleka kwakho ukuhlela, kungakulah­lekisela ngogazi onalo. Uma ubona ukuthi kukhona usizo ongaluthol­a komunye, ungakwenqe­ni lokho.

GEMINI (May 21-June 21)

KWESINYE isikhathi ubuye umangale uma abaseduze kwakho bekufuna izinto ezingaphez­u kwamandla akho. Uma konke ukuhlele kahle, ngeke uzisole ekugcineni. Uyakwazi ukuvuka uma kade uwile.

CANCER (June 21-July 22)

KUNINGI obonayo ukuthi kuyezwela ngempela enhliziywe­ni yakho ngalesi sikhathi. Imizwa yakho ilawulwa kakhulu yizinhloso zakho. Kufanele weseke njalo izinhloso ezihambisa­na nobulungis­wa.

LEO (July 23-August 22)

KUZOBA nezinkulum­o ezizodunga uthando lwakho okumele uzilindele. Umqondo wakho uvuthwe ngokwanele ekuhlaziye­ni okukhuluny­wa ngabanye. Ubona sengathi umzabalazo wakho omqoka.

VIRGO (Augt 23-Sept 22)

UZOPHOTHUL­A uhambo oluthile oluzokuxhu­manisa nomuntu othile empilweni yakho. Umqondo wakho kudingeka uwusabalal­ise ngendlela ofisa ngayo. Yeka impikiswan­o engqondwen­i ubeke okukodwa okumqoka.

LIBRA (Sept 23-Oct 22)

KUMELE abantu abangenaso isikhathi sakho nawe ungabi naso esabo. Hlukana manje nokuzingab­aza, ukhohlwe ukuthi abanye abasecelen­i bathini ngawe. Funda isifundo esimqoka kuzona zonke izinkinga.

SCORPIO (Oct 23-Nov 21)

KUMELE ubenesikha­thi sokuqondis­a impilo yakho ngezindlel­a eziningi ezahlukene. Uzoba nombono omuhle kakhulu ngokumele ukufeze esikhathin­i esifishane esizayo.

SAGITTARIU­S (Nov 22-Dec 21)

UZOBONA ukuthi izinto kazenzeki ngomlingo kodwa konke kusukela ekukhuthal­eni kwakho nasekwenze­ni izinto ngesikhath­i. Uzobona kahle ukuthi akukho okungenzek­i empilweni. Okucabanga­yo kuzogqama kakhulu ngezenzo.

CAPRICORN (Dec 22-Jan 19)

UNOMTHWALO wokugudluz­a zonke izithiyo empilweni yakho wakhe kabusha isisekelo sempilo yakho. Uzosebenza ngokuzikha­ndla ukuze ukukhuthal­a kwakho kuzogqama nakulabo abaseduze kwakho.

AQUARIUS (Jan 20-Feb 18)

ISIBINDI nokwenza izinto ngokuzethe­mba kungakubek­a kwelinye izinga. Uma uzibona unemikhuba engenambuy­iselo, uzokufikel­a umqondo wokuba uyiguqule.

PISCES (Feb 19-March 20)

UBUYE wenze iphutha ngokubuka impilo yakho lapho ikhona esikhundle­ni sokuyibuka nalapho iphikelele khona. Qaphela ukuthi kawuxovi izinhlelo zakho uze uphelelwe kalula wumfutho. Umbono onawo uzobona uya ngokugqama futhi ukhuthazek­a kakhulu.

 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa