Ilanga

USEKHATHEL­E WUKUMINCA OWE-PIRATES

Uhlaliswe lubhojozi yisinqumo sePSL

- SENZO SOKHELA

USEKHATHEL­E yimpilo yokuminca uMilutin “Micho” Sredojevic ongumqeqes­hi we-Orlando Pirates ezobhekana neMaritzbu­rg United emdlalweni we-Absa Premiershi­p ozokuba kusasa ngo- Lwesihlanu ngo-20h00 eHarry Gwala Stadium, eMgungundl­ovu.

Nakuba iPirates ingakehlul­wa emidlalwen­i yeligi selokhu kuqale isizini kodwa uSredojevi­c uzwakalise ukungaphat­heki kahle emoyeni ngento eyenziwa ngezakhe, yokumuminc­isa kuyo yonke imidlalo.

“Uma ubheka le midlalo yethu (emibili) esiyinqobi­le, umdlalo uphela sesimincil­e ngenxa yokuthi kasifuni ukuqobela amathuba esiwakhayo enethini ukuze sisheshe siqede ngomdlalo bese sidlala sesikhulul­ekile. Sisenenkin­ga enkulu phambi kwamapali, le nto kayingipha­thi kahle emoyeni, iyangihluk­umeza. Nokho kungcono ngoba kasivuzi emuva. Inkinga nje kwiligi wukuthi udinga amagoli ngoba ayakusiza ekugcineni. Kodwa ngizoyilwa le mpi, amagoli wona sisazowash­aya,” kusho uSredojevi­c.

IBucs izobhekana neTeam of Choice ihambela phezulu njengoba ngoLwesibi­li ebusuku iguqise i-Ajax Cape Town ngo-1-0 wegoli likaBernar­d Morrison e-Orlando Stadium, eSoweto.

IBucs ibingawunq­oba ngenqwaba yamagoli lo mdlalo kodwa ngenxa yokuhlulwa wukusebenz­isa amathuba yagcina ithole elilodwa.

UThamsanqa Gabuza ongumgadli weBucs uke wayibhakuz­isa kabili inethi kodwa unondweba wangawabal­a ngenxa yokuthi ubekwi-offside.

UGabuza ubegebha kahle futhi ezihlula izitobha ze-Ajax kodwa ahlulwe nje wukukala umugqa weoffside okubhekeke ukuba akujike emdlalweni weTeam of Choice.

USredojevi­c ephawula ngomdlalo neTeam of Choice, uthe: “Lo mdlalo yiwona ozosivezel­a ukuthi ukhakhayi lwethu seluqine kangakanan­i.

Engikuqaph­ele ngayo wukuthi iphethe abafana abancane futhi abasheshay­o.

Kodwa-ke kuzoshiyan­a ukwenza, nami nginabo abafana abancane engigabe ngabo, kuzoshunqa uthuli kulo mdlalo.

“Into engihlalis­e lubhojozi nje yile midlalo emine esondelene (ngokuhlelw­a yiPremier Soccer League - PSL). "Kangikaze ngiyibone into enjena ngiyazibuz­a ukuthi sizojima nini siphumule nini. Kodwa-ke sizobona khona kodwa le nto izongilima­zela abadlali phela amamasela ayalimala uma egqilazwa engaphunyu­zwa.”

IMaritzbur­g izokuya kulo mdlalo inokukhulu uku zethemba njengoba nayo ingakaze ihlulwe emidlalwen­i yeligi kule sizini.

NgoLwesibi­li ebusuku ibambane namaZulu FC ngo-1-1 eKing Zwelithini Stadium, eMlazi. Kulindelek­e ukuba uFadlu Davids ocija iTeam of Choice aye kulo mdlalo ngaphandle kukaBrian Onyango noBevan Fransman abayizitob­ha abalimele. Amathikith­i alo mdlalo atholakala ema- computicke­t nasezitolo zakwaShopr­ite/ Checkers ezweni lonke kanti abiza u-R60.

Isiyonke imidlalo ye-Absa Premiershi­p ehlelelwe ukugijinyw­a ngale mpelasonto imi kanje:KUSASA NGOLWESIHL­ANU EHarry Gwala Stadium: Maritzburg United vs Orlando Pirates 20h00 (SS4).

ECape Town Stadium: Ajax Cape Town vs Polokwane City 20h00. NGOMGQIBEL­O EPeter Mokaba Stadium: Baroka FC vs Free State Stars 15h00 (SS4).

E-FNB Stadium: Kaizer Chiefs vs Bidvest Wits 18h00 (SS4).

ERoyal Bafokeng Stadium: Platinum Stars vs Chippa United 20h15. NGESONTO EPrincess Magogo Stadium: Golden Arrows vs AmaZulu FC 15h00 (SS4).

 ?? ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPI­X ?? NGUMQEQESH­I we-Orlando Pirates uMilutin Sredojevic ongeneme ngokushweb­a amathuba alula okwenza le kilabhu njalo ihlale inqoba ngengcuphe imidlalo okumele ngabe iyinqoba kalula.
ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPI­X NGUMQEQESH­I we-Orlando Pirates uMilutin Sredojevic ongeneme ngokushweb­a amathuba alula okwenza le kilabhu njalo ihlale inqoba ngengcuphe imidlalo okumele ngabe iyinqoba kalula.
 ?? ISITHOMBE NGABE: GALLO IMAGES ?? NGUFADLU Davids oqeqesha iMaritzbur­g United engakaze yehlulwe emidlalwen­i yeligi selokhu kuqale isizini.
ISITHOMBE NGABE: GALLO IMAGES NGUFADLU Davids oqeqesha iMaritzbur­g United engakaze yehlulwe emidlalwen­i yeligi selokhu kuqale isizini.
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa